Izingubo Zokugqoka Zisho Ukuthini Kuwe?
“KIMI, izingubo zokugqoka zisho ukufudumala, ukumboza, nokuthokomala,” kuphendula omunye wesifazane.
“Ukuzihlobisa!” kuphendula omunye.
“Zisho yonke into,” kusho enye indoda.—“Phela, ngaphandle kwazo bengingeke ngihambe noma ngenze umsebenzi wami.”
Ngempela, imibono ngezingubo zokugqoka iyehlukahluka, ngoba abekho abantu ababili abafana ncimishi. Ngakho uzibheka kanjani izingubo zokugqoka? Ingabe uyacabanga ngalokho okugqokayo nendlela okugqoka ngayo? Futhi izingubo zakho zisho ukuthini ngawe?
Okungaphezu Kokwemboza
Yebo, umsebenzi oyisisekelo wezingubo uwukumboza umzimba. Kodwa kulokhu, umehluko awupheli. Ngokwesibonelo, isari yaseNdiya, ikimono yaseJapane, imuumuu yaseHawaii, neaba yaseMpumalanga ephakathi konke kumboza umzimba kodwa ngezindlela ezihluke ngokuphelele. Ihomburg yaseJalimane, iberet yaseFrance, nekaffiyeh yaseArabhu, konke kwemboza ikhanda lendoda, nokho zihluke kakhulu kwenye nenye. AmaSabots, sandals, namaboot konke kumboza izinyawo kodwa ngezindlela ezihlukene. Futhi ubani ongasho ukuthi ikuphi okuthokomele kakhudlwana—ikilt yasescotland noma amaslacks aseMelika?
Kungakhathaliseki ukuthi sizizwa kanjani ngezingubo zethu, zembula okuningi ngathi nangemizwa yethu ngabanye. Ngaphambi kokuba sisho ngisho nezwi, izingubo zethu sezisho okuthile ngathi. Abantu basahlulela futhi basihlele ngokusekelwe kulokho esikugqokayo nangendlela esikugqoka ngayo. Ngokwesibonelo, isinxibi esisemanikinikini aso nendoda egqoke ibhantshi elimnyama bobabili bagqokile, kodwa kunomehluko omkhulu ethonyeni abanalo nangendlela abaphathwa ngayo.
Kaningi, izingubo zisetshenziswa njengendela yokuveza komuntu ukukhetha kwakhe indlela yokuphila, imibono yezombangazwe, ukubonakala kobuzwe, nokunye. Ngokwesibonelo, eshanghai, echina, abesifazane abaningi basebenzisa imakeup eningi, izingubo eziveza imilenze, nemfashini yomshado yaseNtshonalanga—okwehluke ngempela kunokwangaphambili. Ngakolunye uhlangothi, kwamanye amazwe aseMpumalanga ephakathi namazwe amaMuslim, abesifazane babuyela emuva ekugqokeni ingubo yesizwe samalslam.
Ngisho nasekugqokeni okuvamile, kumelwe kwenziwe izinqumo ngokuthi kuzogqokwani, nini futhi kuphi. Amabhulukwe, angafaneleka emsebenzini wasemasimini noma wasekhaya noma ukuwagqoka nje ngezikhathi ezithile, kodwa awafaneleki neze ngezikhathi zemihlangano engokomthetho, ibhizinisi noma imihlangano yokukhulekela. Lokho esivame ukukugqoka lapho siyothenga ukudla kungase kungafaneleki lapho siphuma kusihlwa nabangane. Ukunakekela nakho kumelwe kusetshenziswe ekukhetheni izinhlobo ezithile zezingubo zokugqoka, ngenxa yokuthi ukuthambekela namafeshini kuthonywa kakhulu “ukuziphatha okusha” nendlela yokuphila okukubonakalisayo.
Imvunulo eningi yezambatho ekhona inikeza wonke umuntu, owesilisa noma owesifazane, omdala noma omncane, inselele ethakazelisayo edinga ukuqaphela komuntu siqu nokuhlobisa. Ingabe uzindla ngokufanele ngalokho okugqokayo nangendlela okugqoka ngayo? Ukhetha ngokwaziphi izisekelo? Futhi izingubo zakho zisho ukuthini ngawe?
