Intsha Iyabuza . . .
Ngingathuthuka Kanjani Ngokomoya?
“Lapho ngiya esontweni, ngangidideka ngempela. Ngangingakuqondi ababezama ukukusho, ngakho ngayeka ukuya. Angicabangi ukuthi kumelwe ube ngowenkolo ethile ukuze ube nokholo kuNkulunkulu.”—UCarrie oneminyaka eyishumi nesikhombisa ubudala.
KUNGANI isonto lidumaza intsha eningi kangaka? Ekuhloleni okwakuholwa umqoqi-mibiko uGeorge Gallup, intsha yanikeza lezizathu ezilandelayo: ‘Izintshumayelo ziyadina.’ ‘Abafundisi ngoNkulunkulu noma ngeBhayibheli.’ ‘Bafuna imali njalo.’ ‘Amasonto nabahambi bamasonto abaphili ngalokho abathi bayakukholelwa.’ Ngokukhanyayo, amasonto aye ahluleka ukondla ingokomoya lentsha.
Kodwa ingabe uyafuna ‘ukubambelela ekuphileni okuphakade’? (1 Thimothewu 6:12) Ingabe uyafuna ukuhlonishwa njengomKristu ovuthiwe, ongaphathiswa umthwalo wemfanelo? Ingabe uyalifuna ilungelo lokuba omunye ‘wezisebenzi kanye noNkulunkulu’ ekusizeni abanye ukuba bathole ukuphila okuphakade? (1 Korinte 3:9) Khona-ke kumelwe uthuthuke ngokomoya! Ngokuhlangana noFakazi BakaJehova, ujabulela izinzuzo intsha kweLobukholwa engenazo. Uba khona emihlanganweni eHholo LoMbuso, lapho kunikezwa khona ukuyala okuqinile kweBhayibheli. Uthola ukunakekelwa komuntu siqu kubazali bakho ngesifundo seBhayibheli somkhaya. Uhlanganyela njalo nabantu abazama ngenkuthalo ukusebenzisa iBhayibheli ekuphileni kwabo. Nokho, ukuze uthuthuke ngokomoya, kudingeka okuningi ngokwengeziwe. Njengoba umphostoli uPetru akubeka, kumelwe usebenzise “inkuthalo yonke.” (2 Petru 1:5) Ake sibone ukuthi ukwenza kanjalo kuhilelani.
Hlakulela Isifiso Sokudla Okungokomoya
UJesu wathi: “Babusisiwe abampofu emoyeni.” (Mathewu 5:3) EsiGrekini sakuqala, lomusho wawubhekisela ngokoqobo “kulabo abayizinxibi ezicela umoya.” Njengesinxibi esisweleyo esisiqaphelayo isidingo saso sokudla okungokwenyama, kumelwe usiqaphele isidingo onaso sokudla okungokomoya. UJesu wathi: ‘Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena-Nkulunkulu wedwa oqinisileyo noJesu Kristu.’—Johane 17:3.
Intsha eningi yenza okuncane ekugcwaliseni izidingo zayo ezingokomoya. Incwadi ethi The Psychology of Adolescence ithi ngomuntu omusha ovamile: “Ulwazi lwakhe ngenkolo yakhe ngokunokwenzeka luphansi, nakuba ukukhathalela nesithakazelo sakhe enkolweni kukukhulu impela.” Kokunye ukuhlola iqembu lentsha labuzwa imibuzo eyikhulu ngeBhayibheli. Intsha evamile yakwazi ukuphendula imibuzo engu-17 kuphela. Kokunye ukuhlola, abayisikhombisa kwabayishumi abaneminyaka eyeve eshumini nambili abakwazanga ukusho amaVangeli amane.
Kuthiwani ngawe? Uye wazimisela ngezinga elingakanani ukutadisha iBhayibheli ngokungathi sína? Ungaziphikisa izimfundiso zamanga, njengoZiqu-zintathu nokungafi komphefumulo? Ingabe ungakufakazela ngokomBhalo ukuthi kunethemba lokuphila okuphakade kokubili emazulwini nasemhlabeni? Ingabe ungakuveza ukuthi besiphila “ezinsukwini zokugcina” kusukela ngo-1914? (2 Thimothewu 3:1-5) Noma ingabe ‘usadinga kube khona okufundisa iziqalo zezifundiso zamazwi kaNkulunkulu?’—Heberu 5:12.
