Ukufinyelela Inhliziyo Yomntwana
WAKE wazizwa yini udabuka lapho ubona umntwana elingisa imidlalo yokulwa? Leyo midlalo isivamile ngisho nakwabancane kakhulu, njengoba ubudlova buthé chithi saka kwezokuzijabulisa. Ungamsiza kanjani umntwana ukuba alahle amathoyizi empi adlale ngamathoyizi angewona awempi? UWaltraud, uFakazi kaJehova osekuyisikhathi eside eyisithunywa sevangeli e-Afrika, wathola indlela yokusiza omunye umfana ukuba enze lokho.
Ngenxa yempi, uWaltraud kwadingeka ashiye izwe lakubo futhi athuthele kwelinye e-Afrika. Waqala ukufunda iBhayibheli nowesifazane onendodana eneminyaka emihlanu. Njalo lapho evakashele lo mama, wayethola lo mfana edlala ngesibhamu esincane sepulastiki, okuwukuphela kwethoyizi ayenalo. UWaltraud wayengakaze ambone ekhomba okuthile ngaso, kodwa wayehlala esivula esivala, enza sengathi usihlohla izinhlamvu.
UWaltraud wathi kulo mfana: “Werner, uyazi ukuthi kungani ngihlala ezweni lakini? Kungenxa yempi—kwadingeka ngibaleke kwelakithi ukuze ngingabulawa abantu abayingozi ababedubula abanye ngezibhamu ezifana nesakho. Ucabanga ukuthi kuhle ukudubula abanye?”
UWerner waphendula ngokudabuka: “Cha, akukuhle.”
“Ushaye khona,” kusho uWaltraud. Wabe esembuza: “Uyasazi yini isizathu sokunivakashela kwami masonto onke? Kungenxa yokuthi oFakazi BakaJehova bafuna ukusiza abanye abantu ukuba babe nokuthula noNkulunkulu kanye nomakhelwane babo.” Ngemvume kanina, uWaltraud watshela umfana: “Ngicela unginike isibhamu sakho, ngizosilahla futhi ngiyathembisa ukuthi ngizokutholela iloli lokudlala elinamasondo amane.”
UWerner wamnika isibhamu sakhe. Kwadingeka alinde amasonto amane, kodwa lafika ithoyizi lakhe elisha—iloli lokhuni, alamukela ngenjabulo enkulu.
Ingabe uyazinika isikhathi sokuxoxa nabantwana bakho, uzame ukufinyelela inhliziyo yabo ukuze bashukumiseleke ukulahla amathoyizi afana nezikhali zempi? Uma wenza kanjalo, uyobe ubafundisa isifundo esiyobazuzisa ukuphila kwabo konke.