Zinhloko Zemikhaya—Londolozani Isimiso Esihle Sezinto Ezingokomoya
1 Nakuba ayesephile amashumi eminyaka phakathi kwabantu baseBabiloni abakhonza izithombe nabonakele, uDaniyeli wayaziwa ngokukhonza uJehova “njalo.” (Dan. 6:16, 20) Walilondoloza kanjani ingokomoya lakhe? Umlando weBhayibheli ubonisa ukuthi wayenesimiso esihlelekile sokufeza izinto eziphathelene nokukhulekela kweqiniso. Ngokwesibonelo, wayenenkambiso yokuthandaza kathathu ngosuku esegumbini lakhe elisophahleni. (Dan. 6:10) Akungabazeki ukuthi wayenesimiso esingagudluki sezinye izinto ezingokomoya, njengokufunda uMthetho. Ngakho, lapho ebhekene novivinyo olwalusongela ukuphila kwakhe, uDaniyeli akazange antengantenge ekuzinikeleni kwakhe kuJehova, futhi wakhululwa ngokuyisimangaliso.—Dan. 6:4-22.
2 Ngokufanayo nanamuhla, kumelwe sizikhandle ukuze ‘sihlale siphapheme ngakho konke ukuqinisela.’ (Efe. 6:18) Izwe esiphila kulo “lisemandleni omubi.” (1 Joh. 5:19) Ukuphikiswa noma uvivinyo kungaphakama kungazelelwe futhi kuvivinye ukholo lwethu. Ngesikhathi sosizi olukhulu, izinceku zikaNkulunkulu ziyohlaselwa nguGogi kaMagogi, futhi kuyobonakala kungenandlela yokuphunyula. Lokhu kuyodinga ukuba sithembele ngokuphelele kuJehova.—Hez. 38:14-16.
3 “Esinye isihluthulelo esibalulekile siwukwenza ukufunda iBhayibheli njengomkhaya, isifundo somkhaya nengxoxo yeBhayibheli okuphumelelayo kube indlela yokuphila.” Sasho kanjalo isethulo sedrama yomhlangano wesigodi ka-1998 enesihloko esithi “Mikhaya—Yenzani Ukufunda IBhayibheli Nsuku Zonke Kube Yindlela Yenu Yokuphila!” Saqhubeka: “Lapho imikhaya isilandela njalo leso simiso nangendlela eyenza iBhayibheli liphile, lesi simiso esigxile eBhayibhelini singaba nethonya elinamandla emkhayeni. Sandisa ulwazi lwethu. Siqinisa ukholo lwethu. Futhi sisinikeza izibonelo esingazilingisa—amadoda nabesifazane basendulo ababethembeke ngendlela evelele—ezingasikhuthaza, zisishukumisele ukuba simelele iqiniso.” Njengoba sicabangela izici ezihlukahlukene zesimiso esihle sezinto ezingokomoya, izinhloko zemikhaya kufanele zifune indlela eyodwa noma ezimbili zokuthuthukisa isimiso somkhaya wazo esingokomoya.
4 Hlolani IZwi LikaNkulunkulu Nsuku Zonke: “Lapho uMbuso kaNkulunkulu ubusa ngaphandle kokuphikiswa futhi intando yakhe yenziwa emhlabeni njengasezulwini, akukho bantu abanonya—cha, ngisho nezilwane—‘eziyokwenza okubi, zichithe.’ (Isaya 11:9; Math. 6:9, 10)” Lawo mazwi avela encwajaneni ethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2001 emagameni akhulumela itekisi lombhalo ka-September 11. Yeka ukuthi lesi sikhumbuzo sasiduduza kangakanani! Njengenhloko yomkhaya, ingabe unesimiso sansuku zonke sokuhlola itekisi leBhayibheli nokukhulunyelwa kwalo nomkhaya wakho? Lokhu kuzuzisa kakhulu. Uma kungenakwenzeka ukuba nihlangane ekuseni, mhlawumbe ningenza kanjalo kamuva osukwini. Omunye ubaba wathi: “Isikhathi sokudla kwakusihlwa siyisikhathi esifanelekayo kithi ukuba sixoxe ngetekisi leBhayibheli lansuku zonke.”
