Sondela KuNkulunkulu
Umthandi Wobulungisa
INGABE wake waba isisulu sokuhlukunyezwa noma ukuphathwa kabi, mhlawumbe ngothile okwakubonakala sengathi akasitholi isijeziso futhi akaphenduki? Zimbalwa izinto okungaba nzima ukubhekana nazo kunokungabi nabulungisa okunjalo, ikakhulukazi uma ubuhlungu bubangelwa othile obulindele ukuba akuthande noma akunakekele. Ungase uzibuze, ‘Kungani uNkulunkulu evumela izinto ezinjalo ukuba zenzeke?’a Iqiniso liwukuthi uJehova uNkulunkulu ukuzonda konke ukungabi nabulungisa. IZwi lakhe, iBhayibheli, liyasiqinisekisa ukuthi abenzi besono abanezinhliziyo ezilukhuni ngeke baphunyule ekwahlulelweni kwaphezulu. Ake sicabangele amazwi omphostoli uPawulu alotshwe kweyamaHebheru 10:26-31.
UPawulu uyabhala: “Uma senza isono ngamabomu ngemva kokuba sesamukele ulwazi olunembile lweqiniso, awusekho umhlatshelo wesono osele.” (Ivesi 26) Abantu abenza isono ngabomu banecala ngempela. Ngani? Okokuqala, abasenzi isono ngenxa yobuthakathaka bangaleso sikhathi—okuyiphutha sonke esilenzayo ngezinye izikhathi ngenxa yokungapheleli. Basenza umkhuba isono. Okwesibili, basuke bekuhlosile ukwenza izono. Njengoba i-Bible in Basic English isho, “benza ububi ngenhloso.” Izinhliziyo zabo zigxile ebubini. Okwesithathu, izono zabo azibangelwa ukuntula ulwazi. ‘Banolwazi olunembile lweqiniso’ ngentando kaNkulunkulu nezindlela zakhe.
UNkulunkulu uzibheka kanjani izoni ezingaphenduki, ezilukhuni? UPawulu uthi: “Awusekho umhlatshelo wesono osele.” Umhlatshelo kaKristu—isipho uNkulunkulu asinika isintu—umboza izono esizenza ngenxa yokungapheleli. (1 Johane 2:1, 2) Kodwa labo abenza isono ngaphandle kokuphenduka babonisa ukuthi abasigqizi qakala lesi sipho esiyigugu. Emehlweni kaNkulunkulu, baye ‘banyathela iNdodana kaNkulunkulu futhi balibheka njengento evamile igazi’ likaJesu. (Ivesi 29) Ngenkambo yabo, babonisa ukuthi bayamdelela uJesu futhi baphatha igazi lakhe “njengento eshibhile,” njengokungathi elanoma imuphi umuntu ongaphelele. (Today’s English Version) Abantu abanjalo abangabongiyo ngeke bazuze emhlatshelweni kaKristu.
Yini ababi abangayilindela? UNkulunkulu wobulungisa uthembisile: “Impindiselo ingeyami; ngizobuyisela mina.” (Ivesi 30) Bonke abazimisele ukusenza umkhuba isono, balimaze abanye, mabaqaphele. Akekho umuntu ongaphula imithetho kaNkulunkulu yokulunga angasitholi isijeziso. Ngokuvamile, izindlela zabo ezimbi ziyabafica. (Galathiya 6:7) Ekugcineni, bazokuma phambi kukaNkulunkulu maduzane lapho ezosusa konke ukungabi nabalungisa emhlabeni. (IzAga 2:21, 22) UPawulu uyaxwayisa: “Kuyinto esabekayo ukuwela ezandleni zikaNkulunkulu ophilayo.”—Ivesi 31.
Ukwazi ukuthi uJehova uNkulunkulu akasishalazeli isono sangamabomu kuyaduduza futhi kuyaqinisekisa, ikakhulukazi kulabo abaye balinyazwa umenzi wobubi onhliziyo lukhuni. Singashiyela ukuphindisela ububi ngokuphelele ezandleni zikaNkulunkulu, okuzondayo konke ukungabi nabalungisa.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ukuthi kungani uNkulunkulu evumele ukuhlupheka, bheka amakhasi 106-114 encwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.