Ukuzikhandla—Lapho Kuyimfanelo Enhle
KULO lonke elaseNingizimu-mpumalanga Asia, amantombazane amaningi ayizisebenzi abekela eceleni umsebenzi wawo wasekhishini futhi agxilise ukunakekela kuthelevishini lapho kuqala umdlalo we-TV waseJapane obizwa ngokuthi i-Oshin. Lomdlalo uphathelene nendaba yowesifazane othile owayempofu kodwa ekugcineni waceba owaphumelela ngemva kokukhuthazelela iminyaka eminingi yokucindezeleka nobunzima. Ehlengezela izinyembezi emehlweni awo, lamantombazane azifanisa no-Oshin, iqhawekazi. Lomdlalo ubonakala uyilokho kanye akudingayo ukuze kuwasize abhekane nolunye usuku lomsebenzi onzima.
Ngempela, lapho abantu begqilazeka usuku nosuku kuze kufinyelele ezingeni lokonakalisa impilo nokuphila kwabo, kumelwe ukuba banezizathu zokwenza kanjalo. Kungani benza kanjalo? Njengoba kunjalo ngamantombazane ayizisebenzi ase-Asia, ukufuna ukuthuthukisa izinga lokuphila komuntu ngokuqinisekile kuyisisusa esivamile nesinamandla sokuzikhandla. Nokho, ngokusobala, akuwona umvuzo wezinto ezibonakalayo kuphela ohilelekile.
“Umvuzo wemali uyisisusa esifiselekayo, kodwa esicishe senzeke ngokwethukela,” kubhala uStephen D. Cohen ngokuphathelene nomkhuba wokusebenza waseJapane. Khona-ke, yini eshukumisela abantu baseJapane ukuba basebenze kanzima kangaka? “Ukuphumelela kwebhizinisi lenkampane uma kuqhathaniswa nabancintisani bayo kuwumthombo wokuziqhenya okukhulu nokwaneliseka kwayo. Ukuzikhandla okuveza lomphumela kuwumvuzo ngokwakho,” kuchaza uCohen. Ukuthembeka enkampaneni yazo kuba isisusa sokuzikhandla kwezisebenzi, futhi kuzo umsebenzi uba okuwukuphela kwendlela yokuveza ukubaluleka kwazo. Okungafanele futhi kushaywe indiva isifiso sokuvelela. Ithuba lokufinyelela isikhundla esiphakeme ngolunye usuku lihlala liyisisusa esinamandla sokuzikhandla.
Ingabe Lezi Izizathu Zokufaka Impilo Yakho Engozini?
Ingabe lezi izizathu ezifanele zokufaka impilo nokuphila komuntu engozini? Ngomuntu ozikhandlela ingcebo yezinto ezibonakalayo, iBhayibheli liveza ukuthi, ‘Amehlo akhe awasuthi ngengcebo.’ Ekugcineni umuntu onjalo angase azibuze: “Ngishikashikela-bani, ngiswezisela umphefumulo wami ngokuhle, na?” (UmShumayeli 4:8) Labo abazikhandlela ukuba bacebe babonakala bengazi ukuthi kunini noma kukuphi lapho kumelwe bayeke khona. Bazithola besogibeni lwenkiyankiya yomsebenzi ongenamkhawulo, umsebenzi owengeziwe. IBhayibheli lixwayisa kalula: “Ungakhandlekeli ukuceba.”—IzAga 23:4.
Kuthiwani ngokwethembeka kumqashi? Nakuba kungase kube imfanelo enhle, umphumela ongavela wokusebenza ngokweqile kumelwe ucatshangelwe. Esinye isikhulu esiphethe senkampane ethile yaseMelika sathi: “Uma umuntu ekhathala ngenxa yokusebenza ngokweqile, angimdingi eqenjini lami.” Inkosikazi ‘yeqhawe lenkampane’ yabhalela iphephandaba elithile ngemva kokuba umyeni wayo afe engakabi neminyaka engu-40 ngenxa yokusebenza ngokweqile: “Iyiphi induduzo okumelwe siyithole emazwini abo athi, ‘Siyadabuka ngokulahlekelwa umuntu obaluleke kangaka’? Labobantu abafela inkampane, lapho sebefile, baphathwa njengokungathi babemane ‘beyimpahla yokulahlwa.’”
