Ikusasa Lenkolo Uma Kubhekwa Isikhathi Sayo Esidlule
Ingxenye 24: Manje naphakade Ubuhle Baphakade Benkolo Yeqiniso
“Inkolo, uma ngamaqiniso asezulwini yembathisiwe, idinga nje kuphela ukubukwa ukuze yaziswe.”—UWilliam Cowper, imbongi eyiNgisi yekhulu le-18 leminyaka
AKUKHO lutho lokwaziswa ngenkolo yamanga. Iye yalethela isintu amakhulu angama-60 eminyaka yosizi nokuhlupheka. Izindlela zayo zokuqamba amanga, zokukhohlisa, zobuqili, nezenzondo ziye zayenza yaba yimbi kokubili emehlweni kaNkulunkulu nawomuntu. Ikude kakhulu nokuba yembathiswe amaqiniso aphezulu, inkolo yamanga iphambene neqiniso nobuhle.
Ngokushesha amabutho kaNkulunkulu abhubhisayo ngokuzumayo azophonsa inkolo yamanga emgodini wokubhujiswa kwaphakade. Ngokushesha ngemva kwalokho, sonke isimiso sikaSathane siyolandela. Kodwa inkolo yeqiniso, kanye nalabo abakuyo, bayoqhubeka bephila. Yeka injabulo okuyoba yiyo ngalesosikhathi ukubona ubuhle bayo baphakade buboniswa ngezinga namuhla esingenakucabanga ngalo!
Buhle Buni?
Buningi ubuhle benkolo yeqiniso. Nabu obumbalwa. Kungani ungathathi isikhathi ubheka imibhalo yeBhayibheli ekhonjiwe efakazela ukuthi lobubuhle baphakade busekelwe eBhayibhelini?
Phakathi kobuhle obuningi baphakade benkolo yeqiniso kukhona lobu:
▪ Isekelwe eqinisweni likaNkulunkulu ongenaphutha, ogama lakhe linguJehova, esingathembela kuye ngokungenamibandela.—IHubo 83:18; Isaya 55:10, 11.
▪ Itholakalela noma ubani onenhliziyo ethobekile, ayigcinelwe labo abanokuhlakanipha okukhulu kuphela.—Mathewu 11:25; 1 Korinte 1:26-28.
▪ Ayibheki ubuzwe, izinga lezenhlalo, nokuma okungokomnotho.—IzEnzo 10:34, 35; 17:24-27.
▪ Inikeza ithemba elinesisekelo esihle lokuphila ezweni lokuthula nokulondeka elingenakudabuka, ukugula, usizi, nokufa.—Isaya 32:18; IsAmbulo 21:3, 4.
▪ Inikeza uhlaka amalungu ayo angaphila ngalo njengabazalwane bomhlaba wonke abathembekile, abamunye emfundisweni, ekuziphatheni nasemoyeni.—IHubo 133:1; Johane 13:35.
▪ Inikeza bonke—owesilisa, owesifazane, nomntwana—ithuba lokuhlanganyela ngentshiseko emsebenzini kaNkulunkulu, begcwalisa ukuphila ngenjongo.—1 Korinte 15:58; Heberu 13:15, 16.
▪ Isixwayisa ngezingozi ezingabonakali, isiqondisa ngendlela okumelwe siziphathe ngayo ukuze sizuze.—IzAga 4:10-13; Isaya 48:17, 18.
Futhi kungani kungathiwa lobubuhle obaphakade? Ngenxa nje yokuthi buyohlala bukhona uma nje inkolo yeqiniso isekhona—phakade.
Ukuvala Imifantu
Kungashiwo ukuthi ukufa kungesinye sezitha ezinkulu kakhulu zeqiniso, njengoba abantu ngokuvamile beya emathuneni nokwaziswa okungekho omunye umuntu okwaziyo. Imininingwane eqondile yezehlakalo zamuva kakhulu ngokuqhathaniswa—ngokwesibonelo, ukubulawa kwango-1963 kukamongameli waseU.S. uJ. F. Kennedy—namanje iseyindaba eyindida. Ayini amaqiniso? Ubani ngempela owaziyo? Abaningi okungenzeka bayazi abasaphili. Futhi uma lokhu kuyiqiniso ngesehlakalo esenzeka eminyakeni engama-26 kuphela edlule, kuthiwani ngezehlakalo ezenzeka emakhulwini noma ngisho ezinkulungwaneni zeminyaka edlule?
