Ingabe Bewazi?
Kungani uJesu aphulukisa indoda eyayiyimpumputhe kancane kancane?
KuMarku 8:22-26, sifunda ukuthi uJesu waphulukisa indoda eyimpumputhe eBhetsayida. Ukulandisa kuthi uJesu waqale wagcoba amehlo ale ndoda ngamathe wabe eseyibuza ukuthi iyabona yini. Impendulo yale ndoda yabonisa ukuthi yayididekile ngandlela-thile: “Ngibona abantu, ngoba ngibona okusengathi yizihlahla, kodwa kuyahambahamba.” UJesu wabe esethinta amehlo ale ndoda futhi, kwaba nalo mphumela: “Lo muntu wabona ngokucacile, waphila, futhi wayebona konke ngokugqamile.” Kusobala ukuthi uJesu waphulukisa le ndoda kancane kancane, noma ngezigaba. Ngani?
IBhayibheli aliphenduli ngokugcwele, kodwa singase sicabangele incazelo okungenzeka ukuthi ithinta lesi simo. Ukubona okokuqala ngqa ngemva kokuba impumputhe iminyaka—noma ngisho nokuphila konke—kusho ushintsho olukhulu. Ngokwesibonelo: Kunamahhashi ayevame ukugcinwa ezimayini ukuze asebenze khona. Agcina ejwayele ubumnyama kangangokuba lapho ekhishelwa ngaphandle, kwakudingeka usuku lonke ukuze ajwayelane nokukhanya. Lapho umuntu kade eyimpumputhe, kungadingeka isikhathi eside nakakhulu. Ezikhathini zanamuhla, odokotela abahlinzayo baye bakwazi ukulungisa izinkinga zamehlo ezimpumputhe, zakwazi ukubona futhi. Kodwa labo bantu baye bakhungathekiswa ukwaziswa okuningi amehlo abo akuthumela ebuchosheni. Bedidwe yimibala, isimo sezinto nokubukeka kwazo, baye bazithola bedidekile futhi bengakwazi ukubona ngisho nezinto abazijwayele. Ngokuhamba kwesikhathi, ubuchopho buyafunda ukuqaphela izinto ezibonwa amehlo.
Ukuphulukisa kukaJesu le ndoda eyimpumputhe ngezigaba kwakuyisibonakaliso sokuyikhathalela kothando. Ekugcineni, le ndoda ‘yabona konke ngokugqamile,’ yakuqonda ngokuphelele konke eyayikubona.
Osukwini lukaJesu, kungani ukufunda umqulu kwakuwumsebenzi ongaka?
Amakhasi avamile okwakwenziwa ngawo imiqulu ayengamasentimitha angu-23 kuya kwangu-28 ubude namasentimitha angu-15 kuya kwangu-23 ububanzi. Amakhasi amaningi ayehlanganiswa ngengcina noma athungwe ngentambo yelineni. Ngezinye izikhathi, kwakusetshenziswa amakhasi amade. UMqulu Ka-Isaya WasoLwandle Olufile wawunamakhasi esikhumba angu-17, angaba yingqikithi yamamitha angu-7 ubude, ngokwendlela olondolozwe ngayo namuhla. Umqulu ka-Isaya uJesu awusebenzisa esinagogeni eNazaretha kungenzeka wawunobude obufanayo.—Luka 4:16, 17.
Ekhuluma ngalokhu kulandisa encwadini yakhe ethi Discoveries From the Time of Jesus, u-Alan Millard uthi: “Umfundi wayebamba incwadi [umqulu] ayivule ngesandla sakhe sokunxele, abambe ingxenye engaphandle ngesokudla elokhu ewugoqa njengoba efunda, uhlu nohlu. Ukuze afike ku-Isaya 61, isahluko asifunda esinagogeni, uJesu kwakuyodingeka ukuba avule cishe wonke umqulu aphinde awugoqe.”
Ngaleso sikhathi, incwadi ka-Isaya yayingahlukanisiwe ngezahluko namavesi ngendlela esiyazi ngayo namuhla. Lapho uJesu enikwa umqulu ka-Isaya esinagogeni eNazaretha, kwadingeka ukuba athole indima manje ephawulwe njengo-Isaya 61:1, 2 emaBhayibhelini ethu. UJesu ‘wayithola kalula leyo ndawo,’ okubonisa indlela ayejwayelene ngayo neZwi likaNkulunkulu.