Intsha Iyabuza . . .
Ngingakuyeka Kanjani Ukuphuza?
“Njalo ngangizizwa kabi kakhulu ngosuku olulandelayo, kokubili ngokomzwelo nangokomoya!”—UBob.
“Ngangihlala ngisenkingeni ekhaya, esikoleni, nabangane namaphoyisa!”—UJerome.
BOBABILI uBob noJerome bayivuna imiphumela yokuphuza utshwala kakhulu futhi njalo. Bobabili baba yimilutha yotshwala. Futhi nakuba ekugcineni uBob akwazi ukuyeka ukuphuza ngokuphelele, uJerome usazama ukunqoba ukuluthwa utshwala.
Ukuluthwa utshwala kuyinkinga ekhulayo phakathi kwentsha ezingxenyeni eziningi zomhlaba. Abanye balinganisela ukuthi eUnited States iyodwa, cishe intsha eyizigidi ezinhlanu inenkinga yokuphuza engathi sína. Nokho, uma ungomusha ongumKristu, akungabazeki ukuthi uye wakugwema ukuzama utshwala, ikakhulukazi uma ukuphuza kwentsha eyeve eshumini nambili leminyaka kwenqatshelwe umthetho emphakathini wakini. Nokho, ukwaziswa okulandelayo kungasebenza ukuze kuqinise isinqumo sakho sokungazihileli ekuphuzeni zisuka nje—okungenani kuze kube yilapho usukhule ngokwengeziwe futhi ukulungele kangcono ukubusebenzisa kahle. Kodwa uma ungothile oseye waba umlutha wotshwala, sethemba ukuthi lokwaziswa kuyokusiza ulwe nalenkinga. Ngomzamo wangempela owenzayo nosizo lukaJehova uNkulunkulu, ungalulama.
Ukunqoba Ukungavumi Ukubhekana Neqiniso
Isinyathelo sokuqala nesinzima kakhulu okumelwe usithathe ukunqoba ukungavumi ukubhekana neqiniso. Imilutha yotshwala ngokuvamile iyenqaba ukukholelwa ukuthi inohlobo oluthile lwenkinga yokuphuza. Ukuthi ‘Izinto ezincane lezo,’ kuwukuqhosha okudabukisayo komlutha wotshwala. Ngokwesibonelo, cabangela othile oneminyaka engu-15 ubudala owathi: “Angiyena umuntu ophuzayo oyinkinga. Ngiphuza amakani ayisithupha kabhiya kuphela njalo kusihlwa.” Sikhunjuzwa ngencazelo yeBhayibheli yomuntu ‘ukonakala kwakhe okumthophayo emehlweni akhe, ukuze kungafunyanwa, azondeke ngakho.’—IHubo 36:2.
Yebo, ukungavumi ukubhekana neqiniso kuyabulala. Ngakho uma unenkinga yokuphuza, kumelwe ulivume leloqiniso elibuhlungu kuwe.a Ungabashayi indiva abangane, abafowenu nodadewenu, noma abazali abakutshela ukuthi uphuza kakhulu. Abazona izitha zakho ngoba bakutshela iqiniso. (Qhathanisa neyabaseGalathiya 4:16.) UBob (okukhulunywe ngaye ekuqaleni) wayevame ukuphuza kakhulu impela-sonto ngayinye. Lapho umngane wakhe emtshela ngakho, uBob wawenqaba ngokuphelele umqondo wokuthi wayenenkinga yokuphuza, futhi wanqamula ingxoxo. Kodwa utshwala babukuthinta kanjani ukuphila kukaBob? “Ngangiba novalo futhi ngikhathazeke ngokweqile uma ngingaphuzanga futhi ngangingalawuleki lapho ngiphuzile,” kuvuma uBob. “Ukuphila komkhaya wakithi kwawohloka—njengoba kwakunjalo ngobuhlobo bami noNkulunkulu.”
Ngesinye isikhathi, ekugcineni uBob wazithoba futhi wavuma kumngane wakhe ukuthi ngempela wayehahela utshwala. Eseyinqobile inkinga yokungavumi ukubhekana neqiniso, uBob wakwazi ukuqalisa ukululama kwakhe.