Uma kunjalo, udinga ‘ukulangazelela ubisi olungokomoya olungenakonakala, ukuze ukhule ngalo kube ngukusindiswa.’ (1 Petru 2:2) Kungadinga umzamo omkhulu ekuqaleni. Kepha lapho uzikhandla kakhulu ekutadisheni iZwi likaNkulunkulu, yilapho siyokhula kakhulu khona isifiso sakho sezinto ezingokomoya.
Ukungabaza Okubeleselayo
UKevin oneminyaka engu-19 uthi: “Angazi ngempela ukuthi ngimi kuphi ngokwenkolo njengamanje. Ngidideke ngempela ngayo yonke lento.” Intsha eningi kweLobukholwa izizwa ngalendlela. Kodwa kungenzeka yini ukuthi intuthuko yakho engokomoya ngokufanayo iye yathiywa ukungabaza okubeleselayo?
Ngokwesibonelo, ingabe uqiniseke ngokuphelele ukuthi ukuphila ngezindlela zokuziphatha zeBhayibheli kuyindlela engcono kakhulu yokuphila? Noma ingabe uthola ukuthi ‘unomhawu ngabantu ababi?’ (IHubo 73:3) Ingabe uyaqiniseka ukuthi siphila ezinsukwini zokugcina? Noma ingabe ngentshiseko wenza icebo lokuba nomsebenzi wokuziphilisa kulesimiso sezinto? Ingabe uyaqiniseka ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu eliphefumlelwe? Noma ingabe ngezinye izikhathi uyazibuza ukuthi imibono yesayensi ayiliphikisi yini? Uma ukhathazwa ukungabaza, khumbula lokho iBhayibheli elikushoyo kuJakobe 1:6: “Kepha makacele kuNkulunkulu ngokukholwa engangabazi ngalutho; ngokuba ongabazayo unjengedlambi lolwandle eliqhutshwa, ligujiswa ngumoya.” Ukungabaza ngokuphathelene nokholo lomuntu kungafaniswa futhi nezimbobo emkhunjini. Lapho zinkulu izimbobo, yilapho kungenzeka kakhulu khona ukuba umkhumbi ucwile.
Ingabe lokhu kusho ukuthi ukholo lwakho kuseduze “lucwile” uma ngezinye izikhathi unemibuzo engaxazululiwe? Akunjalo ngempela. Kodwa uma unokungabaza okubeleselayo, kumelwe usebenze kanzima ukukususa. Ngokwesibonelo, uma ubungabaza ukuthenga ibhulukwe elisha, ingabe ubungenakulihlolisisa, uhlole ukwenziwa kwalo, indwangu yalo, kanye nenani lalo ngaphambi kokwenza isinqumo? Ngokufanayo ukungabaza okuningi okufanele, kungasuswa ngokuhlolisisa iBhayibheli noma ngokuxoxa ngakho nomKristu ovuthiwe nonolwazi.a IzAga 15:14 zithi: “Inhliziyo yoqondile iyafuna ukwazi.”
Ukuzibekela Imigomo Engokomoya
Umphostoli uPawulu watshela insizwa eseyintsha uThimothewu: “Nakekela lezozinto, ume kuzo, ukuze ukuqhubeka kwakho kuqhame kubo bonke.” Nokho, phawula ukuthi uPawulu akazange athwese uThimothewu umgomo ophakeme ngokungenangqondo, ongenakufinyelelwa. Wanika uThimothewu imigomo eqondile nengokoqobo ayezoyisebenzela: “Yiba-yisibonelo kwabakholwayo ngezwi, nangenkambo, nangothando, nangokukholwa, nangokuhlanzeka.”—1 Thimothewu 4:12-15.
