Imibuzo Evela Kubafundi
Kumelwe siwaqonde kanjani amazwi kaPawulu athi umfelokazi kumelwe abe “umfazi wendoda eyodwa” ukuze afanelekele ukuthola usizo ebandleni lobuKristu?—1 Thimothewu 5:9.
Njengoba umphostoli uPawulu ayekhuluma ngomfelokazi, kusobala ukuthi inkulumo ethi “umfazi wendoda eyodwa” isho isimo sakhe ngaphambi kokuba abe umfelokazi. Ingabe lokhu kusho ukuthi lowo mfelokazi kumelwe kube ukuthi wayeshade kanye kuphela? Noma-ke mhlawumbe amazwi kaPawulu asho okunye?a
Abanye baye basikisela ukuthi uPawulu wayekhuluma ngabafelokazi ababeshade kanye. Kuyiqiniso ukuthi imiphakathi eminingi yayibheka umfelokazi ongaphindi ashade njengolunge ngokukhethekile. Nokho, lo mbono awuvumelani namazwi kaPawulu atholakala kwezinye izincwadi zakhe. Ngokwesibonelo, wakwenza kwacaca kumaKristu aseKorinte ukuthi nakuba ngokubona kwakhe umfelokazi engajabula kakhudlwana ngokuhlala engashadile, “ukhululekile ukuba ashade nalowo amfunayo, kuphela eNkosini.” (1 Korinte 7:39, 40; Roma 7:2, 3) Ngaphezu kwalokho, encwadini ayibhalela uThimothewu, uPawulu wathi: “Ngifisa ukuba abafelokazi abasebasha bashade.” (1 Thimothewu 5:14) Ngakho, umfelokazi wayengagxekwa neze uma ekhetha ukuphinde ashade.
Kufanele siwaqonde kanjani-ke kodwa amazwi uPawulu awabhalela uThimothewu? Inkulumo ethi “umfazi wendoda eyodwa” ivela kuleli vesi kuphela. Olimini lokuqala, ngezwi nezwi isho “owesifazane onomyeni oyedwa.” Kuyathakazelisa ukuthi le nkulumo ithi ayifane nenkulumo yolimi lokuqala ethi “indoda emfazi munye” uPawulu ayisebenzisa kaningi ezincwadini zakhe. (1 Thimothewu 3:2, 12; Thithu 1:6) UPawulu wasebenzisa le nkulumo lapho ebhala izici eziyimfuneko kumaKristu angababonisi nasezincekwini ezikhonzayo. Kulowo mongo, la mazwi ngokuyinhloko asho ukuthi ukuze indoda ifanelekele umthwalo wemfanelo ebandleni lobuKristu, uma ishadile, kumelwe ithembeke kumkayo futhi ukuziphatha kwayo kungasoleki.b Ngaleso sizathu, inkulumo ekweyoku-1 Thimothewu 5:9, ingase isho iphuzu elifanayo: Ukuze umfelokazi afanelekele ukusizwa yibandla, kumelwe kube ukuthi wayeyinkosikazi ezinikele nethembekile kumyeni wayo ngesikhathi esaphila futhi kumelwe abe oziphethe kahle. Ezinye izimfuneko ezashiwo uPawulu zibhekisela kumuntu onjalo kanye.—1 Thimothewu 5:10.
[Imibhalo yaphansi]
a Umkhuba wokugana kowesifazane amadoda amaningi ngesikhathi esisodwa wawungamukeleki esikweni lamaGreki namaRoma osuku lukaPawulu. Ngakho, mancane amathuba okuthi uPawulu wabhalela uThimothewu incwadi ukuze akhulume ngalo mkhuba noma asole noma ubani owayewenza.
b Ukuze uthole indaba exoxa ngaleli phuzu, bheka INqabayokulinda ka-October 15, 1996, ikhasi 17, nesihloko esithi “Imibuzo Evela Kubafundi” kumagazini ka-April 1, 1981, ikhasi 30-1.