IBhokisi Lemibuzo
◼ Ziyini izinzuzo zokuhlanganyela nebandla elisensimini ohlala kuyo?
Ngelungiselelo lebandla, sithola isikhuthazo ‘esisivuselela othandweni nasemisebenzini emihle.’ (Heb. 10:24, 25) Ngebandla sifunda iqiniso futhi sihlonyiselwe ukufeza isabelo sethu sokwenza abafundi. (Math. 28:19, 20) Siqiniselwa nokuba sikhuthazelele ukuvivinywa futhi sinababonisi abanothando abasisiza ukuba sibhekane ngokuphumelelayo nezingcindezi kanye nezinkathazo ezikhulayo. Ngempela, siyalidinga ibandla ukuze siqhubeke siphila ngokomoya. Nokho, ingabe zikhona izinzuzo zokuhlanganyela nebandla elisensimini esihlala kuyo?
Izimo zabantu ngabanye ziyahlukahluka, futhi izici ezinjengomsebenzi wokuziphilisa, umngane womshado ongakholwa, nezinto zokuhamba zingase zibe nomthelela esinqumweni umuntu asenzayo kule ndaba. Kodwa-ke, kunezinzuzo zangempela, ezingokomoya nezingokoqobo, uma umuntu ehlanganyela nebandla elisensimini ahlala kuyo. Abadala bangase bakwazi ukuthintana nabo bonke abamemezeli ngokushesha lapho kunezimo eziphuthumayo. AmaBhokisi Emibuzo esikhathi esidlule aye aqokomisa ezinye izinzuzo eziningana.—August 1991 (CD-ROM May 1991), April 1976 (CD-ROM March 1976), neka-February 1967 (CD-ROM January 1967).
Ngokuvamile, kulula ukuya emihlanganweni yebandla eliseduze, kusivumela ukuba sifike kusenesikhathi esanele sokuxoxa nabanye, sinakekele izindaba ezibalulekile, futhi sihlanganyele engomeni nasemthandazweni wokuvula. Uma sakhelene nabantu abasanda kuthakazela, ngokuvamile siba sesimweni esihle sokuxhumana nabo, sibaqhubele izifundo zeBhayibheli, futhi sibaqondise emihlanganweni abangafika kalula kuyo.
Siyaqiniseka ukuthi izinhloko zemikhaya ziyoyicabangela ngomthandazo le ndaba, zicabangisise ngazo zonke izici ezihilelekile ekunqumeni ukuthi yikuphi okuyinzuzo kakhulu enhlalakahleni yemikhaya yazo engokomoya nengokomzimba.—1 Thim. 5:8.