Izenzakalo Zosuku Lwethu Ezabikezelwa
IBHAYIBHELI libikezela ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uzoletha ukuthula nenjabulo ehlala njalo emhlabeni. (Daniyeli 2:44) Emthandazweni kaBaba Wethu noma weNkosi, uJesu wafundisa abafundi bakhe ukuba bathandaze: “Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.” (Mathewu 6:10) Esiprofethweni sakhe esiphawulekayo asinikeza abafundi bakhe eNtabeni Yeminqumo, uJesu wabikezela izenzakalo ezithile nezimo ezaziyokwandulela ukufika kwalowo Mbuso. Zonke lezi zenzakalo ziwuphawu olwaluyocaca kubo bonke abazibonayo abanhliziyo ziqotho. Zingaki izenzakalo ezilandelayo zalolu phawu osuke wazibona mathupha?
Izimpi Zomhlaba Wonke. UJesu wabikezela: “Isizwe siyovukela isizwe nombuso uvukele umbuso.” (Mathewu 24:7) Ngaphambi kwempi yezwe yokuqala ngo-1914, izimpi zazivame ukuba sezindaweni ezithile kuphela. IMpi Yezwe I ayizange ihlanganise izingxenye ezinkulu zomhlaba kuphela kodwa yabhebhethekisa nokwakhiwa kwezikhali eziyingozi ngaphezu kwanoma iziphi ezake zaziwa yisintu. Ngokwesibonelo, kwasetshenziswa izindiza ezazisanda kwakhiwa ekuqhumiseni abantu ngamabhomu. Ukwakhiwa kwezikhali ngobuningi kwakhuphula izinga lokufa kwabantu ngendlela eyayingakaze icatshangwe ngaphambili, njengoba kwafa noma kwalimala amasosha angaba izigidi ezingu-65 ayebuthelwe empini. Kodwa, njengoba ikhulu lama-20 laliqhubeka, ukubulawa kwezigidi zabantu kwadlondlobala. Esinye isazi-mlando sathi amasosha nabantu abavamile abafa ngeMpi Yezwe II “akunakwaziwa ngempela ukuthi bangaki kuze kube phakade.” Futhi izimpi ziyaqhubeka kuze kube manje.
Indlala Emhlabeni Wonke. UJesu wabikezela: “Kuyoba khona ukusweleka kokudla.” (Mathewu 24:7) Ngo-2005, umagazini i-Science wathi: “Kunabantu abayizigidi ezingu-854 emhlabeni (cishe amaphesenti angu-14 abo bonke abantu abaphilayo) abangondlekile noma ababulawa yindlala.” Ngo-2007, umthombo weZizwe Ezihlangene wabika ukuthi amazwe angu-33 awanakho ukudla okwanele kokondla izakhamuzi zawo. Kwenzeka kanjani lokhu, kuyilapho umkhiqizo wokusanhlamvu wanda emhlabeni wonke? Phakathi kokunye, umhlaba nokusanhlamvu obekungase kondliwe ngakho abantu kusetshenziswa ekwenzeni uphethiloli wezimoto. Iphephandaba laseNingizimu Afrika i-Witness liyabika: “Ukuze kwenziwe uphethiloli odingekayo ekugcwaliseni ithange lemoto enkulu edonsa ngawo wonke amasondo kanye nje kuphela kudingeka okusanhlamvu okungondla umuntu oyedwa unyaka wonke.” Nasemazweni athuthukile, ukwenyuka kwentengo yokudla kuphoqelela abaningi ukuba bakhethe phakathi kokuthenga ukudla noma ukukhokhela ezinye izidingo, ezinjengemithi yokwelapha noma ugesi.
