UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Luyini Uthando Lweqiniso?
UJehova wenza umshado waba isibopho esihlala njalo phakathi kwendoda nowesifazane. (Gen 2:22-24) Isehlukaniso sivumeleke kuphela uma kukhona ophingile. (Mal 2:16; Math 19:9) Njengoba uJehova efuna abantu abashadile bajabule, ukhiphe izimiso ezingasiza amaKristu akwazi ukubakhetha ngokuhlakanipha labo abazoshada nawo futhi ahlale ejabule emshadweni.—Shu 5:4-6.
BUKELA IVIDIYO ETHI LUYINI UTHANDO LWEQINISO?, BESE UPHENDULA IMIBUZO ELANDELAYO:
Kungani isiyalo uFrank noBonnie abasinika indodakazi yabo, uLiz, sasihlakaniphile futhi sibonisa uthando?
Kungani kungekona ukuhlakanipha ukucabanga ukuthi ungamshintsha umuntu osuzoshada naye?
Isiphi iseluleko esihlakaniphile uPaul noPriscilla abasinika uLiz?
Kungani uZach noMegan baba nezinkinga emshadweni wabo?
Imiphi imigomo efanayo yokukhonza uJehova, uJohn noLiz ababenayo?
Kungani kufanele wazi “umuntu osithekile wenhliziyo” yomuntu ozoshada naye ngaphambi kokuba wenze isifungo somshado naye? (1Pet 3:4)
Luyini uthando lweqiniso? (1Ko 13:4-8)