Izingane Ezingenamakhaya—Kungani Kunzima Kangaka Ukuzisiza?
NGO-OCTOBER 14, 1987, uJessica McClure osemncane wangena wabisha emthonjeni wamanzi ongasasetshenziswa ongamamitha ayi-6,7 eUnited States. Esikhathini esingamahora angama-58 sosizi olukhulu, izisebenzi ezihlengayo zaxhoza indlela yokungena etsheni eliqinile ukuze zifinyelele intombazane enezinyanga eziyi-18 ubudala. Lesisenzakalo sasiyisihloko esiqavile samaphephandaba futhi sathinta izinhliziyo zaso sonke isintu, futhi ukukhishwa kwaso kuthelevishini kwagcina izibukeli zaso zinesithakazelo esikhulu kwaze kwaba yilapho uJessica ekhishwa ephila emgodini omnyama.
Kodwa uJessica wayenekhaya. Nokho, ngokumangalisayo, isimo sezingane ezingenamakhaya asivusi isithakazelo esifanayo. Ingabe isizathu singase sibe ukuthi isimo sazo sihlobene nobumpofu? Ehlola isimo sabampofu, umlobi weWorld Health, umagazini weNhlangano Yezempilo Yezwe, wathi: “Abampofu emadolobheni abazona izakhamuzi zangempela zamazwe abo siqu, ngenxa yokuthi abanawo amalungelo angokombangazwe, angokwenhlalo, noma angokomnotho. Abampofu baguga ngokushesha futhi bafe besebancane.” Ngakho, izinguquko eziphelele endleleni ohulumeni nabantu ababheka ngayo abampofu ziyadingeka ngaphambi kokuba umnotho wezwe ubalungiselele ukudla okwanele, izembatho kanye nezindawo zokuhlala.
Indlela Ezinye Ezingasizwa Ngayo
Imibono eyavezwa eSimemezelweni seUN Samalungelo Ezingane iyatuseka ngempela, kodwa kungani ibonakala ingenakufinyeleleka? (Bheka ibhokisi.) Ngokuvamile, abantu bayazithanda izingane futhi bazifunela okungcono kakhulu. Ngaphandle kwalokho, izingane zibalulekile ngenxa yenhlala-kahle yesizwe yesikhathi esizayo. KuyiLatin America Daily Post, uJames Grant weUNICEF, uthi: “Nokho, ekugcineni izingane okumelwe zihole ekukhipheni amazwe akubo ekumfimfeni okungokomnotho.” UGrant uyaqhubeka, umbiko ubonisa “ukuthi ukusebenzisa imali ekunakekeleni izidingo eziyisisekelo zempilo nasemfundweni yasezikoleni zabaqalayo kungaholela ekwandeni komkhiqizo nasekukhuleni okungokomnotho okuphawulekayo.” Amazwe anjengeBrazil ayawuqaphela umbono ophambene odluliselwa isimo sezingane zasesitaladini nobudlova obuhlobene nawo. Ngenhlanhla, eBrazil kwenziwa imizamo yokuxazulula lenkinga ngokunikeza usizo kwabasweleyo, amakhaya okutholwa, izindawo zokunakekelwa kwezintandane, nezikole zokuqondiswa kwabantwana abayizigwegwe.
Abanye ohulumeni babona ukubaluleka kokusekela ukuqaliswa kwezindawo zokuhlala zemikhaya empofu nemiphakathi kunokumane nje bakhe izindlu. Ngalendlela, abampofu ngokwabo baba amandla enguquko.
Ngakho, ngaphandle kokwamukela usizo oluvela ezinhlanganweni ezihlukahlukene, imikhaya empofu kumelwe izimisele ukwenza ingxenye yayo. Umkhaya wenza kangcono kakhulu ngokomnotho nangokwenhlalo lapho uhlangana ndawonye futhi ubhekane nezinkinga zawo siqu. Uma kudingekile, wonke amalungu anamandla okwenza okuthile anganikela elungiselelweni lokondliwa komkhaya.
