Icebo Lamacebo
IZINSIZWA ezintathu zaseCentral Africa zazifuna ukuya emhlanganweni wesigodi ezweni lazo. Zazizofika kanjani? Indawo yomhlangano yayiqhele ngamakhilomitha angaba ngu-90, imigwaqo iwubhuqu futhi imibi, kanti zazingenayo nento yokuhamba. Zanquma ukuboleka amabhayisikili amathathu kodwa aziwatholanga ayesesimweni esihle.
Umdala ebandleni lendawo wezwa ngenkinga yazo futhi wathi angaziboleka elakhe—elidala kodwa elalisasebenza. Wazichazela lokho yena nabanye abakwenza esikhathini esidlule ukuze baye emhlanganweni. Lo mdala wasikisela ukuba basebenzise ibhayisikili elilodwa. Wasikisela isixazululo esilula kodwa esiyinselele. Sasizosebenza kanjani?
Ukuze bagweme ukushisa kwelanga, laba bazalwane abasebasha bahlangana ekuseni kakhulu, balayisha imithwalo yabo ebhayisikilini. Owokuqala wahamba ngebhayisikili phambili, ababili balandela ngezinyawo behamba ngokushesha. Ngemva kwamamitha angaba ngu-500, owayehamba ngebhayisikili wayema alincikise esihlahleni. Wayeqiniseka ukuthi ulimisa endaweni laba abanye abangalibona kuyo ukuze kungabi namuntu “olibolekayo.” Lona wokuqala wayebe esehamba ngezinyawo.
Lapho laba ababili befika ebhayisikilini, oyedwa wayeligibela, omunye aqhubeke ehamba amanye amamitha angaba ngu-500, bese kuba ithuba lakhe. Ngakho, ngokuhlela kahle nangokuzimisela, laba bazalwane bakwazi ukunciphisa amakhilomitha abawahamba ngezinyawo kusuka kwangu-90 kuya kwangu-60. Lokhu kwakuwufanele umzamo. Bakwazi ukuba kanye nabafowabo nodadewabo abangamaKristu emhlanganweni futhi bajabulela idili elingokomoya. (Dut. 31:12) Kulo nyaka, ingabe uzokwenza konke ongakwenza ukuze uye emhlanganweni wesigodi endaweni yakini?