IBhayibheli Lishintsha Ukuphila
YINI eyashukumisa umuntu owayethanda umculo we-punk rock—umculo onesigqi esinamandla nenhlamba—nowayewunkom’ idla yodwa ukuba afunde ukuthanda abantu futhi afune ukubasiza? Yini eyakhuthaza indoda yaseMexico ukuba iyeke ukuziphatha okuyichilo? Kungani umlisa owayedl’ ubhedu emijahweni yama-bhayisikili ayeka lo mdlalo ukuze akhonze uNkulunkulu? Bayachaza.
“Ngangiluhlaza, Ngikhukhumele Futhi Nginolaka.”—UDENNIS O’BEIRNE
UNYAKA AZALWA NGAWO: 1958
IZWE AZALELWA KULO: INGILANDI
UMLANDO: NGANGIWUNKOM’ IDLA YODWA FUTHI NGITHANDA UMCULO WE-PUNK ROCK
UKUPHILA KWAMI: Umndeni wakubo kababa udabuka e-Ireland futhi ngakhuliswa ngenkambiso yase-Ireland. Ekhaya sasingamaKatolika kodwa ngangiya ngedwa esontweni futhi ngangingakuthandi lokho. Nganginesifiso esikhulu sokwazi ngoNkulunkulu. Njalo ngangithandaza umthandazo obizwa ngokuthi uBaba Wethu Osezulwini futhi ngikhumbula ukuthi ngangike ngizibuze ebusuku uma ngilele ukuthi kazi usho ukuthini. Ngangiwucaza ngezingxenyana ngizame ukuthola ukuthi ingxenye ngayinye isho ukuthini.
Lapho sengiyibhobhodleyana, ngaba yi-Rasta. Ngafisa nokwazi kabanzi ngezinhlangano ezithile zombusazwe, njenge-Anti-Nazi League. Kodwa ngajoyina iqembu le-punk rock futhi ngaba yihlongandlebe. Ngaqala ukudla izidakamizwa, kodwa ngangibhema kakhulu insangu. Cishe ngangiyibhema nsuku zonke. Ngaba nesimo sengqondo sokungabi nandaba, ngaphuza kakhulu, ngafaka ukuphila kwami engozini futhi ngangingenamsebenzi nabanye nabantu. Ngangiwunkom’ idla yodwa, ngingaxoxi namuntu ngaphandle kwalapho ngibona sengathi leyo ngxoxo inenjongo. Ngangingafuni nokuthathwa izithombe. Uma ngibheka emuva, ngiyabona ukuthi ngangiluhlaza, ngikhukhumele futhi nginolaka. Nganginomusa kuphela kubantu engisondelene nabo.
Lapho sengineminyaka engaba ngu-20, ngaba nothando ngeBhayibheli. Umngane wami owayeshushumbisa izidakamizwa waqala ukufunda iBhayibheli ngesikhathi esejele futhi saxoxa kabanzi ngenkolo, iSonto nendima kaSathane emhlabeni. Ngathenga iBhayibheli ngaqala ukuzifundela lona. Mina nomngane wami sasifunda izindima ezithile eBhayibhelini, sihlangane ukuze sixoxe ngalokho esikufundile bese sifika eziphethweni ezithile. Lokhu sakwenza izinyanga eziningi.
Nazi ezinye iziphetho esafinyelela kuzo ngemva kokufunda iBhayibheli: siphila ezinsukwini zokugcina zaleli zwe; amaKristu kufanele ashumayele izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu; akufanele abe yingxenye yaleli zwe kuhlanganise nokuzigaxa kwezombusazwe; iBhayibheli lifundisa izindlela zokuziphatha ezinengqondo. Kwasikhanyela ukuthi iBhayibheli liyiqiniso nokuthi kumelwe ukuba ikhona inkolo yeqiniso. Kodwa sasingazi ukuthi yiyiphi? Sacabanga ngamasonto amakhulu athanda ukubukisa nathanda imikhosi emikhulu, kuhlanganise nokuzigaxa kwawo kwezombusazwe, futhi saqaphela ukuthi uJesu wayengazenzi zonke lezo zinto. Sabona ukuthi uNkulunkulu akawasebenzisi la masonto, ngakho sanquma ukuhlola izinkolo ezincane ukuze sibone ukuthi zona zinjani.