Inselele Yokukhetha
“Lokho okwake kwaba ukukhathalela, inguga kuye kwaphenduka ukufuna ilebula lomklami,” kusho uBarbaralee Diamonstein kumagazini iVogue. Ngempela, ngabantu abaningi, ukukhetha izingubo akuseyona indaba yenguga, ukusebenza kwayo, nesidingo. Kunalokho, njalo sihlaselwa ezokukhangisa ezithembisa ubuhle, isithunzi, udumo, nokuthandwa uma sigqoka izingubo ezinanyatheliswe amagama noma amalebula omklami othile.
Ukumelana nokuhlasela okunjalo kwezokukhangisa, noma ukulawula isimo sethu sokuthenga, kudinga amandla nokuziqeqesha. Bambalwa abantu abangamelana nalokhu kusikisela: “Oh! Qhubeka uyithenge. Ikufanela kakhulu.” Lapho amazwi anjalo engase abe umculo ezindlebeni zethu, angasho futhi ingozi emalini yethu. Ingabe uthambekele kalula emazwini athonyayo omthengisi ozimisele? Noma ungamelana nokucindezela kokuthenga into ethile ongayidingi ngempela noma ongeke ukwazi ukuyithenga? Uma ukwazi, kumelwe utuswe.
Lokhu akusho ukuthi umuntu ngeke akhethe okuthile okusha futhi okusemfashinini. Kodwa ukuqaphela kuyisihluthulelo.
Ngaso sonke isikhathi kuyisimiso esihle ukugqoka ngokweminyaka yobudala, ubuntu, nendlela yokuphila, kunokuba silawulwe ilokho kwamuva noma sithonywe ukucindezela kontanga futhi samukele isitayela esithile. Ukuthi ukubukeka okuthile “kusemfashinini” akusho ukuthi kukulungele wena. Ngokwesibonelo, ukubonakala okufanela abesilisa nabesifazane, muva nje okuye kwadunyiswa abaculi abathile berock, kuvala umugqa phakathi kwabesilisa nabesifazane ngokusebenzisa izimonyo, izitayela zezinwele, nezejwayezi ezithathwe kowobulili obuhlukile. Akunangqondo ukwamukela isitayela esinjalo ngenxa nje yokuthi sidumile emaqenjini athile. Futhi phawula ukuthi eBhayibhelini uDuteronomi 22:5 uthini ngalendaba.
Ngokuyisisekelo, isitayela, njengoba isichazamazwi sikuchaza, siyindlela okuthile okwenziwa ngayo kunokuba yileyonto ngokwayo. Ezingutsheni zokugqoka, kuwukuzibonakalisa komuntu kunokuba kube uhlobo lwezingubo azigqokile. Kuyinzuzo kakhulu ukuhlakulela indlela yokugqoka yomuntu siqu ebonakalisa isimo esihle nokulinganisela kunokulandela ngokungapheli imfashini yamuva nokwakhiwa kwayo.
Ukuthenga Okuyingozi
Ikhabethe elihle lezingubo aliyona indaba yokuba nezingubo eziningi noma ukuba nezimfashini zamuva kodwa ngokuvamile liwumphumela wokuthenga ngokucophelela nokukhetha. Ngakho ngaphambi kokuba uyothenga, bhekisisa kahle izingubo osunazo. Mhlawumbe ungazilungisa noma unciphise izinto ongazange uzisebenzise isikhathi esithile. Hlola izingubo onazo futhi uthole indlela ongashintshanisa ngayo ezinye izinto ukuze uzenze zibukeke kabusha. Ukwenza lokhu kuyokubeka esimweni esingcono sokunquma ukuthi yini ngempela oyidingayo.
Lapho uthenga, cabangisisa ngendlela impahla entsha eyofanelana ngayo nezingubo osunazo kakade. Khetha izingubo eziyovumelana kokubili nombala nesitayela sezingubo zakho. Izimpahla ezivamile zingcono ngoba ungazigqoka noma nini futhi zigqokeka kahle isikhathi eside. Funda futhi ukwenza okuningi ngekhabethe lakho lezingubo eselikhona ngokusebenzisa ngokuphumelelayo nangezinhlobonhlobo izingubo esezindala. Ukwenza kanjalo kuyokuvumela ukuba wembathe izimpahla zakho isikhathi eside futhi uzijabulele ngokwengeziwe.