Yakha Ukuzimisela Ukuyeka
UProfesa George Vaillant ubhala ukuthi “ukuluthwa utshwala . . . kuyalapheka kakhulu, kodwa . . . kuyodinga ukuba isiguli sithwale umthwalo wemfanelo omkhulu.” Lokho kuhlanganisa ukuzimisela kwakho ukuyeka ukuphuza utshwala. Ukuntuleka kokuzimisela kungasho ukuphila—nokufa—njengoba uwumlutha wotshwala. Yini engasiza? Ukugxila ekubhubhiseni kokuluthwa utshwala kungakusiza ukuba ‘uzonde okubi’ futhi kungaqinisa ukuzimisela kwakho ukuyeka ukuphuza ngokuphelele.—IHubo 97:10.
Ngokwesibonelo, ungase ucabangele ngokujulile umonakalo omkhulu obangelwa ukuluthwa utshwala ngokomzimba, ngokomzwelo, nangokokuziphatha. Kuyavunywa, isiphuzo singase sibonakale sidambisa ubuhlungu bakho bangaphakathi noma imizwa yokungabaluleki okwesikhashana. Kodwa ekugcineni, ukuncika otshwaleni kumane kudale izinkinga ezengeziwe; ubungane buyanqamuka, futhi ubuhlobo bomkhaya buyalimala. Ngaphezu kwalokho, ngenxa yokuthi utshwala behlisa amandla akho okwenqaba, ‘bungasusa umqondo’ kalula nje futhi bukuholele ekuziphatheni okubi okungathi sína.—Hoseya 4:11.
Futhi, cabangela lokho utshwala obuningi obungakwenza emzimbeni wakho, bufaka ushevu kancane kancane ezithweni zakho ezibalulekile. Ngakho iBhayibheli lithi ukuphuza ngokweqile kubangela ‘usizi, ukuzisola, izimpi, ukukhathazeka, namanxeba.’ (IzAga 23:29, 30, The New English Bible) Ingabe noma iyiphi injabulo yesikhashana oyitholayo iwufanelekele lomvuzo?
Kungakusiza futhi ukuzikhumbuza ukuthi awubudingi utshwala ukuze ujabule. Awudingi futhi umuzwa wenjabulo enkulu engeyona engokwemvelo ukuze uzihloniphe, ube nempilo enhle, abangane abaqotho, nomkhaya onothando. Impumelelo kulezici zokuphila ivela ngokusebenzisa iZwi likaNkulunkulu. (IHubo 1:1-3) LeloZwi futhi likunikeza ithemba lesikhathi esizayo esiqhakazile—ukuphila okuphakade ngaphandle kobuhlungu obungokomzwelo noma obungokomzimba! (IsAmbulo 21:3, 4) Ukuba nethemba elinjalo kukunikeza esinye futhi isizathu sokugwema utshwala.—Qhathanisa neyoku-1 Korinte 6:9, 10.
Thola Usizo
Nokho, ukumane ube nesifiso sokululama ngokuvamile akwanele. Uyodinga futhi ukusekelwa nosizo lwabanye. “Kungcono ababili kunoyedwa,” kwasho iNkosi uSolomoni. “Ngokuba uma bewa, omunye uyavusa umngane wakhe.” (UmShumayeli 4:9, 10) Ukwethemba othile ukuba akusize ngenkinga yakho ngeke kube lula. Kodwa umlutha wotshwala olulamayo ogama lakhe linguKaty unikeza leseluleko: “Funda ukwethemba abantu, ikakhulukazi umkhaya wakini.” Yebo, ezikhathini eziningi umkhaya wakini usesimweni esingcono kakhulu sokukunikeza uthando nokusekela okudingayo.
Yiqiniso, okokuqala nje kungenzeka ukuthi isimo somkhaya wakini siye saba nengxenye ekuhilelekeni kwakho ekuphuzeni. Kodwa ukuba abazali bakho benziwa basiqaphela isimo sakho, ingabe babengeke yini basibone isidingo sokuthuthukisa izinto ekhaya? Ngakho kungani ungazami ukuxoxa nabazali bakho, ubazise ukuthi unenkinga engathi sína? Kunokubathwesa lonke icala, cela usizo nokusekela kwabo. Ukuthulula isifuba nokwethembeka kubazali bakho kuyosiza umkhaya wakini ukuba ube ‘ohlanganisiwe’ njengoba injalo indlu kaNkulunkulu. (Efesu 4:16) Ngalendlela nonke ningaqala ukusebenzela ukululama okuphumelelayo ndawonye.
Uma kungekho ukusekela komkhaya, abanye bangasiza.b (IzAga 17:17) UBob wathola umngane womKristu ongumdala owayehlangana naye masonto onke esikhathini esiyizinyanga eziningana ukuze ahlole intuthuko yakhe. UBob uthi: “Isithakazelo nokukhathalela kwakhe kwanginikeza ukuzethemba engangikudinga ukuze ngiyeke umkhuba wami owonakele.”—Jakobe 5:13, 14.
