IZaziso
◼ Ngo-January: Noma iyiphi incwadi endala, kuhlanganise nethi Ulwazi, ibandla okungenzeka linayo esitokweni. Uma ningenazo esitokweni, sicela nibuze amabandla angomakhelwane ukuthi awanazo yini izincwadi ezindala ezinqwabelene eningazihambisa. Amabandla angenazo izincwadi ezindala angahambisa incwajana ethi Hlalani Nilindile! Ngo-February: Sondela KuJehova. Ngo-March: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Ngo-April: INqabayokulinda ne-Phaphama!
◼ Kusukela ngo-February, engakedluli u-March 4, ababonisi besifunda bazonikeza inkulumo yeningi entsha ethi “Ubani Oyofanelekela Ukungena Ezweni Elisha LikaNkulunkulu?”
◼ Kuzoxoxwa nge-video ethi Young People Ask—What Will I Do With My Life? komunye weMihlangano Yenkonzo ka-April. Uma edingeka, ama-oda kufanele afakwe ngebandla ngokushesha ngangokunokwenzeka.
◼ Izincwadi zethu zesiShayina zinyatheliswe ngezindlela ezimbili. Ngokuvamile abantu abavela eHong Kong naseTaiwan bafunda umbhalo omdala, esiwubiza ngokuthi “isiShayina [Chinese]” (CH). Iningi labanye abafunda isiShayina ngokuvamile lifunda umbhalo esiwubiza ngokuthi “isiShayina Esenziwe Lula [Simplified Chinese]” (CHS). Njengoba lezi zindlela zingahlobene nokuthi umuntu ukhuluma isiCantonese, isiMandarin noma olunye ulimi, kubalulekile ukuba uthole ukuthi uthanda muphi umbhalo. Ukuze kutholakale lokhu, kungasetshenziswa incwajana ethi Good News for People of All Nations, amakhasi 13-14. Ngale ndlela, kuyo-odwa izincwadi zombhalo ofanele.
◼ Amabandla kufanele enze amalungiselelo afanelekile eSikhumbuzo salo nyaka esizoba ngoMsombuluko, ngo-April 2, ngemva kokushona kwelanga. Nakuba inkulumo ingase iqale lingakashoni ilanga, ukudlulisa izifanekiselo akufanele kuqale lingakashoni. Buzani emithonjeni yezindaba yendawo ukuthi ilanga lishona nini endaweni yakini. Ibandla ngalinye kufanele lizame ukuba neSikhumbuzo endaweni yalo lodwa. Nokho, lokhu kungase kungenzeki ngaso sonke isikhathi. Lapho amabandla amaningana esebenzisa iHholo LoMbuso elilodwa, mhlawumbe elinye noma amanye angaqasha ezinye izakhiwo ngalobo busuku. Uma kungenzeka sisikisela ukuba kube nemizuzu engengaphansi kwengu-40 ngemva komhlangano ngamunye ukuze bonke bazuze ngokugcwele ngokuba nobudlelwane nabanye ngemva kweSikhumbuzo. Kufanele kucatshangelwe nokuminyana kwezimoto nendawo yokupaka, kuhlanganise nokwehlisa nokugibelisa abantu. Indikimba yabadala kufanele inqume ukuthi imaphi amalungiselelo azowalungela kangcono amabandla.
◼ Onobhala bamabandla kufanele baqiniseke ukuthi banayo incwadi yokumiswa kwephayona (S-202) yephayona elivamile ngalinye ebandleni. Uma kukhona engekho, kufanele bazise ihhovisi legatsha ngokubhala incwadi.
◼ Onobhala bamabandla kufanele baqiniseke ukuthi ikheli nenombolo yocingo yeHholo LoMbuso kuyatholakala encwadini yezinombolo zocingo yendawo.
◼ U-March, April No-May Izinyanga Ezikhethekile: Inyanga ka-March, April no-May ziyisikhathi sokwandisa inkonzo. Abamemezeli abaningi bazoba amaphayona asizayo. Ababonisi benkonzo bakhuthazwa ukuba baqale manje ukuhlelela amabandla ukuze ahlanganyele ngokwengeziwe enkonzweni yasensimini, kuhlanganise namalungiselelo oSuku Lukamagazini olukhethekile ngo-April 14, 2007. Amabandla kufanele awafake ngokushesha ama-oda akhethekile omagazini abengeziwe azobasebenzisa phakathi nalezi zinyanga ngaphambi kuka-February 1, 2007. Uma ama-oda efika sekwephuzile asinakuqinisekisa ukuthi liyotholakala inani lomagazini abadingekayo.
U-April 14, 2007, uzoba uSuku Lukamagazini olukhethekile. Sinikhuthaza nonke ukuba niqale manje ukuhlela ukuze nihlanganyele ngokugcwele kulo nyaka. Ungakwazi yini ukuba iphayona elisizayo ngo-April?