Umbono Webhayibheli
Ubungqingili—Siyini Isibopho Sabefundisi?
ONGQINGILI abakufuna ngobuqotho ukukhonza uNkulunkulu bazithola bedidekile. Njengoba omunye asho: “Uma uzinikele esontweni futhi kwenzeka wazi ukuthi nawe ungungqingili, ikuphi ukukhetha kwangempela onakho?”
Ukuze bazi lokho okudingekayo ukuze bajabulise uNkulunkulu, ongqingili abaningi ngokufanelekile baye baphendukela kubefundisi. Ingabe “lamadoda angabefundisi” anikeza isiqondiso esiqondile? Siyini isibopho sawo emphakathini wongqingili? Uyini umthwalo wawo wemfanelo ongokwesisekelo kubo bonke abantu?
Abapristi Banesibopho Sokuphakamisa Izindinganiso ZikaNkulunkulu
IBhayibheli likubeka ngokuqondile lapho lithi abapristi basendulo ‘bamiselwa abantu kokukaNkulunkulu.’ (Heberu 5:1) Lapho uAbrahama wasendulo ekhonza umkhaya wakhe ngalendlela, wawusiza ukuba ‘ugcine indlela kaJehova.’—Genesise 18:19.
Ngokufanayo, ubupristi kuIsrayeli wasendulo bafeza indima ebalulekile ekuphakamiseni izindinganiso zikaNkulunkulu. Abapristi babenomthwalo wemfanelo oyisibopho wokusiza isizwe ukuba ‘sibe ngabantu bakaJehova.’ (2 IziKronike 23:16) Namuhla, njengakulesosikhathi, abameleli bakaNkulunkulu banesibopho sokusiza umhlambi wabo ukuba ‘uqhubeke ungabantu bakaNkulunkulu’ futhi ‘ugcine indlela kaNkulunkulu.’
Ukuze bakwenze lokhu, kumelwe bafundise umhlambi iZwi likaNkulunkulu. (Malaki 2:7) Ingabe abefundisi baye bazibonakalisa ‘beyizithunywa zikaNkulunkulu,’ besiza abantu ukuba ‘bagcine indlela kaNkulunkulu’? Ngokuvamile akunjalo. Futhi lokhu kusobala ikakhulukazi endabeni yobungqingili.
Izithunywa Ezinamaphutha, Isiqondiso Esiyingozi
Uma silimisa ngesihloko, iBhayibheli liyabulahla ubungqingili. Akukhomazwi obuqili angenza imiBhalo enjengoLevitikusi 18:22 nabaseRoma 1:26, 27 ishabalale (Bheka ibhokisi). Kodwa evuna imikhuba yanamuhla emelene neBhayibheli, umpristi ongumJesuit wathi ngobuhlobo bobungqingili: “Buwukuphela kwekhambi elingenzeka ngabantu abaningi ukuze baphile ukuphila okujabulisayo nokunenjongo.” Elandela indlela efanayo yokucabanga, omunye umbhishobhi waseSheshi wabiza ubungqingili ngokuthi “okuthile [ongqingili] abangenakukulawula.” Kodwa iBhayibheli lithi ngabanye ababengongqingili ekhulwini lokuqala leminyaka: “Babenjalo abanye kini, kepha senahlanzwa.”—1 Korinte 6:9-11.
Abanye bathethelela ukuphikisana kwabo nezindinganiso zeBhayibheli ngesisekelo sothando. Omunye umpristi wathi: “Uthando, ikakhulukazi uthando ngabantu abangamukelwa umphakathi nabakhishwa inyumbazana, luwukuvivinywa okubalulekile kokuphila kwethu okungokomoya.” Khona-ke waphetha ngokuthi, “Ubungqingili babungeke bube impikiswano kuKristu. Impikiswano kuye yayiyoba ukuthi: “Ingabe labantu baphila ukuphila kwabo, kungakhathaliseki lokho abayikho, ngendlela yothando lwangempela?”
