UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
‘Yaneliswa Izinto Ezikhona’
Uma sinezinto ezincane zokuziphilisa, singase silingeke ukuba senze izinto ezingaphazamisa ubuhlobo bethu noJehova. Ngokwesibonelo, singase sivulekelwe ithuba lokwenza imali eningi lokho okungenza kube nzima ukukhonza uJehova. Ukuzindla ngomBhalo wamaHebheru 13:5 kuzosisiza.
“Ekuphileni kwenu ningayithandi imali ngokweqile”
Thandaza ucele uJehova akusize uzihlole ukuthi uyini umbono wakho ngemali, ucabange nangokuthi uzibekela siphi isibonelo izingane zakho.—g 9/15 6.
“Naneliswe izinto ezikhona”
Cabangisisa ngokuthi yini ngempela oyidingayo. —w16.07 7 ¶1-2.
“Angisoze ngakushiya futhi angisoze ngakulahla”
Methembe uJehova ukuthi uzokusiza uthole izinto ozidingayo uma uqhubeka ubeka uMbuso kuqala.—w14 4/15 21 ¶17.
BUKELANI IVIDIYO ETHI INDLELA ABAFOWETHU ABANOKUTHULA NGAYO NAPHEZU KWEZINKINGA ZOMNOTHO BESE NIPHENDULA LO MBUZO OLANDELAYO:
Yini oyifundile kulokho uMiguel Novoa abhekana nakho?