Sasihlangana namalungu alezo zinkolo siwabuze imibuzo eminingana. Njengoba sasizazi izimpendulo eziseBhayibhelini zaleyo mibuzo, kwakuba lula ukubona ukuthi aphendula lokho okushiwo yiZwi likaNkulunkulu noma cha. Njalo ngemva kwaleyo mihlangano, ngangithandaza kuNkulunkulu ngithi, ‘Uma laba bantu besenkolweni yeqiniso, ngicela ungishukumisele ukuba ngizihlanganise nabo.’ Kwadlula izinyanga siba nemihlangano nalezo zinkolo kodwa asiyitholanga inkolo ephendula imibuzo yethu ngeBhayibheli. Ngadikila ngangafuna ukuqhubeka ngifuna ezinye.
Ekugcineni, mina nomngane wami sahlangana noFakazi BakaJehova. Nabo sababuza imibuzo efanayo, kodwa basebenzisa iBhayibheli lapho besiphendula. Lokho abakusho kwakuvumelana nalokho esase sikufundile kakade. Ngakho, sababuza neminye imibuzo esasingakazitholi izimpendulo zayo eBhayibhelini—ngokwesibonelo, sabuza ukuthi uyini umbono kaNkulunkulu ngokubhema nokudla izidakamizwa. Nakulo mbuzo, basebenzisa iZwi likaNkulunkulu ukuze basiphendule. Lapho besimemela emhlanganweni eHholo LoMbuso savuma.
Kwakunzima kimi ukuya emhlanganweni ngoba ngangingabathandi nhlobo abantu. Ngangingakhululeki lapho ngibingelelwa yibo bonke labaya bantu abanobungane nabagqoke ngesizotha. Nganginomuzwa wokuthi abanye banezisusa ezingafanele ngakho angizange ngisathanda ukuphinde ngiye kweminye imihlangano. Kodwa njengenhlalayenza, ngathandaza kuNkulunkulu ngamcela ukuba angiphe isifiso sokuba ngiphinde ngiye kulabaya bantu uma besenkolweni yeqiniso futhi ngaba nesifiso esinamandla sokutadisha iBhayibheli noFakazi.
INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI: Ngangazi ukuthi kufanele ngiyeke izidakamizwa, futhi ngakwazi ukuziyeka ngokushesha. Into okwaba nzima kakhulu ukuyiyeka ugwayi. Ngazama kaningana ukuwuyeka, kodwa ngehluleka. Lapho ngizwa ngabathile abavele bawuyeka ngaphandle kobunzima, ngakhuluma noJehova ngale ndaba. Ekugcineni, uJehova wangisiza ukuba ngiwuyeke. Ngafunda ukubaluleka kokumvulela isifuba, ngingamfihleli lutho.
Olunye ushintsho olukhulu okwadingeka ngilwenze lwaluphathelene nokugqoka nokuzilungisa. Mhla ngiqala ukuya eHholo LoMbuso, ngangikame izinwele zabheka phezulu futhi ngizidaye ngombala oluhlaza okwepigogo. Kamuva, ngazidaya ngombala osawolintshi. Ngangigqoka ubhogadi nebhantshi lesikhumba elalibhalwe amazwi athile kulo. Ngangingasiboni isidingo sokushintsha, ngisho nalapho oFakazi bengeluleka ngomusa. Kodwa ekugcineni ngacabanga ngeyoku-1 Johane 2:15-17 ethi: “Ningalithandi izwe noma izinto ezisezweni. Uma umuntu ethanda izwe, uthando lukaBaba alukho kuye.” Ngabona ukuthi indlela engibukeka ngayo yayibonisa ukuthi ngithanda leli zwe nokuthi kudingeka ngishintshe ukuze ngibonise ukuthi ngithanda uNkulunkulu. Nangempela, ngakwazi ukukwenza lokho.