Kodwa iBhayibheli aliludidanisi uthando nemizwelo. Uthando lokwesaba uNkulunkulu lwenziwa lube sesilinganisweni ngokulunga futhi luhlanganisa inzondo ngokubi. IBhayibheli lixwayisa ngamandla, “Nina enithanda uJehova zondani okubi” (IHubo 97:10) Uthando lweqiniso luhlanganisa futhi iseluleko, ngoba “iNkosi iyamlaya emthandayo.” (Heberu 12:6) Khona-ke, izikhonzi zinesibopho ‘sokuyala ngesifundiso esiphilileyo nokwahlula abaphikayo.’ (Thithu 1:9) Futhi khumbula lokhu: Lapho umpristi wasendulo ayefeza imithwalo yakhe yemfanelo ngokwethembeka, “wabuyisa abaningi ebubini.”—Malaki 2:5, 6.
Ukululaza Izindinganiso ZeBhayibheli
Kodwa ngokuvamile, abefundisi banamuhla banjengabazali abayekelelayo: abesabayo ukushaya izingane zabo ngenxa yokuthi ‘lokho ngeke kube uthando.’ Ngaleyondlela abefundisi baye balulaza izindinganiso zeBhayibheli amashumi eminyaka. Kwaba namiphi imiphumela? “Ngenxa yokuba ububi obenziwayo bungahlulelwa masinyane, ngalokho izinhliziyo zamadodana abantu phakathi kwawo zigcwele ukwenza okubi.” (UmShumayeli 8:11) Ngokwesibonelo, ngisho nakuba ukuma okungokomthetho kweSonto lamaKatolika kumelene nobuhlobo bobungqingili, okunye ukuhlola kwabonisa ukuthi amaphesenti angama-55 awo wonke amaKatolika aseU.S. ayekholelwa ukuthi othile ohlanganyela ebuhlotsheni bobungqingili usengaba umKatolika olungile.
Kwenzeka okuthile okufanayo kuIsrayeli wasendulo lapho abapristi babengaphakamisi izindinganiso zikaNkulunkulu. Wathi ngabo: “Baze badeda kude nami, . . . abashongo ukuthi: Uphi uJehova.” Futhi kungani? Kungenxa yokuthi “abapristi abashongo ukuthi: Uphi uJehova? Abaphethe umthetho [babengangazi, NW].” (Jeremiya 2:5-8) Umprofethi uZefaniya wathi: “Abangalungile abazi amahloni” ngenxa yokuthi “abapristi bawo bayingcolisile indlu engcwele, bawudlovulile umthetho.”—Zefaniya 3:1-5.
“Sidele Ukungakholwa”
Ongqingili abafuna ukukhonza uNkulunkulu kumelwe bakwenze lokho ngokuvumelana nezimfuneko zakhe—izimfuneko ezibekwe ngokucacile eBhayibhelini. Namuhla, njengasekhulwini lokuqala leminyaka, kunongqingili abaye basizwa ukuba ‘babulale amalungu abo asemhlabeni, ubufebe, nokungcola, nokuhuheka.’ (Kolose 3:5) Kuyavunywa, lokhu akuzange kube lula ngabanye, kodwa baye bafunda ukubulala izinkanuko zabo zokuziphatha okubi njengoba kuye kwadingeka ngabaningi bobuhlobo bobulili obungafani ukuba babulale izinkanuko zabo ezimbi ngabobulili obuhlukile. Womabili lamaqembu aye asizwa futhi ngokuhlanganyela njalo nebandla lobuKristu leqiniso, elingabasekela emgomweni wabo ‘wokudela ukungakholwa nezinkanuko zezwe, ukuhamba ngokuqonda, nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu.’—Thithu 2:12.
Abefundisi abalulaza izindinganiso zeBhayibheli futhi bavune isono ababonisi umusa kongqingili. Bangase ‘bakitaze izindlebe,’ kodwa abaphili ngokwesibopho sabo ‘sokushumayela izwi.’ Lona umthwalo wabo wemfanelo kongqingili—nakubo bonke abantu.—2 Thimothewu 4:1-5.
[Ibhokisi ekhasini 31]
“Ungalali nowesilisa njenganowesifazane; kuyisinengiso.”—Levitikusi 18:22
“Ngenxa yalokho uNkulunkulu wabanikela ekuhuhekeni okuyihlazo; ngokuba abesifazane babo baguqula ukwenza kwemvelo kwabangokuphambene nemvelo; ngokunjalo nabesilisa bayeka ukwenza kwemvelo kowesifazane, basha ngokukhanukelana, abesilisa benza okuyichilo kwabesilisa, bezitholela umvuzo ofanele ukuduka kwabo.”—Roma 1:26, 27