Indlela Ezinye Eziye Zaphumelela Ngayo
Ezinye izingane ezingenamakhaya ziye zakwazi ukuphuma kulesosimo. Cabangela isibonelo sikaGuillermo. Ngaphambi kokuba azalwe, umkhaya wakubo wawuhlala edolobhaneni elincane kodwa ngenxa yezimo zobumpofu ngokomnotho wathuthela edolobheni elikhulu. Lapho uGuillermo enezinyanga ezintathu ubudala, uyise wabulawa; kwase kuthi, eminyakeni embalwa kamuva, unina wafa, eshiya izingane nogogo. Ngakho, esemncane, uGuillermo waba ingane yesitaladi. Usuku nosuku iminyaka emihlanu, wafuna izindawo zokudlela nezinkantini, ecela ukudla nemali ukuze anakekele izidingo zomkhaya wakubo, ehamba ezitaladini ebusuku kakhulu. Abantu abanomusa ababemazele ezitaladini bamfundisa ngokubaluleka kwenhlanzeko yomuntu siqu nokuziphatha. Kamuva amanxusa kahulumeni amthatha ezitaladini futhi ambeka endlini yokunakekelwa kwabantwana, lapho athola khona ukudla nemfundo yasesikoleni. OFakazi BakaJehova bamsiza ukuba abone ukuthi uMdali wayenesithakazelo kuye njengomuntu futhi banakekela izidingo zakhe ezingokomoya. Ehlatshwe umxhwele ubuqotho nobungane boFakazi, kamuva uGuillermo wathi: “Ubani owayengasiza omusha owayekhule cishe ngaphandle kwesiqondiso neseluleko? Abazalwane abanothando kuphela abanginikeza lolosizo, ngaphandle kosizo olungokwemali.” UGuillermo wabhapathizwa eneminyaka eyi-18 ubudala. Manje ukhonza njengelungu lezisebenzi zehhovisi legatsha leWatch Tower Society ezweni lakubo.
Bese kuba khona uJoão, okwathi esemncane waxoshwa ekhaya lakubo kanye nabafowabo uyise owayedakiwe. Kodwa uJoão waqashwa esitolo. Ekhuthele, uJoão wachuma futhi ngokushesha wazuza ukwethenjwa izisebenzi ezikanye naye nangabanye. Manje uyindoda ejabulayo nomkhaya wakhe. Cabangela futhi uRoberto oneminyaka eyi-12 ubudala. Naye futhi walahlwa umkhaya wakubo. Wahamba wayosebenza njengomcwazimulisi wezicathulo edayisa namaswidi futhi kamuva wasebenza njengomapendane. Ukuzimisela ukufunda nokusebenza kwasiza bobabili uJoão noRoberto ukuba banqobe imingcele eminingi evimbelayo. Bakhumbula izikhathi zokuhlupheka nokungalondeki njengentsha engenamakhaya, kodwa baqiniswa ukutadisha kwabo iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Lezibonelo ezimbalwa zibonisa ukuthi ngokuvamile ngempela izingane ziyakwazi ukuzenza zivumelane nesimo, futhi ngosizo olufanele, ekugcineni zingakwazi ukunqoba izimo ezingezinhle ngisho nokulahlwa.
Ngaphezu kwalokho, lapho abantu abasha benikezwa isiqondiso sobuzali ngokuvumelana neZwi likaNkulunkulu, kuba nemikhaya eqinile, futhi izinkinga ezinjengokulahlwa nokoniwa kwabantwana aziphakami.
Isizathu Sokuba Imizamo Yomuntu Yehluleke
Nokho, ukuba khona kwezigidi zezingane ezingenamakhaya kubonisa ukwehluleka komuntu ukuxazulula lenkinga ebucayi. Umqondisi wezokunakekelwa kwenhlala-kahle yabantwana wacashunwa kumagazini iTime ethi: “Umuntu onokuphazamiseka kokusebenzisa ingqondo kanye nokukhubazeka kwayo, umuntu ogulayo—izakhamuzi ezigulayo neziwohloka kalula—akanakukwazi ukusebenza njengenxusa lentuthuko.” Umagazini ofanayo wabikezela ukuthi ngenxa yalokhu, elinye izwe laseLatin America ‘laliyothweswa umthwalo wezigidi zabantu abadala abangondlekanga kahle, abangenawo amakhono omsebenzi, nabangafundanga ngempela kangangokuthi babengenakuthonyeka kunoma yiluphi uhlobo lwenqubo yempucuko.’