Ngokuhamba kwesikhathi, ngabona ukuthi kwakungebona oFakazi BakaJehova kuphela abafuna ngiye emihlanganweni yobuKristu. Incwadi yamaHebheru 10:24, 25 yangibonisa ukuthi uNkulunkulu owayefuna ngenze kanjalo. Ngemva kokuba ngiqale ukuba khona kuyo yonke imihlangano futhi sengibazi kahle abantu, nganquma ukubonisa ukuzinikezela kwami kuJehova ngobhapathizo.
INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO: Kuye kwangithinta ngokujulile ukuthi uJehova uyasivumela ukuba sibe nobuhlobo obufudumele naye. Uzwela nokukhathalela kwakhe kuye kwangishukumisela ukuba ngimlingise, kuhlanganise neNdodana yakhe uJesu Kristu. (1 Petru 2:21) Ngiye ngafunda ukuthi nakuba ngilwela ukuba nobuntu bobuKristu, ngisengaba nobami ubuntu obungenza ngehluke kwabanye abantu. Ngiye ngahlakulela ukuba nothando nokukhathalela. Ngizama ukufana noKristu endleleni engiphatha ngayo umkami nendodana yami. Ngaphezu kwalokho, angive ngibathanda abafowethu nodadewethu abaseqinisweni. Ukulandela uKristu kungisize ukuba ngifunde ukuzihlonipha, isizotha nokubonisa abanye uthando.
“Bangiphatha Ngenhlonipho.”—UGUADALUPE VILLARREAL
UNYAKA AZALWA NGAWO: 1964
IZWE AZALELWA KULO: IMEXICO
UMLANDO WAMI: NGANGIPHILA UKUPHILA OKUYICHILO
UKUPHILA KWAMI: Ngazalelwa eHermosillo, eSonora, eMexico, indawo enobubha obukhulu. Sasiyizingane ezingu-7 sesisonke. Ubaba washona ngisemncane, ngakho kwadingeka ukuba umama asebenze ukuze asondle. Ngangivame ukushaya ngocetshwayo ngoba yayingekho imali yokuthenga izicathulo. Ngaqala ukusebenza ngisemncane ukuze ngisize ngezindleko zasekhaya. Njengemindeni eminingi, indlu yasekhaya yayincane.
Emini sasisala sodwa ngoba umama wayesebenza. Lapho ngineminyaka eyisithupha, umfana othile owayeneminyaka engu-15 waqala ukunginukubeza ngokocansi. Lokhu kwaqhubeka isikhathi eside. Umphumela walokho kwaba ukuthi ngadideka ngokuqondene nezindaba zocansi. Ngangicabanga ukuthi kungokwemvelo ukuzizwa ukhangwa abesilisa. Lapho ngicela usizo kodokotela nakubefundisi bangiqinisekisa ngokuthi akukho okwakonakele ngami nokuthi imizwa yami yayingokwemvelo.
Lapho ngineminyaka engu-14, nganquma ukuphila njengongqingili. Ngaba ungqingili iminyaka engu-11 eyalandela, futhi ngaze ngakipita nabesilisa abahlukahlukene phakathi naleso sikhathi. Ngokuhamba kwesikhathi, ngafundela ukulungisa izinwele, futhi ngavula indawo yokulungisa izinwele. Kodwa ngangingajabule. Ngangihlale nginosizi futhi nginomuzwa wokuthi kudlalwa ngami. Ngaba nomuzwa wokuthi engangikwenza kwakungalungile. Ngaqala ukuzibuza, ‘Bakhona nje kodwa abantu abaqotho nabalungile?’
