Ukholo Lwakhe Lukhuthaza Abanye
LAPHO uSilvia ezalwa ngo-December 1992, wayebonakala eyintombazanyana engumqemane. Kodwa lapho eseneminyaka emibili, kwatholakala ukuthi une-cystic fibrosis, isifo esingelapheki esibangela izinkinga ezibucayi ezikhulayo zokuphefumula nokugayeka kokudla. Ukuze aphile nalesi sifo, uSilvia uphuza amaphilisi angu-36 nsuku zonke, asebenzise isifutho, futhi alashwe nangokubhucungwa umzimba. Njengoba kusebenza kuphela ingxenye engamaphesenti angu-25 yamaphaphu akhe, kumelwe ahlale exhunywe isigujana somoya-mpilo, ngisho noma eyaphi.
Unina, uTeresa, uthi: “Iyamangalisa nokho indlela uSilvia abhekana ngayo nalesi sifo. Unokholo oluqinile ngenxa yokuthi unolwazi ngemiBhalo. Lolu kholo lumsiza ukuba abhekane ngokuphumelelayo nosizi lwakhe kanye nokuhlukumezeka. Uhlala esikhumbula isithembiso sikaJehova sezwe elisha, lapho bonke abagulayo beyophulukiswa khona.” (IsAmbulo 21:4) Ngezinye izikhathi lapho umkhaya wakubo uzizwa udangele, ukumomotheka kukaSilvia okubonisa ithemba kuyawuvuselela. Uvame ukuthi kubazali bakhe nakumfowabo: “Ezweni elisha siyokukhohlwa konke lokhu kuhlupheka esibhekene nakho manje.”
Njalo uSilvia ushumayeza abanye izindaba ezinhle eziseZwini likaNkulunkulu, futhi abantu axoxa nabo bayaqaphela ukuthi ubuso bakhe buchichima injabulo. Amalungu ebandla lobuKristu ahlanganyela kulo eCanary Island azijabulela kakhulu nezimpendulo zakhe nokumbona eba nengxenye emihlanganweni. Ngemva komhlangano ngamunye, uSilvia uyathanda ukusala ukuze axoxe nabafowabo nodadewabo abangamaKristu. Ukuba kwakhe nobungane nokuhlala eneme kuye kwenza bonke ebandleni ukuba bamthande.
Uyise, u-Antonio, uthi: “USilvia usifundisa isifundo esibaluleke kakhulu sokuthi ngisho noma sinezinkinga, ukuphila kuyisipho esivela kuNkulunkulu, futhi kufanele sikwazise.” NjengoSilvia, zonke izinceku zikaNkulunkulu—ezincane nezindala—zisibheke ngabomvu isikhathi lapho ‘kuyobe kungasekho ohlala khona oyothi: “Ngiyagula.”’—Isaya 33:24.
[Izithombe ekhasini 31]
USilvia ufunda ivesi eBhayibhelini njengoba unina embambele isigujana somoya-mpilo