Ezentsha
Indlela Yokumelana Nesilingo
UJOSEFA—INGXENYE 1
Iziyalezo: Yenza lesi sivivinyo endaweni ethule. Njengoba ufunda imiBhalo, zibone ngeso lengqondo uhilelekile kuleso senzakalo. Sibone ngeso lengqondo.Yizwa amazwi. Zizwe ngendlela abalingiswa abazizwa ngayo. Yenza le ndaba iphile.
Abalingiswa abavelele: UJosefa nomkaPotifari
Indaba efingqiwe: UJosefa umelana nesilingo sokulala nomkaPotifari.
1 HLAZIYA ISIGCAWU.—FUNDA UGENESISE 39:1-12.
Ucabanga ukuthi sasinjani isithabathaba sendlu kaPotifari? Chaza.
․․․․․
Ucabanga ukuthi uJosefa wayebukeka kanjani? (Phinda ufunde ivesi 6.)
․․․․․
Yimiphi imizwelo oyizwa ezwini likaJosefa njengoba ekhuluma nomkaPotifari emavesini 8 no-9?
․․․․․
2 CWANINGISISA.
Yini eyayingase ilinge uJosefa ukuba alale nomkaPotifari? (Funda eyabaseFilipi 2:12, bese ucabanga ngezimo zikaJosefa. Ngokwesibonelo, ngaleso sikhathi babekuphi abakubo nabanye abakhulekeli bakaJehova?)
․․․․․
Ucabanga ukuthi kungani uJosefa aba nomuzwa wokuthi ukuphinga kuyisono kuNkulunkulu kanti ngaleso sikhathi wawungekho umthetho ovela kuNkulunkulu omelene nakho? (Funda futhi ucabange ngale miBhalo: Genesise 2:24; 12:17, 18; Roma 2:14, 15 namaHebheru 5:14.)
․․․․․
3 SEBENZISA OKUFUNDILE. BHALA LOKHO OKUFUNDILE MAYELANA . . .
Nokuhlobana phakathi kokuzithiba nokuziphatha okuhle.
․․․․․
Nezinzuzo ezitholwa yilabo abanamathela emithethweni kaNkulunkulu yokuziphatha.
․․․․․
Nesidingo sokuqeqesha ‘amandla akho okuqonda.’ (Hebheru 5:14)
․․․․․
INDLELA WENA OTHINTEKA NGAYO.
Yiziphi izimo ekuphileni kwakho ongathatha kuzo isinqumo esiwujuqu lapho ubhekene nesilingo sokuziphatha kabi ngokobulili? (Funda futhi ucabange ngoJobe 31:1; IHubo 119:37; Efesu 5:3, 4.)
․․․․․
4 YINI EKUHLABE UMXHWELE KAKHULU NGALOKHU KULANDISA, FUTHI NGANI?
․․․․․
Uma ungenalo iBhayibheli, licele kofakazi bakaJehova noma ufunde ezinye izincwadi ezisekelwe kulo kuyi-Internet kuleli kheli: www.watchtower.org