Ngacabanga ngodadewethu owayetadishe iBhayibheli noFakazi BakaJehova, futhi wabhapathizwa. Wayengixoxela izinto ayezifunda kodwa ngangingamnaki. Noma kunjalo, ngangikuthanda ukuphila kwakhe, kuhlanganise nomshado wakhe. Ngangibona ukuthi yena nomyeni wakhe bathandana ngempela futhi bayahloniphana. Babephathana ngomusa. Ngokuhamba kwesikhathi, omunye uFakazi kaJehova waqala ukungifundela iBhayibheli. Ekuqaleni, ngangingenandaba ngempela nokufunda—ngingenamdlandla. Kodwa izinto zashintsha.
INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI: OFakazi bangimema ukuba ngiye komunye wemihlangano yabo, futhi ngaya. Ngangiqala ngqa ukubona into engayibona laphaya. Abantu abaningi babevame ukuhlekisa ngami, kodwa oFakazi abakwenzanga lokho. Bangibingelela ngomusa, bangiphatha ngenhlonipho. Kwangithinta kakhulu lokho.
OFakazi bangihlaba umxhwele nakakhulu lapho ngiye emhlanganweni wabo omkhulu. Ngaphawula ukuthi ngisho nalapho behlangene bebaningi, laba bantu babefana nodadewethu—baqotho, abazenzisi. Ngazibuza ukuthi kazi yibo yini abantu abaqotho nabalungile okwase kuyisikhathi eside ngibafuna. Uthando nobunye babo kwangimangaza, kuhlanganise nokusebenzisa kwabo iBhayibheli lapho bephendula imibuzo. Ngaphawula ukuthi yiBhayibheli elibenza babe abantu abahle kangaka. Ngabona nokuthi kudingeka ngenze izinguquko eziningi ukuze ngibe ngomunye wabo.
Empeleni, kwadingeka ngenze ushintsho olukhulu kakhulu ngoba phela ngangiziphatha njengomuntu wesifazane. Kwadingeka ngishintshe indlela engangikhuluma ngayo, indlela engangenza ngayo, indlela engangigqoka futhi ngilungise ngayo izinwele, kuhlanganise nabangane enganginabo. Abangane bami bakudala bangihleka, bathi: “Ungenwe yini ngempela. Indlela oyiyo ayinankinga. Hlukana nokufunda iBhayibheli. Ayikho into oyintulayo.” Kodwa into okwaba umqansa ngempela ukuyiyeka kwaba ukuthandana nabanye abantu besilisa.
Nokho, ngangazi ukuthi ngangingashintsha ngoba amazwi akweyoku-1 Korinte 6:9-11 ayeseyithintile kakade inhliziyo yami. Lo mBhalo uthi: “Babeshane! Anazi yini ukuthi abantu abangalungile ngeke balizuze ifa lombuso kaNkulunkulu? Ningadukiswa. Izifebe, noma abakhonza izithombe, iziphingi, amadoda agcinelwe izinjongo ezingezona ezemvelo, amadoda alala namadoda . . . ngeke balizuze ifa lombuso kaNkulunkulu. Kodwa nokho yilokho abanye kini ababeyikho. Kodwa seniye nagezwa nahlanzeka.” UJehova wabasiza abantu bangaleso sikhathi ukuba bashintshe, nami wangisiza. Kwaba umshikashika ukuyeka, kodwa isiqondiso nothando loFakazi kwangisiza kakhulu.
INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO: Namuhla ngiphila ukuphila okuvamile. Ngishadile futhi mina nomkami sifundisa indodana yethu ukuphila ngezimiso zeBhayibheli. Osekwadlula kwadlula, futhi manje ngijabulela izinzuzo namalungelo amaningi angokomoya. Ngikhonza njengomdala ebandleni futhi ngiye ngasiza abathile ukuba bazi iqiniso leZwi likaNkulunkulu. Izinguquko engazenza ekuphileni kwami zamjabulisa kakhulu umama kangangokuthi naye wamukela isifundo seBhayibheli futhi manje usengumKristu obhapathiziwe. Omunye udadewethu naye owayeziphatha kabi usenguFakazi kaJehova.