5 Uma seninaso kakade isimiso esihle sokuxoxa ngetekisi losuku njengomkhaya, kuyancomeka. Mhlawumbe ninganezela kulokhu ngokufunda ingxenye yeBhayibheli ngesikhathi esifanayo. Abanye banomkhuba wokufunda sonke isahluko okuthathwe kuso itekisi losuku. Abanye bafunda yonke incwadi yeBhayibheli abayikhethile ngokulandelana kwezahluko. Ukufunda iBhayibheli nsuku zonke kuyosiza umkhaya wakho ukuba uhlakulele ukwesaba okunempilo kokudumaza uJehova futhi kuyojulisa isifiso sawo sokwenza intando yakhe.—Dut. 17:18-20.
6 Isimiso somkhaya wakho sokufunda iBhayibheli nokuxoxa ngetekisi losuku siyozuzisa nakakhulu uma ningazinika imizuzu embalwa yokuxoxa ngenzuzo engokoqobo yendaba eniyifundayo. Incwadi ethi ISikole Senkonzo, ekhasini 60, isikisela okulandelayo: “Ungase ukhethe amavesi ambalwa ekufundweni kweBhayibheli okuhlelelwe lelo sonto, uwachaze, bese ubuza imibuzo enjengokuthi: ‘Lokhu kusiqondisa kanjani? Singawasebenzisa kanjani la mavesi enkonzweni? Embulani ngoJehova nangendlela yakhe yokwenza izinto, futhi lokho kukwakha kanjani ukwazisa ngaye?’” Izingxoxo ezinjalo ezingokomoya ziyosiza bonke emkhayeni wakho ukuba ‘baqhubeke beqonda ukuthi iyini intando kaJehova.’—Efe. 5:17.
7 Isifundo Somkhaya: Ukuqhuba isifundo somkhaya njalo isonto ngalinye kuyindlela enhle izinhloko zemikhaya ezingabonisa ngayo izingane zazo ukuthi izinto ezingokomoya ziza kuqala. Insizwa ethile iyakhumbula: “Ngezinye izikhathi ubaba wayebuya ekhathele kakhulu emsebenzini kangangokuba wayozela, kodwa noma kunjalo isifundo sasiqhutshwa, futhi lokho kwasisiza ukuba sazise ukubaluleka kwaso.” Nezingane zingaba neqhaza ekuphumeleleni kwaleli lungiselelo. Omunye umkhaya onezingane ezingu-9 wawuvuka njalo ngehora lesihlanu ekuseni ukuze ube nesifundo sawo somkhaya ngoba sasingekho esinye isikhathi.
8 Ukuze isifundo somkhaya siphumelele, inhloko yomkhaya kumelwe ‘ikunake njalo ukufundisa kwayo.’ (1 Thim. 4:16) Incwadi ethi ISikole Senkonzo, ekhasini 32, ithi: “Kungashiwo kufanele ukuthi isifundo somkhaya esiphumelelayo siqala ngokutadisha umkhaya wakho ngokwawo. Amalungu omkhaya wakho athuthuka kanjani ngokomoya? . . . Uma usenkonzweni yasensimini nabantwana bakho, ingabe bakuthola kulula ukuzethula phambi kontanga yabo ngokuthi bangoFakazi BakaJehova? Bayasijabulela yini isimiso sakho sokufunda nokutadisha iBhayibheli njengomkhaya? Ingabe ngempela benza indlela kaJehova ibe indlela yabo yokuphila? Ukuba ngoqaphelisisayo kuyoveza lokho wena njengenhloko yomkhaya okudingeka ukwenze ukuze wakhe izimfanelo ezingokomoya elungwini ngalinye lomkhaya.”
9 Imihlangano Yebandla: Ukulungiselela imihlangano yebandla nokuba khona kuyo kufanele kube ingxenye ebalulekile yesimiso senu samasonto onke. (Heb. 10:24, 25) Ngezinye izikhathi, ningase nikwazi ukulungiselela imihlangano ethile njengomkhaya. Kunokuba ulinde kuze kube umzuzu wokugcina, ungahlela yini ukuba nilungiselele kusenesikhathi? Isimiso esihlelekile sokwenza lokhu siyothuthukisa indlela enilungiselela ngayo futhi kwandise nezinzuzo enizithola emihlanganweni.—IzAga 21:5.
