Lapho Kuziwa Kusayensi, IBhayibheli Lingokwesayensi
“Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba.” (Genesise 1:1) Ososayensi bafundisa ngesiqalo.
“Uphanyeka umhlaba phezu kweze.” (Jobe 26:7) AbaseGibithe bathi wawusekelwe ngezinsika; amaGreki athi ngeAtlas; abanye bathi ngendlovu.
Ekhulwini lesishiyagalombili B.C.E., uIsaya wabhala ngoJehova ‘njengohlezi phezu kwesiyingelezi somhlaba’. Igama lesiHeberu elithi hug, elihunyushwe ngokuthi “isiyingelezi,” lingasho futhi “umkhathi,” njengoba iOld Testament Word Studies kaWilson ibonisa. Khonake, inguqulo kaMoffatt kaIsaya 40:22 ifundeka kanje: “Uhlezi phezu komhlaba oyisiyingelezi.”
IBhayibheli lithi: “Enye inkanyezi yahlukile kwenye inkanyezi ngokukhazimula.” Izazi zesayensi manje ziyazi ukuthi kunezinkanyezi eziluhlaza, eziphuzi, ezincane ezimhlophe, izinkanyezi zamaneutron, nezinye.—1 Korinte 15:41.
Emakhulwini eminyaka ngaphambi kokuba izazi zemvelo zikuqaphele ukuthutha, uJeremiya wabhala (ekhulwini lesikhombisa B.C.E.) “Nonogolantethe emkhathini uyazazi izikhathi zakhe ezimisiweyo, ihobhe, nenkonjane, nonohemu bagcina isikhathi sokufika kwabo.”—Jeremiya 8:7.
Eminyakeni eyinkulungwane ngaphambi kukaKristu, uSolomoni wabhala ngolimi olungokomfanekiso ngokuphathelene nomjikelezo wegazi. (UmShumayeli 12:6) Isayensi yezokwelapha ayizange ikuqonde kwaze kwaba yikhulu le-15 C.E.
UMthetho kaMose (wekhulu le-16 B.C.E.) wabonisa ukuqaphela amagciwane esifo ezinkulungwaneni zeminyaka ngaphambi kukaPasteur.—Levitikusi, izahluko 13, 14.
Indaba yendalo ekuGenesise iyisayensi yemvelo eqondile—ifakazelwa umbiko womvubukulo kanye nezici zofuzo zanamuhla—uma ithi uhlobo ngalunye lomkhaya kwakumelwe luzalane ‘ngokohlobo lwalo.—Genesise 1:12, 21, 25.
Izici zofuzo engqamuzaneni yeqanda lomuntu elivuthiwe zinezimiso zazo zonke izingxenye zomzimba ngaphambi kokubonakala ukuthi zikhona. Qhathanisa neHubo 139:16: “Amehlo akho [akaJehova] angibona ngiseyihlule, zonke izinsuku [zalo] zalotshwa encwadini yakho, zanqunywa lungakaflki nolulodwa kuzo.”