Umbono WeBhayibheli
Ingabe ITestamente Elidala Liyisidala?
■ “ITestamente Elidala lifundisa inzondo nokuphindisela, ‘iso ngeso nezinyo ngezinyo.’ Konke lokho kuye kwathathelwa indawo iTestamente Elisha elifundisa uthando nokuthethelela.”
■ “ITestamente Elidala limane nje alisasebenzi kumaKristu anamuhla, ngakho-ke akubalulekile ukulifunda.”
INGABE wake wazithola uphindaphinda lokugxeka okungenhla? Noma wezwa othile enza kanjalo? Ingabe iTestamente Elidala (ImiBhalo yesiHeberu) lifile ngempela, liyisidala, lithathelwe indawo iTestamente Elisha (ImiBhalo yamaKristu yesiGreki)? iBhayibheli ngokwalo lithini?
Ngokuthakazelisayo, iTestamente Elisha liyabonisa ukuthi isivumelwano soMthetho, uNkulunkulu asenza noIsrayeli wasendulo, siphelelwe isikhathi ngakho asiwabophi amaKristu. (Efesu 2:15; Heberu 8:13) Lesivumelwano soMthetho sihlanganisiwe eTestamenteni Elidala. Kodwa kunokwengeziwe eTestamenteni Elidala kunesivumelwano soMthetho!
Kunezingxenye ezintathu zeTestamente Elidala ezilenza libaluleke kuwe. Ziyini? (1) Umlando Oqondile, (2) izinkondlo ezakhayo (3) nesiprofetho esishukumisa ukholo, zonke ezibaluleke kakhulu kumaKristu anamuhla. Cabanga ukuthi kukanjani lokhu kunjalo.
Umlando WeBhayibheli
Izincwadi zokuqala eziyi-17 zeTestamente Elidala, uGenesise kuya kuEsteri, zihlanganisa irekhodi elingokomlando lokusebenzelana kukaNkulunkulu nomuntu kusukela ekudalweni kwakhe kuze kube sekhulwini lesihlanu B.C.E. Kodwa lona akuwona nje umlando ofile! Njengoba umphostoli uPawulu ongumKristu aloba: “Manje lezozinto [ezichazwe eTestamenteni Elidala] zabehlela bona kubeyisibonelo; kulotshelwe ukusiyala thina [amaKristu], osekufikile kithi ukugcina kwezikhathi.”—1 Korinte 10:11.
Kungani uPawulu abheka lomlando njengofanelekele amaKristu naphezu kokuba kwase kudlule amakhulu amaningi eminyaka? Kalula nje, njengoba nje isimo somuntu semvelo singazange siguquke eminyakeni eminingi, uNkulunkulu ngokwakhe akazange aguquke. (Malaki 3:6) Umfundi ongumKristu uJakobe wachaza ngoJehova uNkulunkulu: “Okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.” (Jakobe 1:17) Ithunzi lelanga liyashintshashintsha kusukela lapho lilincane emini kuze kube yilapho landa khona ekushoneni kwelanga. Kodwa uJehova uhlukile; ubuntu bakhe abuguquki.
Ngakho, singafunda okuningi emlandweni wokusebenzelana kukaJehova nezinzalamizi, noIsrayeli oLwandle Olubomvu nasehlane, nabanye abantu abaningi. Ngokwesibonelo, njengoba nje uNkulunkulu acasuka lapho amaIsrayeli ekhulekela izithombe noma ehlobonga ngakho akathokozi lapho amaKristu ehilelekile ekuziphatheni okunjalo. (1 Korinte 10:1-12) Ngisho nesivumelwano soMthetho, nakuba sona ngokwaso singawabophi amaKristu, sinikeza ukuqonda okuyigugu ubuntu bukaJehova ngemithetho yaso eyisisekelo.