Ngaphezu kwakho konke, qaphela ukuthi udinga usizo lukaJehova uNkulunkulu. Ncika kuye ukuze uthole amandla. Yebo, ngosizo lukaNkulunkulu “abenhliziyo echobozekileyo” bangathola ‘ukuphilisa nokubopha kukaJehova izilonda zabo.’—IHubo 147:3; bheka futhi iHubo 145:14.
Thola Abangane Abasha
Ukuhlola okwenziwa eNew Zealand kwabika ukuthi abangane bayithonya elikhulu entsheni esebenzisa kabi utshwala. Ngakho-ke uyokuthola kunzima ukuyeka ukuphuza uma ujwayelana nabantu abaphuzayo. Ngenxa yalesizathu iBhayibheli liyanxusa: “Ungabi-phakathi kwezinseli zewayini.” (IzAga 23:20) Yakha ubungane obusha, obuhle. Njengoba nje kuyiqiniso ukuthi “ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle,” abangane abahle bayithonya elihle.—1 Korinte 15:33.
UKim wakuthola kuyiqiniso lokhu. “Kwakunzima,” uyavuma, “kodwa kwakumelwe ngishintshe abangane bami . . . ngangingafuni ukuba phakathi kotshwala noma izidakamizwa.” Kuyavunywa, kungase kubonakale kunzima ukuthola abangane abangaphuzi. Nokho, uyothola ukuthi intsha eyisibonelo phakathi koFakazi BakaJehova ayihileleki ekuphuzeni okungekho emthethweni. Futhi ayithembeli otshwaleni njengomthombo wokuzilibazisa noma ukuphuma ezinkingeni. Ngakho-ke bangasiza—hhayi ukuthiya—imizamo yakho ‘yokukhumula umuntu omdala kanye nezenzo zakhe.’—Kolose 3:9.
Ungalulama!
Ukuphila ngaphandle kotshwala kuyoba yimpi eqhubekayo ngawe. Ngezinye izikhathi kungase kube nzima kakhulu ukubugwema. “Ngisenesifiso [sokuphuza] esinamandla kakhulu,” kwavuma uAna, “ikakhulukazi uma ngicasukile, ngikhungathekile, ngicindezelekile noma ngizwe ubuhlungu.” Ngakho akuyona into engavamile ngomlutha wotshwala olulamayo ukuhlangabezana nokwehluleka, okuholela emizweni yecala edlulele. Uma lokho kwenzeka, khumbula ukuthi “sonke siyakhubeka ngokuningi.” (Jakobe 3:2) Khumbula futhi ukuthi uJehova unguNkulunkulu we-sihe obuqondayo ubuthakathaka bakho.—IHubo 103:14.
Nokho, qaphela ukuba ungawusebenzisi kabi umusa kaNkulunkulu. Funda emaphutheni akho, futhi zimisele kakhulu kunanini ngaphambili ukuba ungaphinde uhluleke. Ngokubonisa ukuzimisela okunjalo, uBob wakwazi ukuyeka ukuphuza. Kusukela ngalesosikhathi, uye wakwazi ukujabulela ubuhlobo obunokuthula kokubili nomkhaya wakhe kanye noNkulunkulu. Ukuphila kwakhe okunenjabulo manje kuhlanganisa inkonzo njengesikhonzi sesikhathi esigcwele. Injabulo nokuthula kwengqondo kuyoba ngokwakho nawe, uma unqoba impi yokulwa notshwala.
[Imibhalo yaphansi]
a Isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ingabe Ukuphuza Kungangilutha Ngempela?” (iPhaphama! kaJanuary 8, 1993) singakusiza ukuba uthole ukuthi unayo yini inkinga kulendaba.
b Abaningi baye bazuza osizweni olunikezwa odokotela nabeluleki abaqeqeshelwe ukubhekana nokulutha kotshwala. Abanye ochwepheshe bakholelwa ukuthi ukusebenzela kwezinye izici zokululama kumane nje akunakuphumelela kuze kube yilapho lokuziphatha okuluthayo ngokwakho kunqanyuliwe. Ngenxa yalesizathu nezinye, abanye batusa ukuthi imilutha yotshwala ingenele uhlelo lokulwisana nobudakwa esibhedlela noma emthola-mpilo.
[Isithombe ekhasini 16]
Intsha eyimilutha yotshwala ivame ukwenqaba ukuthi inenkinga