Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini
Ingabe UMbuso KaNkulunkulu Usenhliziyweni Yakho?
Abantu abaningi namuhla bakholelwa ukuthi impendulo yombuzo ongenhla inguyebo. Ngokwesibonelo, i-Catholic Encyclopedia ithi: “Umbuso kaNkulunkulu usho ukubusa kukaNkulunkulu ezinhliziyweni zethu.” Abefundisi bavame ukufundisa lo mbono. Ingabe ngempela iBhayibheli lifundisa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uhlala ezinhliziyweni zabantu?
Abanye bacabanga ukuthi uJesu ngokwakhe owavela nomqondo wokuthi uMbuso kaNkulunkulu usezinhliziyweni zabantu. UJesu wakusho ukuthi: “Bhekani! Umbuso kaNkulunkulu uphakathi kwenu.” (Luka 17:21) Ezinye izinguqulo zithi lapha: “Umbuso kaNkulunkulu uphakathi kini” noma “ungaphakathi kini.” Ingabe lezo zinguqulo ziwahumusha ngokunembile amazwi kaJesu? Ingabe ngempela wayesho ukuthi uMbuso kaNkulunkulu usezinhliziyweni zabantu?
Okokuqala, cabanga ngalokho inhliziyo yomuntu eyikho. Lapho kukhulunywa ngayo eBhayibhelini, inhliziyo engokomfanekiso isho umuntu wangaphakathi, umsuka wemicabango, isimo sengqondo nemizwa yomuntu. Umbono wokuthi into ephakeme kakhulu njengoMbuso kaNkulunkulu ihlala enhliziyweni yomuntu—ngokwesibonelo, ishintsha abantu noma ibenze babe ngcwele—ungase uzwakale ukhanga, kodwa ingabe unengqondo?
IBhayibheli liyasitshela: “Inhliziyo ikhohlisa ngaphezu kwanoma yini enye futhi yenza ngokuphelelwa yithemba.” (Jeremiya 17:9) UJesu ngokwakhe wathi: “Ngaphakathi, enhliziyweni yabantu, kuphuma imicabango emibi: ubufebe, ukweba, ukubulala, ukuphinga, ukukhanuka, izenzo zobubi.” (Marku 7:20-22) Ake ucabange: Ingabe usizi olusakazeke kangaka ezweni namuhla alubangelwanga yizinhliziyo zabantu ezinesono? Khona-ke kungenzeka kanjani ukuba uMbuso kaNkulunkulu ophelele uvele emthonjeni onjalo? Eqinisweni, inhliziyo yomuntu ibingasoze yaveza uMbuso kaNkulunkulu njengoba nje namakhakhasi abengeke aveze amakhiwane.—Mathewu 7:16.
Okwesibili, cabanga ngabantu uJesu ayekhuluma nabo lapho ekhuluma amazwi atholakala kuLuka 17:21. Ivesi elandulela leli lithi: “Lapho ebuzwa abaFarisi ukuthi umbuso kaNkulunkulu uza nini, wabaphendula.” (Luka 17:20) AbaFarisi babeyizitha zikaJesu. UJesu wathi labo bazenzisi babengeke bangene eMbusweni kaNkulunkulu. (Mathewu 23:13) Ngakho uma abaFarisi babengeke bangene eMbusweni kaNkulunkulu, ingabe uMbuso wawungaba sezinhliziyweni zabo? Akunakwenzeka! Pho wayesho ukuthini uJesu?
Lapho zihumusha la mazwi kaJesu, izinguqulo zeBhayibheli eziningi ezicophelelayo zisebenzisa amazwi afana nalawo atholakala e-Nguqulweni Yezwe Elisha. Ezinye zithi uMbuso “uphakathi kwenu.” Wawuphakathi kwabantu kanjani uMbuso kaNkulunkulu ngaleso sikhathi, kuhlanganise nabaFarisi? KwakunguJesu owayemiswe uJehova uNkulunkulu ukuba abe iNkosi yalowo Mbuso. Njengoba ayemiselwe ukuba yiNkosi, uJesu wayephakathi kwalabo bantu. Wafundisa ngoMbuso kaNkulunkulu futhi wenza nezimangaliso, ebabonisa amazwibela alokho okwakuyofezwa yilowo Mbuso. Ngakho-ke, ngempela uMbuso wawuphakathi kwabo.
Kuyacaca ukuthi ayikho imiBhalo esekela umbono wokuthi uMbuso kaNkulunkulu usezinhliziyweni zabantu. Kunalokho, uwuhulumeni wangempela, oyoletha ushintsho olukhulu emhlabeni, njengoba nje abaprofethi babikezela.—Isaya 9:6, 7; Daniyeli 2:44.