10 Izinga eliphakeme nokungaguquguquki kuyizimpawu ezivelele zesimiso esiphumelelayo sezinto ezingokomoya. Kuthiwani uma izimo zikwenza kube nzima ukuba nilungiselele yonke imihlangano? Incwadi ethi ISikole Senkonzo, ekhasini 31, inikeza lokhu kusikisela: “Gwema ugibe lokufunda usujaha ukuze nje uqede, noma okubi nakakhulu, gwema ugibe lokungatadishi nhlobo ngoba uthi ngeke ukwazi ukuqeda. Kunalokho, thola ukuthi kungakanani ongakutadisha, bese uyakutadishisisa. Kwenze masonto onke. Ngokuhamba kwesikhathi, zama ukwenaba uhlanganise neminye imihlangano.”
11 Uma imikhaya ifika emihlanganweni ngesikhathi, lokhu kuyisiza ibe sesimweni sengqondo esifanele sokudumisa uJehova nokuzuza emfundweni ayilungiselele. Ingabe umkhaya wakho unale nkambiso? Kudinga ukuhlela okuhle nokubambisana kwawo wonke umkhaya. Uma uthola ukuthi umkhaya wakho uyabhuduzela ngezinsuku zemihlangano, kukhona yini eningakushintsha esimisweni senu? Ingabe zikhona izinto eningazinakekela kusengaphambili? Uma ilungu elithile lomkhaya linomsebenzi omningi, bangasiza yini abanye? Bekungakunciphisa yini ukuxhamazela uma bonke belungela ukuya emihlanganweni kusenesikhathi esithé xaxa? Ukuhleleka okuhle kuthuthukisa umoya wokuthula emkhayeni nasebandleni.—1 Kor. 14:33, 40.
12 Inkonzo Yasensimini: Ukuba nezikhathi ezimisiwe zokuhlanganyela enkonzweni kuyingxenye yesimiso esihle esingokomoya. Insizwa okuthiwa uJayson iyakhumbula: “Ekhaya, uMgqibelo ekuseni wawuhlale uyisikhathi senkonzo yasensimini. Lokhu kwangisiza ngoba lapho ngiphuma ngokwengeziwe ngiya enkonzweni, ngabubona nakakhulu ubuhle obuyifezayo futhi ngayijabulela nakakhulu.” Abaningi abakhulele emikhayeni yoFakazi nabo baye baphawula ukuthi ukuba nesikhathi esimisiwe sokuya ensimini masonto onke kwabasiza ukuba bathuthuke njengezikhonzi ezingamaKristu.
13 Isimiso esihlelekile singenza nokuba isikhathi umkhaya wakho osisebenza enkonzweni yasensimini sijabulise futhi sibe nezithelo. Lokhu kungafinyelelwa kanjani? INqabayokulinda ka-July 1, 1999, ikhasi 21, yasikisela okulandelayo: “Ingabe ngezinye izikhathi niyasisebenzisa isikhathi esithile sesifundo senu somkhaya ukuze nisize amalungu omkhaya wenu ukuba alungiselele inkonzo yasensimini yamasonto onke? Ukwenza kanjalo kungazuzisa kakhulu. (2 Thimothewu 2:15) Kungasiza ekwenzeni inkonzo yawo yasensimini ibe nenjongo futhi ikhiqize. Ngezinye izikhathi, ningase nibekele eceleni sonke isikhathi sesifundo ukuze nenze lokho kulungiselela. Ningase nivame kakhudlwana ukusingatha izici zenkonzo yasensimini ngokuba nezingxoxo ezimfushane ekupheleni kwesifundo somkhaya noma ngesinye isikhathi phakathi nesonto.” Ingabe umkhaya wakho usuke wakuzama lokhu?
14 Qhubekani Nithuthuka: Ngokucabangela lesi sihloko, ingabe usuzibonile izici umkhaya wakho owenza kahle kuzo? Wuncome, futhi ulwele ukuthuthukisa kulezo zici. Uma ubona izici eziningana ezidinga ukuthuthukiswa, khetha esisodwa noma ezimbili eningazisingatha kuqala. Uma seziyingxenye yesimiso senu esingokomoya, nezela esinye esisodwa noma ezimbili. Yiba nombono omuhle futhi ube ocabangelayo. (Fil. 4:4, 5) Ukuba nesimiso esihle sezinto ezingokomoya emkhayeni wakho kudinga umzamo omkhulu, kodwa kunezinzuzo, ngoba uJehova uyasiqinisekisa: “Lowo ogcina indlela emisiwe, ngizomenza abone insindiso kaNkulunkulu.”—IHu. 50:23, NW.