Ukuzamazama Okukhulu Komhlaba. UJesu wathi: “Kuyoba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba.” (Luka 21:11) Uma kuwena kubonakala sengathi sebebaningi abantu abahlaselwa ukuzamazama komhlaba kunanini ngaphambili, uqinisile. Ngo-2007, isazi saseNdiya sokuzamazama komhlaba uR. K. Chadha sathi: “Sesibona ukwanda kokuzamazama emhlabeni wonke singalindele. Akekho owaziyo ukuthi kungani.” Ngaphezu kwalokho, ukwanda kwabantu ngokushesha ezindaweni ezithandwa ukuzamazama komhlaba kuye kwandisa isibalo sabantu ababulawa yilezi zinhlekelele. Ukuzamazama komhlaba okwagadla e-Indian Ocean ngo-2004 kanye ne-tsunami eyalandela kwenza lowo nyaka waba “ohamba phambili ekufeni kwabantu eminyakeni engaba ngu-500 yokuzamazama komhlaba” futhi “waba ngowesibili okwafa kuwo abantu abaningi emlandweni ogciniwe,” ngokwe-U.S. Geological Survey.
Izifo Ezingalapheki. UJesu wabikezela ukuthi: ‘Kuyoba khona izifo eziwumshayabhuqe.’ (Luka 21:11) Emhlabeni wonke, izifo ezindala nezintsha zigulisa abantu abaningi ngokwengeziwe futhi awatholakali amakhambi obekunethemba lokuthi azotholakala. Ngokwesibonelo, imigomo yamazwe omhlaba yokuqeda umalaleveva iye yabhuntsha ngokuphindaphindiwe ngenxa yokuthi abantu abakwazi ukusilawula lesi sifo. Ngaphezu kwalokho, izigidi zibulawa izifo ezindala, kuhlanganise nesifo sofuba (TB), manje esihambisana nengculaza nezinye izifo ezintsha. I-World Health Organization iyabika: “Ingxenye eyodwa kwezintathu yabantu emhlabeni wonke njengamanje inegciwane le-TB.” Le nhlangano iphawula nokuthi isandulela-ngculaza sinomthelela obhadaneni lwesifo sofuba emazweni amaningi. Njalo ngomzuzwana, umuntu oyedwa ungenwa isifo sofuba, futhi siya ngokuya siba nenkani emithini yokuselapha. Umagazini i-New Scientist wabika ukuthi ngo-2007 isiguli esithile eYurophu kwahlonzwa ukuthi sinesifo sofuba “esimelana nayo yonke imithi yokuselapha.”
Ukuwohloka Kwesimilo Nezenhlalo. UJesu wathi: “Ngenxa yokwanda kokwephulwa komthetho uthando lwabaningi luyophola.” (Mathewu 24:12) Ngaphandle kwalokho uJesu akubikezela, umphostoli uPawulu wakhomba phambili ekuwohlokeni kwezindinganiso zezenhlalo nesimilo. Wachaza “izinsuku zokugcina” ezinzima ezaziyoba khona ngaphambi nje kokuba uMbuso kaNkulunkulu uqede lesi simiso sezwe. “Abantu bayokuba abazithandayo, abathanda imali, abazazisayo, abazidlayo, abahlambalazi, abangalaleli abazali, abangabongiyo, abangathembeki, abangenalo uthando, abangafuni sivumelwano, abanyundeli, abangenakho ukuzithiba, abanolaka, abangenalo uthando lokuhle, abakhapheli, abanenkani, abakhukhumele, abathandi benjabulo kunokuba abathandi bakaNkulunkulu, abanesimo sokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kodwa bewaphika amandla ako.” (2 Thimothewu 3:1-5) Awukaqapheli yini ukuthi abantu babonisa lezi zici ezimbi kakhulu kunangaphambili?
UJesu noPawulu abazange babale zonke izici zezomlando, zezenhlalo nezombangazwe ezibangela lezi zimo zezwe. Noma kunjalo, iziprofetho zabo zazibikezela ngokunembile izenzakalo nesimo sengqondo sabantu esisibona namuhla. Kuthiwani ngesikhathi esizayo? Isiprofetho sika-Isaya esabikezela ngokunembile ukuza kukaMesiya sachaza nezinguquko ezizuzisayo eziyolethwa uMbuso kaNkulunkulu emhlabeni. Ake sixoxe ngazo esihlokweni esilandelayo.
[Isithombe ekhasini 6]
“Isizwe siyovukela isizwe”
[Isithombe ekhasini 7]
“Kuyoba khona . . . izifo eziwumsha-yabhuqe”
[Umthombo]
© WHO/P. Virot