‘Izinto Azenza Zimlandele’
UTHEODORE JARACZ, ilungu leNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova, waqeda inkambo yakhe yasemhlabeni ngoLwesithathu ekuseni, ngo-June 9, 2010. Wayeneminyaka engu-84 ubudala, futhi ushiya umkakhe uMelita ayeseshade naye iminyaka engu-53. Abanye abashiyile bahlanganisa udadewabo omdala nabashana abathathu.
UMfoweth’ uJaracz wazalwa ngo-September 28, 1925, ePike County, eKentucky, e-U.S.A., futhi wabonakalisa ukuzinikezela kwakhe kuJehova eneminyaka engu-15, ngo-August 10, 1941. Ngemva kweminyaka emibili, eneminyaka engu-17, waba iphayona elivamile, eqala umsebenzi wokuphila kwakhe konke owathatha iminyaka ecishe ibe ngu-67 enkonzweni yesikhathi esigcwele.
Ngo-1946, eneminyaka engu-20, uMfoweth’ uJaracz waba sekilasini lesi-7 le-Watchtower Bible School of Gilead. Ngemva kokuthweswa iziqu, wabelwa ukuba ayokhonza njengombonisi ojikelezayo eCleveland, e-Ohio, indawo ese-United States. Ngo-1951, wabelwa egatsheni lase-Australia, lapho afike wakhonza khona njengenceku yegatsha. INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-1983 yesiNgisi yabika ukuthi uMfoweth’ uJaracz “wabakhuthaza kakhulu abazalwane kulo lonke lelo zwe ngokushisekela kwakhe ukuhleleka okungokwasezulwini nangokuhola kahle ensimini.”
Ngemva kokubuyela e-United States, washada noMelita Lasko ngo-December 10, 1956. Baqala ukuphila kwabo njengombhangqwana emsebenzini wokujikeleza, bekhonza ngenkuthalo izifunda nezigodi ezihlanganisa ingxenye enkulu ye-United States. Ngasekupheleni kuka-1974, uMfoweth’ uJaracz wamenyelwa ukuba abe ilungu leNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova.
UMfoweth’ uJaracz uyohlale ekhunjulwa njengenceku kaJehova ezinikezele neqotho, egxile ngenhliziyo yayo yonke emisebenzini engokwasezulwini. Wayengumyeni onothando nokhathalelayo futhi engumuntu ongokomoya obeka izithakazelo zabanye ngaphambi kwezakhe. (1 Kor. 13:4, 5) Lesi sithakazelo esiqotho sasiboniswa ukukhathalela kwakhe okujulile ukuba bonke abantu baphathwe ngokungenzeleli nangesihe. Ngaphezu kwalokho, uthando lwakhe olungapheli nokukhathalela abantu kwakubonakala endleleni ayeshisekela ngayo inkonzo yasensimini.
Nakuba sidabuka kakhulu ngokushiywa ilungu lomkhaya waseBethel nelungu lobuzalwane bethu bomhlaba wonke ebelizikhandla futhi linothando, siyajabula ngenkonzo yoMfoweth’ uJaracz yokwethembeka kuJehova amashumi amaningi eminyaka. Siyaqiniseka ukuthi uye ‘wazibonakalisa ethembekile kwaze kwaba ngisho nasekufeni nokuthi usewutholile umqhele wokuphila.’ (IsAm. 2:10) Siyaqiniseka nangokuthi ‘izinto azenza zimlandele.’—IsAm. 14:13.