Ngisho nabantu ababengazi ngaphambili bayabona ukuthi ngishintshile futhi sengingumuntu ongcono. Ngiyazi ukuthi yini engisizile. Ngaphambili, ngafuna usizo kodokotela nakubefundisi, kodwa banginika izeluleko ezibhedayo. NguJehova ongisize ngempela. Nakuba ngangizizwa ngingabalulekile, wangibona wangiphatha ngothando futhi wangibekezelela. Ukwazi nje ukuthi uNkulunkulu omangalisayo, ohlakaniphile nonothando anganginaka futhi angifunele ukuphila okungcono kwangishukumisela ukuba ngizame ngawo wonke amandla ukulungisa.
“Ngangizizwa Ngingento Yalutho, Ngingenelisekile Futhi Nginesizungu.”—UKAZUHIRO KUNIMOCHI
UNYAKA AZALWA NGAWO: 1951
IZWE AZALELWA KULO: IJAPAN
UMLANDO WAMI: NGANGIDL’ UBHEDU EMIJAHWENI YAMABHAYISIKILI
UKUPHILA KWAMI: Ngakhulela edolobheni elithule elinetheku eShizuoka Prefecture, eJapan futhi sesisonke ekhaya sasingu-8. Indlu yasekhaya yayincane. Ubaba wayenesitolo samabhayisikili. Ngesikhathi ngisemncane wayevame ukungiyisa emiqhudelwaneni yabagibeli bamabhayisikili futhi ngaqala ukuba nothando ngalo mdlalo. Wabe esehlela ukuba ngingenele imincintiswano. Ngesikhathi ngisemabangeni aphakathi esikoleni, waqala ukungiqeqesha ngokukhulu ukuzimisela. Lapho sengisesikoleni esiphakeme, ngathola izindondo iminyaka emithathu ilandelana emiqhudelwaneni kazwelonke. Nganikwa ithuba lokuya eyunivesithi, kodwa ngalibonga, nganquma ukuvele ngiye ngqo esikoleni esiqeqeshela ukugibela amabhayisikili. Lapho ngineminyaka engu-19, ngaba umpetha wezamabhayisikili.
Ngaleso sikhathi, umgomo wami ekuphileni kwakuwukubadlula bonke eJapan. Ngahlela ukwenza imali eningi ukuze nginikeze umndeni wami ikusasa elilondekile nelizinzile. Ngangiphilela ukuzivocavoca. Noma nini lapho ngizizwa ngikhandlwe ukuzivocavoca noma ubunzima emncintiswaneni, ngangizitshela kaningi ukuthi ngazalelwa ukugibela amabhayisikili nokuthi ngangingeke ngizithambise! Ngakwenza ngempela lokho. Ngaqala ukubona izithelo zokuzikhandla kwami. Ngonyaka wami wokuqala, ngaphuma phambili njengoba sasiqhudelana njengabagibeli abasha. Ngonyaka wesibili, ngafanelekela ukungenela umqhudelwano owawuzokhipha ingqwele yaseJapan. Izikhathi eziyisithupha, ngalala isibili kulowo mqhudelwano.
Njengoba ngangiphakathi kwabagibeli bamabhayisikili abaphambili, ngaqala ukubizwa ngokuthi ngiyinsizwa yaseTokai enemilenze yezimanga. ITokai yindawo ethile eseJapan. Ngangingafuni ukuhlulwa. Ngokuhamba kwesikhathi, ngesatshwa ngoba ngangingenazwela lapho siqhudelana. Ngayigaya imali futhi ngangithenga noma yini engiyifunayo. Ngathenga indlu enegumbi lokuzivocavoca nemishini ephambili. Ngathenga imoto yakwelinye izwe eyayibiza cishe njengendlu. Ukuze ngingazitholi sengiwuphuya ngolunye usuku, ngazalisa imali ngokuthenga izindlu nangokuyitshala ezimakethe zamasheya.