Ukuthenga ngesikhathi esifanelekile nasendaweni efanelekile kungenza umehluko omkhulu. Lokhu kudinga ukuhlela okuncane, kodwa imivuzo iyakufanela. “Ngiyaqikelela ukuba ngithenge izimpahla kuphela phakathi nezikhathi lapho zisendalini,” kusho omunye wesifazane. Nokho, iqiniso lokuthi into isendalini akuyenzi ukuba ibe yinhle. Ngakho zama ukuthuthukisa ukuba uthenge indwangu yohlobo oluhle. Wenezela: “Ngifuna izitolo ezinempahla eyehlisiwe nama ukuba ezinye zehliswe kakhulu. Ngaleyondlela ngingathenga uhlobo oluhle lwezinto futhi ngithenge ngokwemali enginayo.”
Ukugcina Ukulinganisela
Ukubukeka okumadlakadlaka kungabonisa ukungazinaki noma ukuntula ukuzazisa, ng;isho nokungacabangeli umphumela umuntu anawo kwabanye. Ngakolunye uhlangothi, ukubukeka kokukhathalela ngokweqile imfashini kungembula ukuzazisa, noma ukuzithanda ngokweqile. Ngakho, kuyoba kuhle ukuhlola izisusa zethu. Zibuze: Ingabe ngizama ukuvelela kubo bonke abanye ngokubukisa ngezingubo zami? Ingabe ngisebenzisa izingubo ukuze ngincintisane nabanye noma ngifane nabo? Ingabe izimpahla zami ziyafaneleka ngokwesikhathi, indawo, nesimo?
Ngaphandle kokungabaza, izimpahla zisho okuningi ngathi. Zingasho uma sinesizotha noma siqhosha, sihlonipha noma sikhulumele. Zingafakazela isimo sethu esihle nenhlonipho, noma zingasibonakalisa njengabantu abazazisayo futhi abangenandaba. Yebo, zingahlebeza, zikhulume, noma zimemeze ngathi. Ngakho kubalulekile ukugcina ukulinganisela ekukhetheni kwethu izingubo.
Ngokukhumbula ukuthi izingubo zimane ziwukubonakaliswa komuntu esiwuye ngaphakathi, izingubo zethu kumelwe zibe ngezijabulisayo nezikhangayo, sigweme izimfashini ezingenasizotha noma ezeqisayo. Uma sikunakekela ngokufanelekile lokho esikugqokayo nangendlela esikugqoka ngayo, izingubo zethu ziyokhuluma kahle ngathi.
[Ibhokisi ekhasini 30]
Ukwazisa Ngekhabethe Lezingubo Zohlobo Oluhle
“Isimo sokuqina kwendwangu siqinisekisa ukuthi iyoba yinhle, [kulingane kahle futhi igcine isimo sayo ngemva kokuwashwa iminyaka eminingi,” kusho isikhulu seHart Schaffner & Marx Clothes. Nakhu okunye ukwaziswa ngokuba nezingubo zohlobo oluhle ekhabetheni lakho.
◻ Sebenzisa imali ongakwazi ukuyisebenzisa ukuze uthole uhlobo oluhle lwendwangu
◻ Gwema izimfashini nokweqisa emibaleni, ukwakheka, nesitayela
◻ Gxila ezingutsheni ezikulingana kahle nasekusetshenzisweni kwayo
◻ Khetha indwangu nombala ofanela injongo yempahla
◻ Gaxa ingubo ngehenga, ikhiphele phandle emoyeni, futhi uyivumele ukuba ihlale amahora angama-24 ngemva kokuba uyisebenzisa
◻ Iwashe kuphela uma kudingekile; landela iziyalezo ngokucophelela
[Izithombe ekhasini 29]
Izimfashini ezinesizotha nezikhangayo zezingubo ziyehluka ngokwamazwe