Izintshumayelo Ezisikiselwe
Zokuqala Izifundo ZeBhayibheli NgoMgqibelo Wokuqala Ku-June
Funda u-Isaya 42:8. Ungabe usuthi: “Ngokwalo mBhalo, uNkulunkulu unegama. Ucabanga ukuthi kubalulekile ukulisebenzisa igama lakhe? [Lindela impendulo.] Phawula lokhu okushiwo lapha.” Nika umninikhaya INqabayokulinda ka-June 1, bese nixoxa ngendaba engaphansi kwesihlokwana sokuqala ekhasini 16. Mhambisele umagazini bese uhlela ukubuya nizoxoxa ngombuzo olandelayo.
INqabayokulinda June 1
“Ngingathanda ukuzwa uvo lwakho ngale ndaba ebalulekile. [Vula ikhasi 3, bese umbonisa uhlu.] Yikuphi kulolu hlu okuchaza kangcono umbono wakho ngeBhayibheli? [Lindela impendulo.] Phawula lokho iBhayibheli elikushoyo. [Funda eyabaseRoma 15:4.] Lo magazini ukhuluma ngezizathu eziyisihlanu zokuthi kungani iBhayibheli liyincwadi eyingqayizivele futhi uveza nokuthi lingasisiza kanjani.”
Phaphama! June
“Izigidi zabantu emhlabeni wonke ziyagula unyaka ngamunye ngenxa yokudla okungaphephile. Ngokombono wakho, kuphephe kangakanani ukudla emphakathini wakithi? [Lindela impendulo.] Lo magazini uchaza izindlela ezine esingavikela ngazo imikhaya yethu ekuguleni okubangelwa ukudla. Uphinde ukhulume ngesithembiso seBhayibheli sokuthi ngokushesha bonke abantu bazojabulela ukudla okuningi okunempilo.” Funda iHubo 104:14, 15.