NjengoThimothewu, kudingeka ubeke imigomo engokomoya engokoqobo, nengafinyeleleka. Zicabange, ngokwesibonelo, unquma ukufunda ukupheka. Yeka ukuthi kungaba okungasizi lutho kanjani ukuzama ukuba umpheki onekhono ngelanga elilodwa! Nokho, ungabufunda ubuciko bokupheka ngabunye ngesikhathi—mhlawumbe ungaqala ngokufunda ukulungisa imifino bese uqhubekela ekuphekeni inyama, izinkwa, izishebo, noma ophuthini abamnandi. Ngokufanayo, ungawufinyelela kalula umgomo wakho wesikhathi eside wokuvuthwa ngokomoya uma uqalisa ngemigomo noma izinyathelo eziphakathi. Lokhu kungasebenza njengezimpawu zokuthuthuka kwakho ngokomoya. Isikhathi ngasinye lapho uqeda isinyathelo ngokuphumelelayo, wakha ukuzethemba. Lokhu kungakushukumisela ukuba uthathe isinyathelo esilandelayo.
Ukufinyelela Imigomo Yakho
Manje ake sibheke imigomo ethile ongase uyibeke. Ngokwesibonelo, ingabe usulifundile lonke iBhayibheli? Yebo, iBhayibheli liyincwadi enkulu, kodwa kungani ungahlukanisi ukulifunda kwakho kube izingxenye ezincane? (Umuntu ovamile eUnited States udla ukudla okungaphezu kwamakhilogremu angu-640 minyaka yonke. Kodwa ubani ongazama ukukudla konke ngesikhathi esisodwa?) AbaseBereya ‘ababebahle bahlolisisa imiBhalo nsuku zonke.’ (IzEnzo 17:11) Uma ulandela isimiso sansuku zonke sokufunda imizuzu engu-15 kuphela ngosuku—isikhathi cishe ongalalela ngaso amaculo athandwayo emsakazweni—ungaqeda ukufunda iBhayibheli ngonyaka.
Ungase ubeke umgomo wokufunda bonke omagazini INqabayokulinda nePhaphama! ngayinye ephumayo. Ukwaziswa okuhle okulapho nakanjani kuyosheshisa intuthuko yakho engokomoya. Uma ungakabi ummemezeli ongabhapathiziwe kakade, ungakwenza umgomo ukumelela ibandla loFakazi BakaJehova kanjalo. Lokhu kuyohilela ukuhlanganyela njalo emsebenzini wokushumayela endlini ngendlu nokubika umsebenzi onjalo nyanga zonke. Ungaxoxa nabazali bakho noma abadala bebandla lakini ngendlela ongalifanelekela ngayo lelilungelo.
Imiphi eminye imigomo ongazibekela yona? Ukuba oqaphile novuthiwe ekucabangeni kwakho. (Heberu 5:14) Ukuhlakulela ngasinye sezithelo zomoya. (Galathiya 5:22, 23) Ukuthuthukisa izinga lemikhuleko yakho. (Filipi 4:6) Ukubonisa inhlonipho eyengeziwe ngobunhloko babazali bakho. (Efesu 6:1) Ukuba nekhono ngokwengeziwe ekuvikeleni ukholo lwakho. (1 Petru 3:15) Lemigomo inengqondo futhi ingafinyeleleka.
Nokho, khumbula ukuthi akwanele ukubeka imigomo. Kumelwe unamathele kuyo! Njengoba owayengundunankulu waseBrithani uBenjamin Disraeli asho: “Imfihlo yempumelelo ukungaguquki enjongweni.” Yebo, hlakulela isifiso sezinto ezingokomoya. Beka imigomo engokomoya enengqondo. Bonisa ukungaguquki ngokunamathela kuyo. Nakanjani umphumela uyoba ukuthuthuka ngokomoya.b
[Imibhalo yaphansi]
a Izincwadi ethi IBhayibheli—Izwi likaNkulunkulu Noma Elomuntu? nethi Life—How Did It Get Here? By Evolution or by Creation? (ezikhishwe yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.) zingakusiza ukuba uxazulule imibuzo ongase ube nayo ngokuphefumlelwa kweBhayibheli.
b Izihloko ezilandelayo ziyokwenaba kwamanye amaphuzu alendaba.
[Isithombe ekhasini 23]
Ukuhlela imizuzu embalwa yokufunda iBhayibheli nsuku zonke kungenye indlela yokukhulisa intuthuko yakho engokomoya