Izinkondlo ZeBhayibheli Nesiprofetho
Izincwadi ezinhlanu ezilandelayo, kusukela kuJobe kuya kusiHlabelelo seziHlabelelo, izincwadi ezisankondlo. Kodwa lezincwadi zingokungaphezu kunokuba nje izincwadi ezinhle, ngoba ezikuqukethe kuyathuthukisa ngokomoya, futhi ngokuvamile kusekelwe ezehlakalweni ezingokomlando. Ekabani imizwelo engashukunyiswa AmaHubo? Futhi ubani ongasiboni iseluleko esiwusizo ngokwethembeka, umhawu, nezinye izindaba zokuphathana kwabantu encwadini yezAga? (IzAga 11:1; 14:30) Ngokungangabazeki, lezincwadi namuhla ziwusizo njengoba zazinjalo lapho ziqala ukubhalwa.
Izincwadi eziyi-17 zokugcina zeTestamente Elidala, uIsaya kuya kuMalaki, ziyizincwadi ezingokwesiprofetho. Ziqukethe izimemezelo zabaprofethi bamaHeberu basendulo, futhi zinikeza izincazelo ezikhanyayo zokuza kukaMesiya emhlabeni amakhulu eminyaka kusengaphambili. Ukulandisa kwamavangeli eTestamenteni Elisha kubonisa ukugcwaliseka kwaleziprofetho eziningi, ngisho nangokulandisa okuncane. Ngokuqinisekile, ukucabangela kokunemba kwaleziprofetho kuqinisa ukholo lwethu kuJesu Kristu njengothunywe uNkulunkulu ukuba akhulule isintu!
Ingabe Ziyaphikisana?
Kodwa ingabe umehluko ophakathi kweTestamente Elidala neTestamente Elisha ungalinganiswa? Asenze umfanekiso: Ubaba angase eluleke amadodana akhe amabili ngobuqotho kodwa ngokuhlukile ngoba umntwana ngamunye unobuntu obumahlukanisayo. Ngokufanayo, indlela yeseluleko sikaJehova eTestamenteni Elidala kumaIsrayeli, isizwe sabantu abazinikele kuye ngokuzalwa, yayiyohluka endleleni yeseluleko esitholakala eTestamenteni Elisha esiya ebandleni lobuKristu, iqembu labantu abazinikele kuye ngokuzikhethela.
Kanjalo, ukuhlola okuseduze kweBhayibheli kubonisa ukuthi lezingxenye ezimbili aziphikisani, kodwa kunalokho ziyaphelelisana. Lezingxenye zombili ziyadingeka ukuze “umuntu kaNkulunkulu aphelele.”—2 Thimothewu 3:16, 17.
Ngokwesibonelo, ingabe iTestamente Elidala ngempela liyokuvumela ukuziphindisela komuntu siqu kuyilapho iTestamente Elisha likulahla lokhu? Lutho neze! Omabili atusa uthando ngezitha zomuntu, abonisa ukuthi ukuphindisela kushiyelwa kuNkulunkulu. (Qhathanisa noDuteronomi 32:35, 41 nezAga 25:21, 22 nabaseRoma 12:17-21.) Eqinisweni, lapho iTestamente Elidala likhuluma ‘ngeso ngeso nezinyo ngezinyo’ alikhulumi ngokuziphindisela komuntu siqu, kodwa kunalokho ngenkokhelo efanele njengoba ibizwa inkantolo yomthetho enegunya elifanele.—Eksodusi 21:1, 22-25.
Ngakho kunokuba libonise ukuthi iTestamente Elidala alisasebenzi iBhayibheli ligomela ngokuthi iTestamente Elidala liyaphila futhi lisebenza kumaKristu njengeTestamente Elisha. Khumbula amazwi kaJesu Kristu: “Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.” Futhi lapho uJesu ekhuluma lawomazwi imiBhalo yesiHeberu kuphela eyayikhona.—Mathewu 4:4; qhathanisa noDuteronomi 8:3.