Intsha Iyabuza . . .
Kungani Kufanele Ngifunde Ngokuzikhandla Esikoleni?
‘Okuningi kwalokho esikufunda esikoleni kumane kuwulwazi lwengqondo nje kuphela. Akunakubaluleka okungako.’
‘Umsebenzi wesikole owenzelwa ekhaya awungithakazelisi. Nginesithakazelo esengeziwe kwezinye izinto, njengasemidlalweni nokushaywa umoya nabangane bami.’
‘Ngiyazi ukuthi ngizongenela inkonzo yesikhathi esigcwele, pho kubaluleke ngani ukusebenza ngokuzikhandla esikoleni?’
AMAZWI anjengalawa avamile ukushiwo yintsha lapho ikhuluma ngesikole nomsebenzi wasekhaya. Mhlawumbe nawe unemizwa enjengeyayo.
Ngokuqinisekile, lapho inikezwa ukuzikhethela phakathi kokutadisha nokuzilibazisa, intsha eningi ngokunokwenzeka ibiyokhetha ukuzilibazisa. Enye ingase ifise ngisho nokuthi ngabe ayitadishi kwanhlobo. Ayikuthathi ngokungathi sína ukufunda; ayicabangi ngomehluko lokho okungawenza ekuphileni kwayo. Ngakolunye uhlangothi, mhlawumbe wena ungothile ofuna ukuphumelela esikoleni kodwa unentshiseko encane ngomsebenzi wakho wesikole. ‘Ngimane nje angiyona inhlobo ephiwe ekutadisheni,’ uyacabanga.
Kungakhathaliseki ukuthi imizwa yakho iyini, izithakazelo, noma amakhono, ungaphumelela esikoleni. Kodwa kumelwe ushukumiseleke ukuba wenze kanjalo. Futhi ukuhlola izinzuzo ongase uzithole lapho ufunda ngokuzikhandla kungase kufake umfutho owengeziwe entshisekweni yakho.
Ukuvivinya Ingqondo
Okuningi kwalokho okufunda esikoleni kungase kungabonakali kubalulekile ekuphileni kwakho. Ngaphandle kokuthi ulungiselela ukuba usosayensi, cishe uyozisebenzisa kancane kakhulu esikhathini esizayo izimpawu zephysics okungenzeka uthisha wakho ukufundise zona. Ngaphezu kwalokho, akubonakali kungenzeka ukuthi njengomuntu omdala kuyodingeka usuku ngalunye uhlanganise izenzo usuku nosuku noma ubale amachopho kanxantathu onamachopho amabili alinganayo. ‘Pho, kubaluleke ngani ukufunda konke lokho?’ uyabuza.
Ngenxa yokuthi, isikole sikunikeza ithuba lokuzuza ulwazi oluhle oluvamile lwezifundo eziningi ezihlukahlukene, ezinjengesifundo sezomlando, ukufunda ngezincwadi, isifundo sesayensi, isifundo sokuma kwezwe nezibalo. Lesisekelo esibanzi solwazi siyocebisa ukuqonda kwakho izwe elikuzungezile futhi siyokwakha isisekelo onganezela kuso ukwaziswa okuqondile okwengeziwe. “Ukwazi kulula koqondayo,” kusho izAga 14:6.
Encwadini yakhe ethi Savoir étudier (Ukwazi Indlela Yokutadisha), uRobert Bosquet uqhubeka echaza ukuthi amandla engqondo okufunda “kumelwe ambulwe ngokuqhubekayo futhi asetshenziswe.” Uyanezela: “Kuwulwazi oluvamile ukuthi ingqwele yezemidlalo iyofinyelela imiphumela yayo engcono kakhulu kuphela ngemva kwesikhathi eside sokuziqeqesha okuthi phakathi naso ithole indlela yokusebenzisa amakhono ayo ngokugcwele. . . . Yilokho okushiwo wukwazi indlela yokutadisha: ukusebenzisa amandla akho agcwele, ukuthola imiphumela engcono kakhulu, ngesikhathi esincane nomzamo.”