Ngaphezu kwalokho, izazi mlando zimane zingabantu, zinokulinganiselwa olwazini futhi zisebenza ngaphansi kokukhubazeka kokungapheleli kobuntu futhi ngokunokwenzeka zinobandlululo. Yingakho nje umuntu onengqondo enza kahle ukuba angabi ngogomela ngezinto angenamlando ogunyaziwe nophefumlelwe ngokwaphezulu ngazo.
Ukubhala ngomlando ongokwenkolo nakho kuletha izinkinga ezifanayo, njengoba izazi ngokuvamile zingavumelani ngamaqiniso. Ochungechungeni oluthi “Ikusasa Lenkolo Uma Kubhekwa Isikhathi Sayo Esidlule,” iPhaphama! iye yazama ukuveza amaqiniso afakazelwe kahle, kodwa kumelwe kuvunywe ukuthi njengamanje kunezinto ezithile esingazazi. Ngokwesibonelo, amaqembu amaKristu okuzisholo ayekhona phakathi nangemva kweNkathi Yombunyama anamathela ngezinga elingakanani ngempela ebuKristwini beqiniso?
Ngalamaqembu, uprofesa womlando wesonto uA. M. Renwick uyaphawula: “Ukucwaninga okuningi okungokomlando kusadingeka ukuze kuveze indaba eyiqiniso nokuma okungokwenkolo kwalezozindikimba ezihlukahlukene.” NgokukaRenwick, “esikhathini esidlule izazi-mlando ziye zathembela kakhulu ezinkulumweni zezitha zamaqembu amibono yawo ihlukene ukuze zinqume imfundiso yazo nokuziphatha.” Yebo, ukuthembela kakhulu ezinkulumweni zabangane bazo nakho kungase kuphumele embonweni otshekile. Ngakho ngisho nangemva kokucwaninga okukhulu okungokomlando, imibuzo eminingi ngokunokwenzeka iyosala ingaphenduliwe.
Kuthiwani ngeBhayibheli? Njengencwadi ephefumlelwe ngokwaphezulu equkethe umlando ongokwenkolo, inokwethenjelwa kukho konke ekushoyo. Kodwa lisho okuncane kakhulu ngazo zonke izinhlobo ezihlukene zenkolo yamanga eziye zaba khona. Lokho kuyaqondakala, njengoba yayilungiselelwe ukusebenza njengencwadi yenkolo yeqiniso, hhayi yamanga.
Ngisho nangenkolo yeqiniso, iBhayibheli alisitsheli konke. Lisinikeza ukwaziswa okwanele ukuze sibone inkolo yeqiniso ngendlela ephumelelayo, kodwa ngezinye izikhathi lishiya iminingwane ethile. Nakuba lemininingwane kungase kujabulise futhi kuthakazelise ukuyazi, njengamanje ayibalulekile.
Khona-ke futhi, iBhayibheli linamagebe ezikhathi. Ngokwesibonelo, alisho lutho ngokuthi kwenzekani phakathi neminyaka engaphezu kwama-400 edlule phakathi nesikhathi sokuqedwa kwemiBhalo YesiHeberu, ngokuvamile ebizwa ngokuthi iTestamente Elidala, nokuvela kukaJesu. Futhi selokhu iBhayibheli laqedwa, sekudlule cishe iminyaka eyi-1 900.
Ngakho ngokwengxenye enkulu yamakhulu ayi-18 eminyaka, asinawo umlando ophefumlelwe ngobuKristu. Lokhu yikho okubanga ukungaqiniseki ngamanye amaKristu okuzisholo, njengoba echazwe umbhali uRenwick. Noma kunjalo, kusobala ukuthi okungenani abanye abantu emakhulwini adlule eminyaka babenamathela ebuKristwini bokuqala. Nokho, kunemibuzo engaphenduliwe ephathelene nezisusa nobuqotho okungenzeka babukhona kubantu abathile beminyaka edlule. Kuthiwani ngabaholi abathile beNguquko? Nokuqondene nalokho, kuthiwani ngamadoda anjengoConfucius noMuhammad? Nakuba izimiso ezikhona zenkolo zingahlulelwa ngokuqondile ngesisekelo sezithelo zazo, abantu ngabanye—ikakhulukazi uma sekukade bashona—ngokuvamile abanakwahlulelwa ngazo.