Naphezu kwakho konke lokho kubusa, ngangizizwa ngingento yalutho, ngingenelisekile futhi nginesizungu. Ngalesi sikhathi, ngase ngishadile futhi nginezingane, kodwa ngangingenanhliziyo lapho ngisebenzelana nomndeni wami. Ngangimcasukela njalo umkami nezingane ngezinto ezingathi shú. Baqala ukungesaba futhi babengibheka ebusweni ukuze babone ukuthi ngijabule noma ngithukuthele.
Nokho, ngokuhamba kwesikhathi, umkami waqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Lokho kwashintsha izinto eziningi. Wathi usefuna ukuya emihlanganweni yoFakazi, ngakho nganquma ukuthi siye sonke njengomndeni. Ngikhumbula kahle ngolunye usuku kusihlwa kufika umdala emzini wami ezongifundela iBhayibheli. Engakufunda kwangihlaba umxhwele.
INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI: Ngeke ngiyikhohlwe indlela engazizwa ngayo ngemva kokufunda eyabase-Efesu 5:5. Ithi: “Akukho sifebe noma umuntu ongcolile noma umuntu ohahayo—okusho ukuba okhonza izithombe—onefa embusweni kaKristu nokaNkulunkulu.” Ngabona ukuthi ukuqhudelana nabanye emijahweni yamabhayisikili kuhlobene nokugembula nokuthi lo mdlalo ukhuthaza umoya wokuhaha. Unembeza wami waqala ukungihlupha. Ngabona ukuthi uma ngifuna ukujabulisa uJehova uNkulunkulu, kuzodingeka ngiyiyeke le mincintiswano. Kodwa leso sinqumo sasinzima kakhulu.
Kulowo nyaka izinto zazihamba kahle kakhulu, futhi ngangisafuna ukwenza ezibukwayo. Kodwa ngaphawula ukuthi ukutadisha iBhayibheli kunginika ukuthula nokuzola engqondweni—umoya ongqubuzana nalowo engiwudingayo ukuze ngiwine imincintiswano! Ngemva kokuba ngiqale ukutadisha, ngangenela imiqhudelwano emithathu kuphela, kodwa inhliziyo yami yayisabambelele kulo mdlalo. Ngangikhathazwa nawukuthi ngizowondla ngani umndeni wami. Zayima emthumeni. Izihlobo zami nazo zayigxeka kakhulu inkolo yami entsha. Ubaba wadumala kakhulu. Ukudumazeka kwakhe kwangicindezela kakhulu ngaze ngaba nezilonda esiswini.
Ukutadisha iBhayibheli nokuya emihlanganweni yoFakazi BakaJehova kwangisiza ukuba ngikwazi ukubhekana naleso sikhathi esinzima. Kancane kancane, ukholo lwami lwaqina. Ngacela uJehova ukuba ezwe imithandazo yami futhi angisize ngikholelwe ukuthi uyayizwa. Ukucindezeleka kwathi damu lapho umkami engiqinisekisa ngokuthi akadingi ukuhlala esithabathabeni sendlu ukuze ajabule. Kancane kancane ngenza intuthuko.
INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO: Ngafunda ukuthi amazwi kaJesu akuMathewu 6:33 ayiqiniso ngempela. Wathi: “Ngakho, qhubekani nifuna kuqala umbuso nokulunga kwakhe, khona-ke zonke lezi ezinye izinto niyozenezelelwa.” Asikaze sizintule “ezinye izinto” uJesu akhuluma ngazo, izidingo zokuphila eziyisisekelo. Nakuba umholo wami ungamaphesenti angu-30 kulowo engangiwuthola ngesikhathi ngisengumgibeli wamabhayisikili, mina nomndeni wami asikaze sintule lutho kule minyaka engu-20 edlule.
Okuhle nakakhulu ukuthi lapho ngisebenza noma ngikhulekela namanye amaKristu, ngithola injabulo nokwaneliseka engangingenakho ngaphambili. Ukuphila kuyajabulisa. Ukuphila komndeni wami kuye kwathuthuka kakhulu. Womathathu amadodana ami ayizikhonzi zikaJehova zesikhathi esigcwele, kuhlanganise namakhosikazi awo.