Imibuzo Evela Kubafundi
UMbuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika waba nini umbuso wezwe wesikhombisa wesiprofetho seBhayibheli?
▪ Isithombe esikhulu esabonwa iNkosi uNebukhadinezari asimeleli yonke imibuso yezwe. (Dan. 2:31-45) Simelela emihlanu kuphela eyabusa kusukela esikhathini sikaDaniyeli kuqhubeke neyasebenzelana ngokuphawulekayo nabantu bakaNkulunkulu.
Incazelo kaDaniyeli yalesi sithombe inikeza umqondo wokuthi uMbuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika wawuyovela embusweni wamaRoma, hhayi ukuthi wawuyowunqoba. Kulo mfanekiso, uDaniyeli ubona insimbi kusukela emilenzeni kwehle kuye ezinyaweni nasezinzwanini. (Ezinyaweni nasezinzwanini, insimbi ixubene nobumba.)a Le ncazelo ibonisa ukuthi uMbuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika wawuyovela emilenzeni yensimbi. Umlando uyifakazela ngokunembile le ncazelo. IBrithani, eyake yaba ingxenye yoMbuso WamaRoma, yaqala ukuvelela ekupheleni kweminyaka yawo-1700. Kamuva, i-United States of America yaba isizwe esinamandla. Noma kunjalo, umbuso wezwe wesikhombisa wesiprofetho seBhayibheli wawungakaveli. Kungani? IBrithani ne-United States zazingakabambisani ngendlela ephawulekayo. Lokhu kwenzeka phakathi neMpi Yezwe I.
Ngaleso sikhathi, “abantwana bombuso” babenza umsebenzi wabo ikakhulu e-United States, indlunkulu yabo yomhlaba wonke iseBrooklyn, eNew York. (Math. 13:36-43) Amalungu esigaba sabagcotshiwe ayematasa eshumayela emazweni ayebuswa uMbuso WaseBrithani. Phakathi neMpi Yezwe I, umbuso waseBrithani nowaseMelika yakha umfelandawonye lapho ilwa nezitha zayo zezombusazwe. Njengoba ukushisekela ubuzwe okwakubangelwe yimpi kwakwanda, le mibuso yabonisa ubutha kulabo ababeyingxenye yenzalo ‘yowesifazane’ kaNkulunkulu, yavimbela izincwadi ababezikhiqiza futhi yabopha labo ababehola emsebenzini wokushumayela.—IsAm. 12:17.
Ngakho, ngokwesiprofetho seBhayibheli, umbuso wezwe wesikhombisa awuzange uvele ekupheleni kwawo-1700 lapho iBrithani iqala ukudlondlobala. Kunalokho, wavela ekuqaleni kosuku lweNkosi.b
[Imibhalo yaphansi]
a Ubumba oluxubene nensimbi lumelela izici ezingaphakathi eMbusweni Wezwe osansimbi WamaNgisi NamaMelika. Ngokuhamba kwesikhathi, lolu bumba lukwenze kwaba nzima ngalo mbuso ukuba uqine njengensimbi.
b Le ncazelo ilungisa ukwaziswa okusekhasini 57, isigaba 24, sencwadi ethi Isiprofetho SikaDaniyeli nokuboniswe emashadini asekhasini 56 no -139.
[Isithombe ekhasini 19]
Abazalwane abangu-8 basendlunkulu ye-Watchtower baboshwa ngo-June 1918