Nokho, uma ezweni elisha likaNkulunkulu, kungenzeka kube intando yoMdali ukuba kubhalwe kabusha izincwadi zomlando—kuhlanganise nalezo zomlando ongokwenkolo—kuyokwenzeka. Lokhu kungenxa yobunye ubuhle benkolo yeqiniso—isiqinisekiso sokuthi abafileyo bazovuswa.—Johane 5:28, 29; IzEnzo 24:15.
Ake ucabange ngenjabulo yokuthola izimpendulo eziqondile emibuzweni yethu ngokukhuluma nabantu abavusiwe abazenza ngokoqobo izinto esiye sazifunda ezincwadini zomlando. Ake ucabange ngokukwazi ukugcwalisa iminingwane engekho, enjengegama likaFaro owafa oLwandle Olubomvu nowathola izinhlupho zaseGibithe.
Uma umlando onjalo kungenzeka ukuba ubhalwe ngolunye usuku, uyobhalwa ukuze ungcwelise futhi umlwele phakade umsunguli wenkolo yeqiniso, uJehova uNkulunkulu. Akukho kungabaza ngalokhu. Nokho, umbuzo osalayo yilo: Wena uyoba khona yini ukuze uwufunde?
Ukwazisa Akwanele
Ubuhle baphakade benkolo yeqiniso abubonakali kalula ngaso sonke isikhathi njengoba amazwi kaCowper acashunwe ekuqaleni kwalesihloko angase abonakale ebonisa. Khona-ke, umagazini wokuqala weZion’s Watch Tower and Herald of Christ’s Presence wenza lokhu kukhulumela okulandelayo eminyakeni eyi-110 edlule: “Iqiniso, njengembali encane enhle ogwadule lwempilo, lizungezwe futhi licishe liminyaniswe ukukhula ngokukhululeka kokhula lwamaphutha. Uma ulithola kumelwe ngaso sonke isikhathi uqaphe. Uma ubona ubuhle balo kumelwe uthintithe ukhula lwamaphutha nameva okunamathela ngokuqinisa ikhanda enkolweni. Uma ufuna libe ngelakho kumelwe ugobe ukuze ulithole.”
Kwethenjwa ukuthi esithi “Ikusasa Lenkolo Uma Kubhekwa Isikhathi Sayo Esidlule” siye sasiza abafundi balomagazini ukuba “bathintithe ukhula lwamaphutha nameva okunamathela ngokuqinisa ikhanda enkolweni” ukuze babazise ngokwengeziwe ubuhle baphakade benkolo yeqiniso.
Kodwa ukwazisa akwanele. Siyafaneleka isisho sesiChina esithi: “Ukufundisa okungena ngezindlebe kodwa kungangeni enhliziyweni kunjengokudla kwakusihlwa okudliwa ephusheni.” Ukuze sizuze ngokomuntu siqu ebuhleni baphakade benkolo yeqiniso—hhayi nje ukuba siphuphe ngabo—kubalulekile ukuba lokho esikufundayo kufinyelele inhliziyo yethu, hhayi nje izindlebe zethu.
Funda ngokucophelela ibhokisi elinesihloko esithi “Ukubona Inkolo Yakho Njengeyiqiniso Noma Yamanga.” Khona-ke zibuze: ‘Ingabe manje ngiyavuma ukuthi ngokombuso wembulunga yonke wenkolo yamanga, uVoltaire wayeqinisile lapho ebiza inkolo ngokuthi “isitha sesintu”? Ingabe lokhu kuthi nhlá emlandweni wenkolo kuye kwangisiza ukuba ngibone inkolo yeqiniso, futhi ingabe ngiyazi ukuthi ingatholakala kulenkathi yokugcina yesintu? Uma kunjalo, ingabe ngiyafuna ukuba njengomuntu ochazwe imbongi engumFulentshi yekhulu le-18 leminyaka uJoseph Joubert, “othola kuyo injabulo yakhe nesibopho”?’
Kwangathi bonke abaphendula ngoyebo emibuzweni engenhla bangaqhubeka bezuza ngokufunda iPhaphama! nezincwadi ezihambisana nayo. Sizothanda ukukumema ukuba ulandele iseluleko esihlakaniphile esinikezwa yiZion’s Watch Tower okukhulunywe ngayo ngenhla: “Unganeliseki ngembali eyodwa yeqiniso. Ukuba eyodwa beyanele bezingeke zibe khona ezengeziwe. Ziqoqe njalo, funa ezengeziwe.”
Yebo, qhubeka uqoqa, qhubeka ufuna—funa ubuhle baphakade benkolo yeqiniso obengeziwe!
