Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda Aug. 15
“Ngingathanda ukuzwa umbono wakho ngokushiwo yilo mbhalo. [Funda eyamaHebheru 3:4.] Ingabe uyavuma ukuthi indawo yonke yaklanywa uMklami ohlakaniphile? [Lindela impendulo.] Lo magazini uhlola ukuthi ukukholelwa kuMklami kuyavumelana yini nesayensi yeqiniso.”
Phaphama! Aug.
Lapho uhlangana nomuntu osemusha, ungase uthi: “Ontanga yakho abaningi bake balinyazwa inhlebo embi. Ingabe kwake kwakwehlela lokho? [Lindela impendulo.] IBhayibheli lisinikeza iseluleko esihle esingasisiza uma abanye besihleba. Libonisa nokuthi thina ngokwethu singayigwema kanjani inhlebo elimazayo.” Qokomisa isihloko esiqala ekhasini 12, bese ufunda omunye wemibhalo ekuleso sihloko.
INqabayokulinda Sept. 1
“Abaningi banomuzwa wokuthi ‘iTestamente Elidala’ linikeza ukwaziswa okuwusizo okungokomlando. Kodwa bayazibuza ukuthi ziyasebenza yini iziqondiso zalo namuhla. Ucabangani wena? [Lindela impendulo, bese ufunda eyabaseRoma 15:4.] Lo magazini ubonisa indlela ‘iTestamente Elidala’ elinikeza ngayo iseluleko esizuzisayo sokuphila kwansuku zonke nethemba langempela lekusasa.”
Phaphama! Sept.
“Ingabe ucabanga ukuthi izinhlekelele zemvelo ziyizenzo zikaNkulunkulu? [Lindela impendulo, bese ufunda uDuteronomi 32:4.] Lo magazini uhlola ukuthi kungani uNkulunkulu evumele izinhlekelele zemvelo ukuba zenzeke. Uveza nendlela ongawuvikela ngayo umkhaya wakho.”