4 UNkulunkulu Akanabo Ubulungisa—Ingabe Lokho Kuyiqiniso?
Okungenzeka ukuthi wake wakuzwa: “NguNkulunkulu ophethe leli zwe, futhi konke okwenzekayo kuyintando yakhe. Njengoba izwe ligcwele ukucwasana, ukungabi nabulungisa nokucindezela, kungenxa kaNkulunkulu.”
Okufundiswa iBhayibheli: Akuyena uNkulunkulu obangela ukungabi nabulungisa okusemhlabeni. Lapho iBhayibheli lichaza uJehova, lithi: “Uphelele umsebenzi wakhe, ngoba zonke izindlela zakhe ziwubulungisa.”—Duteronomi 32:4.
UNkulunkulu upha bonke abantu izipho ezinhle, kuhlanganise nalabo okusobala ukuthi abazifanelekeli. Ngokwesibonelo, ‘wenza ilanga lakhe liphumele abantu ababi nabahle futhi wenza imvula ine phezu kwabantu abalungile nabangalungile.’ (Mathewu 5:45) Uphatha abantu bazo zonke izinhlanga namasiko ngendlela efanayo, njengoba izEnzo 10:34, 35 zibonisa: “UNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi enze ukulunga uyamukeleka kuye.”
Pho yini ebangela ukungabi nabulungisa? Abantu abaningi bakhetha ukwenza ngendlela ebonisa ukungabi nabulungisa, abasilandeli isibonelo sikaNkulunkulu sobulungisa. (Duteronomi 32:5) IBhayibheli libonisa nokuthi uNkulunkulu uvumela isitha sakhe, uDeveli, ukuba sibe negunya phezu komhlaba.a (1 Johane 5:19) Nokho, ukuvumela kwakhe lokhu kubusa okungenabulungisa kuzophela maduzane. Useyimisile kakade indlela yakhe ‘yokubhidliza imisebenzi kaDeveli.’—1 Johane 3:8.
Indlela ukwazi iqiniso okukusiza ngayo: Imibiko engapheli yokonakala, ukucindezela nokungabi nabulungisa ingase ikuqede amandla. Ukwazi imbangela yezinkinga kungakusiza ukuba uqonde ukuthi kungani izimo zizimbi kangaka nokuthi kungani yehluleka njalo imizamo yabantu emihle yokwenza umhlaba ube indawo engcono. (IHubo 146:3) Kunokuba unikele ngesikhathi namandla akho ekwenzeni izinguquko zesikhashana, ungaba nethemba eliqinile ngekusasa elisekelwe ekwethembeni izithembiso zikaNkulunkulu.—IsAmbulo 21:3, 4.
Ukuqonda imbangela yangempela yokungabi nabulungisa kungasisiza ngokukhethekile lapho ubunzima buthinta thina ngokuqondile. Lapho singaphathwa ngobulungisa, singase sikhale njengoba kwenza inceku kaNkulunkulu uHabakuki: “Umthetho uba ndikindiki, nobulungisa abuphumi nanini.” (Habakuki 1:4) UNkulunkulu akazange amthethise uHabakuki ngokusho la mazwi. Kunalokho, waqinisekisa inceku yaKhe ngokuthi wayebeke isikhathi sokulungisa izinto futhi wasiza uHabakuki ukuba athole injabulo lapho ebhekene nezinkinga. (Habakuki 2:2-4; 3:17, 18) Ngokufanayo, ukuthembela esithembisweni sikaNkulunkulu sokuqeda ukungabi nabulungisa kungakusiza uthole ukuzola nokuthula kwengqondo ezweni elingenabulungisa.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ukuthi uDeveli waba khona kanjani, bheka isahluko 3 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 7]
Ingabe nguNkulunkulu ngempela oyimbangela yokuhlupheka nokungabi nabulungisa?
[Umthombo Wesithombe ekhasini 7]
© Sven Torfinn/Panos Pictures