Fundiswa YiZwi LikaNkulunkulu
Ingabe Likhona Ithemba Ngabafileyo?
Lesi sihloko siphakamisa imibuzo okungenzeka uke wazibuza yona futhi sikubonisa ukuthi ungazitholaphi izimpendulo eBhayibhelini lakho. OFakazi BakaJehova bangakujabulela ukuxoxa nawe ngalezi zimpendulo.
1. Liyini ithemba ngabafileyo?
Lapho uJesu efika eBhethaniya eduze kwaseJerusalema, umngane wakhe uLazaru wayesenezinsuku ezine efile. UJesu waya ethuneni lakhe enoMarta noMariya, odadewabo bakamufi. Ngokushesha kwase kunesixuku. Ungayicabanga yini injabulo kaMarta noMariya lapho uJesu evusa uLazaru?—Funda uJohane 11:20-24, 38-44.
UMarta wayekholelwa ukuthi abafileyo bayovuka. Sekuyisikhathi eside izinceku zikaJehova ezithembekile zazi ukuthi esikhathini esizayo, uNkulunkulu uzovusa abafileyo baphinde baphile emhlabeni.—Funda uJobe 14:14, 15.
2. Siyini isimo sabafileyo?
Nakuba amandla okuphila, noma “umoya,” egcina abantu nezilwane bephila, thina bantu asiwona umoya ozihlalele nje emzimbeni wenyama. (UmShumayeli 3:19; Genesise 7:21, 22) Siyizidalwa zenyama ezenziwe ngothuli. (Genesise 2:7; 3:19) Lapho izingqondo zethu zifa, imicabango yethu iyashabalala. Yingakho ngemva kokuvuswa uLazaru engashongo lutho ngokwenzeke lapho efile ngoba abafileyo abazi lutho.—Funda iHubo 146:4; UmShumayeli 9:5, 10.
Ngokusobala, abafileyo ababuzwa ubuhlungu. Ngakho, imfundiso yokuthi uNkulunkulu uhlupha abantu lapho sebefile ingamanga. Inyundela uNkulunkulu. Umqondo wokuhlupha abantu emlilweni uyenyanyeka kuye.—Funda uJeremiya 7:31.
3. Singakwazi yini ukukhuluma nabafileyo?
Abafileyo abakwazi ukukhuluma. (IHubo 115:17) Kodwa lapho izingelosi ezimbi zikhuluma nabantu, zingase zibakhohlise zithi ziwumoya womuntu ofile. (2 Petru 2:4) UJehova uyakwenqabela ukuzama ukukhuluma nabafileyo.—Funda uDuteronomi 18:10, 11.
4. Obani abayovuswa?
Ezweni elisha elizayo, izigidi zabantu abasemathuneni ziyovuswa. Kuyovuswa ngisho nabanye ababenza izinto ezimbi ngoba bengamazi uJehova.—Funda uLuka 23:43; IzEnzo 24:15.
Abavusiwe bayofunda iqiniso ngoNkulunkulu futhi babonise ukholo kuJesu ngokumlalela. (IsAmbulo 20:11-13) Labo abayovuswa futhi benze okuhle bayophila phakade emhlabeni. Noma kunjalo, abanye abavusiwe bayoqhubeka benza izinto ezimbi. Uvuko lwabo luyoba ‘uvuko lokwahlulelwa.’—Funda uJohane 5:28, 29.
5. Uvuko lusitshelani ngoJehova?
Uvuko luzoba khona ngoba uNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe ukuba inikele ngokuphila kwayo ngenxa yethu. Ngakho, uvuko luwukubonakaliswa kothando nomusa ongafanelwe kaJehova.—Funda uJohane 3:16; Roma 6:23.
Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 6 no-7 sencwadi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Isithombe ekhasini 16]
U-Adamu wadalwa ngothuli