Ngakho-ke umsebenzi wasekhaya ungase ubizwe ngokuthi uwukuvivinya ingqondo. “Ingqondo . . . iyisimiso esiyinkimbinkimbi esixhumene,” kusho incwadi ethi How to Study, “futhi lapho siba yinkimbinkimbi futhi sixhumana ngokwengeziwe yilapho isebenza ngokushelelayo khona.” Izabelo zasesikoleni zingakusiza ukucijisa amakhono akho okugxilisa ingqondo, ukucabanga, ukugcina izinto engqondweni, ukuhlaziya inkinga, nokufinyelela iziphetho ezinengqondo.
Ukukhula Okungokomzwelo Nokungokomoya
Iminyaka yakho yesikole nayo iyisikhathi sokukhula ngokomzwelo nangokomoya. Kwakheka kuwe imikhuba nesimo sengqondo okuyobonisa ngezinga elikhulu ukuthi hlobo luni lomuntu omdala oyoba yilo. Ingabe uyoba ngokhiqizayo, okhuthele, ozithibayo, nonekhono—othile umqashi obengafuna ukumqasha? Ukuziqeqesha kwakho manje ukuba ube nemikhuba emihle yokusebenza nokutadisha kuyoba nezinzuzo ezihlala njalo. (Qhathanisa nezAga 22:6.) Phakathi kokunye, kungase kube nethonya elijulile ekusaseni lakho elingokwezimali namathuba omsebenzi. Amabhizinisi amaningi asebenzisa irekhodi lomuntu lemiphumela yasesikoleni njengenkomba yekhono lomsebenzi lesikhathi esizayo lomuntu ocela umsebenzi.
Imikhuba yakho yokutadisha ithonya ngisho nentuthuko yakho engokomoya. UJesu wafundisa ukuthi umuntu kufanele akhulekele uNkulunkulu ngayo “yonke ingqondo” yakhe. (Marku 12:30) Lokhu kusho ukuthi izinceku zikaNkulunkulu, abasha nabadala, bayodinga ukusebenzisa izingqondo zabo ngamandla ukungenisa ulwazi uJehova alwenza lutholakale kubo futhi baqonde indlela yokulusebenzisa ekuphileni kwabo.—Johane 17:3; 1 Thimothewu 4:7.
“Ngiyakubona kwenye intsha engontanga,” kuphawula uSylvie, owesifazane osemusha waseFrance. “Imikhuba yabo yokutadisha ababenayo esikoleni yaqhubekela emikhubeni yabo yesifundo somuntu siqu ezintweni ezingokomoya. Labo abangazange bafunde ukukuthanda ukutadisha esikoleni babengenaso isithakazelo kangako nasesifundweni somuntu siqu seBhayibheli.” IzAga 10:4 zithi: “Isandla esinobudenge siveza ubumpofu, kepha isandla sokukhuthala siyacebisa.” Lokhu kwaba yiqiniso kuSylvie ngomqondo ongokomoya. Imikhuba yakhe emihle yokutadisha iye yakwenza kwaba lula ngaye ukujulisa ukuqonda kwakhe iBhayibheli. Lokhu kuye kwamlungiselela umsebenzi wokuba umvangeli wesikhathi esigcwele.—Qhathanisa neHubo 1:2, 3.
Funda Indlela Yokutadisha
Kodwa kuthiwani uma ungathambekele ekutadisheni? Qaphela ukuthi umehluko oyinhloko phakathi komfundi omuhle nomfundi obuthakathaka yinkuthalo—hhayi ukuhlakanipha. “Ngangingenalo ikhono elikhulu elingokwemvelo njengabanye abafundi,” kuvuma uSylvie. “Ukuze ngiphumelele esikoleni, kwadingeka ngisebenze ngempela ukuze ngithole amamaki anelisayo.” Nakuba isikole sasingelula ngaye, uSylvie wenza imizamo yenkuthalo; akafundanga nje kuphela indlela yokutadisha kodwa nendlela yokukujabulela. “Ngenxa yokuthi kwaba ngumkhuba,” esho, “kwakungewona umsebenzi omkhulu kangako ukutadisha noma ukucwaninga isifundo. Ngafunda ukukwenza njengento okulindelekile ukuba ngiyenze.”
