Umzimba—Wenziwe Ngokumangalisayo Ukuze Ujabulele Ukuphila!
OSOSAYENSI bayavuma ukuthi umzimba womuntu wenziwe ngokumangalisayo, ngempela umklamo oyisimangaliso nobunjiniyela. Lapho zonke izingxenye zomzimba wethu zisebenza kahle, singenza futhi sijabulele izinto ezimangalisa ngempela.
Ngokwesibonelo, bheka izandla zakho. Ziklanywe ngokumangalisayo ukuze zifeze izinto eziningi kakhulu emsebenzini noma emdlalweni. Njengamanje, ingabe izandla zakho zibambe lomagazini owufundayo? Uma kunjalo khona-ke ingalo yakho uyigobise ngokwesilinganiso esifanele ukuze ugcine umagazini usebangeni elifanele emehlweni akho. Iminwe yakho ibambe umagazini ngamandla adingekayo ukuze ungawi ezandleni zakho. Futhi leyominwe ilawulwa ubuchopho ukuba yenze lokho kanye ofuna ikwenze uma uphenya ikhasi. Yeka ubunzima okwakuyoba yibo ukungabi nezandla.
Iso lakho nalo lihilelekile ekufundeni lamakhasi. Uhlelo olumangalisayo lwemizwa nezinye izingxenye zomzimba kuqala ukusebenza ukuze kudlulisele esweni lakho amagama nemifanekiso esephepheni bese kudlulela ebuchosheni bakho. Izigijimi zemizwa ezivezwa yiso ziyiswa ebuchosheni, lapho zisetshenziselwa ukwakha imifanekiso efana nemifanekiso esephepheni. Yeka indlela ukubona okubaluleke ngayo, futhi yeka ukuthi kudabukisa kanjani lapho kulahleka.
Isisindo sobuchopho bomuntu silinganiselwa kumakhilogremu ayi-1,3 kuphela futhi buncane kangangokuthi bunganela esandleni sakho. Kodwa buyisimangaliso, buphakathi kwendalo eyinkimbinkimbi kakhulu emhlabeni wonke. Busenza sikwazi ukucabanga, ukubona, ukuzwa, ukukhuluma, ukuvumelanisa ukunyakaza kwethu. Ngenxa yalobuchopho obuyinkimbinkimbi, singajabulela ukushona kwelanga okuhle, ukudla okumnandi, umoya wasehlobo opholile ebusweni bethu, ukubonakala okuhle kwezintaba ezimangalisayo, ukuhleka komntwana, iphunga elimnandi lembali, ukuthintwa othile esimthandayo—futhi okuningi kwalokhu kwenzeka ngaphandle komzamo wokuqondisa kwethu. Ngaphandle kwalobuchopho obumangalisayo, sasingeke sijabulele lutho.
Yeka ukuthi afaneleke kanjani amazwi omhubi lapho ethi: “Ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo”!—IHubo 139:14.
Nokho nakuba, sinalelithuluzi elihle kangaka, isikhathi siyafika lapho umzimba uwohloka khona. Siyagula futhi siguge, bese sifa. Kunobubi obuningi kakhulu ezweni elisizungezile kangangokuthi ngisho nalapho sinempilo enhle, injabulo yethu iyaphela. Ingabe lezizimo ezingajabulisi ziyohlala zikhona? Noma, ingabe imizimba yethu ngempela yayiklanyelwe ukuhlala phakade—ikhululekile ekuguleni, ukuguga, nasekufeni—ukuze sijabulele ukuphila ngokunganqamukiyo emhlabeni ngomqondo ogcwele ukwedlula noma yini enye esinayo manje?
IPhaphama! izohlola lezindaba komagazini abathathu ezinyangeni ezizayo. Kulengxenye yokuqala, sizoxoxa nje ngezingxenye ezimbalwa zomzimba wethu omangalisayo: isandla, iso, nengqondo.