Uma sibheka lokhu, ingabe ucabanga ukuthi imiphumela yokuntula ukudla okunomsoco, ukoniwa ngokobulili, nobudlova kungaxazululwa kuphela ngezindlela zomuntu? Ingabe unomuzwa wokuthi noma iyiphi inqubo eyenziwe ngumuntu ingazivuselela zonke izingane zasesitaladini ngemva kokuba seziye zalwa kanzima ukuze ziphile ezitaladini phakathi kwabantu abanolaka nonya? Ingabe ungacabanga ngenqubo yokufundisa abazali ukuba benze ngendlela yokuba nomthwalo wemfanelo ngakubantwana babo? Nokho, kuyadabukisa ukusho ukuthi imizamo yomuntu eqotho ayinakukwazi ukuyixazulula ngokuphelele inkinga yezingane ezingenamakhaya.
Kungani? Umuntu othile noma okuthile kuvimbela ukuxazululwa kwalenkinga. Ngokuthakazelisayo, uJesu wamphawula lomuntu, lowo ambiza ngokuthi “umbusi wezwe.” (Johane 14:30) UnguSathane uDeveli. (Bheka ikhasi 12.) Ithonya lakhe lobuqili liyisithiyo esiyinhloko ekuxazululeni kwesintu lezinkinga nasekufinyeleleni injabulo yeqiniso. (2 Korinte 4:4) Ngakho-ke, ukususwa kwalezozidalwa ezingabonakali kuyisibopho uma izimo ezilungileyo zazo zonke izingane ezingenamakhaya nabantu abampofu zizofinyelelwa. Khona-ke, ingabe singathembela ezweni elingenazo izingane zasesitaladini nosizi? Ingabe likhona ithemba langempela elihlala njalo ngezingane ezingenamakhaya?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]
‘Ubani ongafuna ukusiza omusha okhule ngaphandle kwesiqondiso neseluleko?’
[Ibhokisi ekhasini 7]
ISIMEMEZELO SEUN SAMALUNGELO ENGANE:
◼ Ilungelo legama nesizwe.
◼ Ilungelo lokuboniswa uthando, nokuqonda nelokulondeka okungokwezinto ezibonakalayo.
◼ Ilungelo lokunikezwa ukudla okunomsoco okwanele, indawo yokuhlala, nezinkonzo zezokwelapha.
◼ Ilungelo lokunikezwa ukunakekela okukhethekile uma ikhubazekile, kungaba ngokomzimba, ngokwengqondo, noma ngokwenhlalo.
◼ Ilungelo lokuba phakathi kwabokuqala ukwamukela isivikelo nenkululeko kuzo zonke izimo.
◼ Ilungelo lokuvikelwa kuzo zonke izinhlobo zokunganakwa, unya, nokuxhashazwa.
◼ Ilungelo lokunikezwa ithuba eligcwele lokudlala nokuzijabulisa nethuba elilinganayo lemfundo yokuzikhethela nephoqelelwe, ukuze yenze ingane ikwazi ukuthuthukisa amakhono ayo siqu futhi ibe ilungu eliwusizo lomphakathi.
◼ Ilungelo lokuthuthukisa amandla ayo agcwele ekhono lokucabanga ezimweni ezihilela inkululeko nokuhlonipheka.
◼ Ilungelo lokukhuliswa ngomoya wokuqonda, ukubekezela, ubungane phakathi kwabantu, ukuthula, nobuzalwane bembulunga yonke.
◼ Ilungelo lokujabulela lamalungelo kungakhathaliseki uhlanga, ibala, ubulili, inkolo, umbono ongokombangazwe noma omunye, umsuka wesizwe noma ongokwenhlalo, nempahla, ukuzalwa, noma esinye isikhundla.
Leliqoqo elihlaziyiwe lisekelwe kuyiEveryman’s United Nations
[Umthombo Wesithombe ekhasini 5]
Reuters/Bettmann Newsphotos