Encwadini yakhe ethi How to Study, uHarry Maddox uthi: “Ikhono lilodwa alanele. Abafundi abaningi abahlakaniphe kakhulu bayehluleka ekuhlolweni . . . ngenxa yokuthi benza umsebenzi onganele, noma ngenxa yokuthi abazange bafunde indlela yokutadisha ngokuphumelelayo.” Uyenezela: “Izindlela eziphumelelayo zokutadisha zifanele ukufundwa hhayi nje ngenxa yezinjongo zokutadisha kwamanje, kodwa ngenxa yokuthi imikhuba yakho yokusebenza iyohlala kuwe konke ukuphila kwakho.”
Ngokuvamile abantu bajabulela ukwenza izinto abazenza kahle—futhi bathambekele ekugwemeni izinto abangazenzi kahle. Khona-ke, mhlawumbe uyawuzonda umsebenzi wesikole ngenxa yokuthi awuzange uthuthukise amakhono akho ngokwanele ukuze wenze umsebenzi wakho ujabulise. Uma kunjalo, kungani ungagxili ekufundeni indlela yokutadisha? Ukwaziswa okuwusizo kunikeziwe esahlukweni-18 sencwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo.a
Bheka Ngale Kweminyaka Yakho Yasesikoleni
Abafundi abaningi abazinaki izifundo zabo ngenxa nje yokuthi banokuthile abayokwenza—njengokuba nesikhathi esimnandi. Kodwa izAga 21:17 ziyaxwayisa: “Othanda injabulo uyakuba-mpofu.” Ukuzilibazisa nokuphumula kunayo indawo yakho. (UmShumayeli 3:1, 4) Nokho, lapho usesesikoleni, ukutadisha kufanele kube ngenye yezinto eziza kuqala kuwe. Imiphumela oyifinyelelayo iyonqunywa ngezinga elikhulu wukuthi ungakanani umzamo ozimisele ukuwenza. “Wonke umshikashika unenzuzo,” kusho izAga 14:23.
Lokhu akusho ukuthi uyojabulela noma yisiphi isabelo sasekilasini noma esikoleni ositholayo. Kodwa ungazama ukubheka imfundo yakho njengendlela efanelekile yokufinyelela okuthile—ukuzuza ulwazi namakhono okuyokusiza ukuba uphile ukuphila okunenzuzo nokukhiqizayo. Yiqiniso, izimfuneko zezemfundo nezimo ezingokwezimali kwehluka kakhulu ezweni ngalinye. Noma kunjalo, intsha eningi ishiya isikole ingakazuzi ngisho namakhono ayisisekelo okufunda; izithola ingayilungele noma ingafaneleki ezinhlotsheni eziningi zemisebenzi. Ngani? Ngoba ayizange izikhandle lapho isesesikoleni.
Ungaweli kulolugibe! Bheka ngale kweminyaka yakho yasesikoleni futhi ulungiselele ukukwazi ukuzondla lapho ushiya isikole. Ngolunye usuku ungase ngisho ube nomthwalo wemfanelo wokondla umkhaya. (1 Thimothewu 5:8; qhathanisa nezAga 24:27.) Njengentsha eningi phakathi koFakazi BakaJehova, nawe ngokufanayo kungenzeka uhlelela umsebenzi wokuba umvangeli wesikhathi esigcwele. Usayodinga ukuzondla ngokwakho futhi mhlawumbe ngisho nomkhaya. Ngakho cabanga kusengaphambili. Esikhathini eside ngaphambi kokuba uqede esikoleni, zama ukuthola ukuthi yiziphi izinhlobo zamatoho ezitholakalayo lapho uhlala khona. Ukuzinikela emsebenzini wakho wesikole kuyokusiza ukuba wakhe amakhono adingekayo ukuze uthole leyomisebenzi.
Kungakhathaliseki ukuthi ayini amalungiselelo akho esikhathi esizayo, kunengqondo ukutadisha ngokuzikhandla esikoleni. Cha, ungase ungaphumi phambili ekilasini. Kodwa ungafunda ukukuthanda ukufunda. Okuhle futhi, ungathuthukisa ulwazi, amakhono, nemikhuba eyokuzuzisa kukho konke ukuphila kwakho.
[Umbhalo waphansi]
a Ekhishwa yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
[Isithombe ekhasini 18]
Amakhono okufunda owakha lapho usesesikoleni ayokuzuzisa kukho konke ukuphila kwakho