[Ibhokisi ekhasini 26]
Ukubona Inkolo Yakho Njengeyeqiniso Noma Yamanga
▪ Inkolo yeqiniso ikhuthaza abakhulekeli bayo ukuba babe nesibopho esinganqamuki sothando nobunye esingaphazanyiswa yimingcele yobuzwe. (Johane 13:35) Inkolo yamanga ayilukhuthazi uthando olunjalo. Kunalokho, ngokulingisa uKayini, amalungu ayo ayahamba abulalane ezimpini zezizwe.—1 Johane 3:10-12.
▪ Inkolo yeqiniso ayingeneli kwezombangazwe zabantu futhi ibheka kuMdali ukuze axazulule izinkinga zezwe ngohulumeni woMbuso wakhe. Inkolo yamanga ilandela isibonelo sikaNimrode eMbhoshongweni waseBabele. Izihlanganisa nezombangazwe, ithembele konkulunkulu bezombangazwe ezigaxa ezindabeni zabo, futhi ngaleyondlela ibeka isisekelo sokubhujiswa kwayo.—Daniyeli 2:44; Johane 18:36; Jakobe 1:27.
▪ Inkolo yeqiniso iqaphela uJehova njengoNkulunkulu weqiniso, okunguye yedwa okwazi ukukhulula ekucindezelweni. Inkolo yamanga, enjengaleyo eyayenziwa eGibithe lasendulo naseGrisi, inoquqaba lonkulunkulu abangenalusizo bezinganekwane bonke abangenaludumo.—Isaya 42:5; 1 Korinte 8:5, 6.
▪ Inkolo yeqiniso ithembisa ukuphila okuphakade ngenjabulo emhlabeni. Inkolo yamanga—ngokwesibonelo, ubuBuddha—ibheka ukuphila emhlabeni njengokungafiseleki nanjengento abantu okumelwe bakhululwe kuyo ekuphileni okuqinisekile kwangemva kwalokhu.—IHubo 37:29; IsAmbulo 21:3, 4.
▪ Inkolo yeqiniso, ngencwadi yayo engcwele, iBhayibheli, ifaka kubantu ukholo olungazamazami; ibanikeza ithemba eliqinisekile futhi ibashukumisela ukuba benze izenzo zothando lokungazenzisi kuNkulunkulu nakumakhelwane. (2 Thimothewu 3:16, 17) Inkolo yamanga, naphezu kwezincwadi zayo ezingcwele, ayinathonya ngokwengxenye enkulu ekwenzeni lezizinto.—1 Johane 5:3, 4.
▪ Inkolo yeqiniso ibonakala ngababonisi abathobekile. Inkolo yamanga iphawuleka ngabaholi bayo abaqhoshile, nabazicabangelayo, abazimisele ukusonta iqiniso nabafuna ukuzuza kwezombangazwe nezezwe.—IzEnzo 20:28, 29; 1 Petru 5:2, 3.
▪ Inkolo yeqiniso, eyindlela yokuzithoba okufanelekile kuNkulunkulu, iphethe inkemba engokomoya, hhayi engokoqobo. Inkolo yamanga, ngakolunye uhlangothi, idela imfundiso yeqiniso, iphula ukungathathi-hlangothi kobuKristu, futhi iphishekela izinto ezikhathalelwa abantu kunezinto zaphezulu.—2 Korinte 10:3-5.
▪ Inkolo yeqiniso izuzela izinhliziyo zabangakholwa ekubeni bakhulekele uNkulunkulu weqiniso. Inkolo yamanga inengxenye esimweni sokungaqiniseki, ukucabanga ngokuzithandela, ukuthembela ezizathwini njengesisekelo seqiniso lenkolo, nokubekela inkolo inselele.—Luka 1:17; 1 Korinte 14:24, 25.
▪ Inkolo yeqiniso, njengaleyo eyenziwa oFakazi BakaJehova, iyachuma ngokomoya kunanini ngaphambili. Inkolo yamanga, izingubo zayo zinindwe yigazi, ihlushwa ukungondleki ngokomoya nokusekelwa okuntengantengayo.—Isaya 65:13, 14.
Liyini ikusasa lenkolo uma kubhekwa isikhathi sayo esidlule? Inkolo yamanga ayinakusasa. Yishiye! (IsAmbulo 18:4, 5) Phendukela enkolweni yeqiniso. Iyohlala kuze kube phakade.