Ngisho noma umuntu engeke akhahlazeke ngenxa yokukhandleka noma afe ngenxa yokusebenza ngokweqile, kwenzekani lapho ethatha umhlala-phansi? UMotoyo Yamane, umsakazi waseJapane, uthi: “Naphezu kokusebenzela izinkampane zabo ngokuzikhandla, benziwa baliqaphele iqiniso lokuthi inkampane ayisabadingi nokuthi abasenalo usizo.” Kulenkampane enganaki, izisebenzi ezizikhandlayo zimane nje ziyingxenye encane yalenkampane enkulu, okufanele zishintshwe lapho zikhathala. Akumangalisi ukuthi abantu abaningi baseJapane abasazethembi izinkampane zabo! Baqala ukuqaphela ukuthi ukuzinikela ngenxa yenkampane kuwuthando olungenambuyiselo.
Yini engashiwo ngokuvelela? Labo abaye bafinyelela izikhundla zokuphatha ezithé xaxa ngokushesha bayaqaphela ukuthi akuwona wonke umuntu oyofinyelela isikhundla esiphakeme kakhulu. Bese kwenzekani? Njengoba bengasenawo amathemba okukhushulelwa esikhundleni, baqala ukushintsha imisebenzi. Ukwethembeka akubonakali kuyimfanelo enenzuzo!
Umbono Olinganiselwe Wokuzikhandla
Nakuba ukuzikhandla okushukunyiswa uthando lwemali, ukwethembeka enkampanini, noma umoya wokuncintisana ekugcineni kukhungathekisa futhi kudumaza, iBhayibheli alikushayi indiva ukubaluleka kokuzikhandla. “Ukuba abantu bonke badle, baphuze, babone okuhle kuwo wonke umshikashika wabo kuyisipho sikaNkulunkulu nalokho.” (UmShumayeli 3:13) IBhayibheli liyakutusa ukujabulela umvuzo wokuzikhandla. Lokhu kusinikeza umbono ofanele wokuzikhandla.
Muva nje i-Health and Welfare Ministry yaseJapane yeluleka izisebenzi ukuba “zikhohlwe ukusebenza isikhathi eseqile (futhi) zijabulele isidlo sakusihlwa nemikhaya yazo.” Ngokusobala abanye abaholi bezamabhizinisi bayakwazisa ukuhlakanipha kwaleseluleko. Ngokwesibonelo, umongameli wenkampane ethile ye-biotechnology ekhulayo wathi: “Ngifuna ukuba zonke izisebenzi zethu ziyinakekele kahle imikhaya yazo ngaphambi kwakho konke okunye. Ukusebenza kwazo enkampanini yethu kuzisiza nje ukuba zikwazi ukondla imikhaya yazo.”
Ngempela, ubuhlobo obuhle bomkhaya ngokuqinisekile buwumgomo ofanelekile wokuzikhandla. Uma isimo esifudumele somkhaya sisongelwa noma impilo yakho ingena engozini ngenxa yomsebenzi wakho, awukuboni okuhle ngokuzikhandla kwakho.
Nokho, emphakathini waseJapane, lapho kubusa khona isimiso sokuba phambili, abanye baye baba nalesimo sengqondo: “Ube khona, ungavilaphi, ungasebenzi.” Bazenza sengathi bakhuthele ngokuhlala kuze kuhlwe emsebenzini kodwa bamane balinde umqondisi ukuba ashayise. UKenji, umthengisi wenkampane ethile ehlobisa ezindlini eHiroshima, wayenalowomqondo. Wayelova emsebenzini, echitha isikhathi ethilomu noma endaweni yokudlala imidlalo yokugembula.
Ingabe isimo sengqondo esinjalo siletha injabulo? “Izidenge ziyakuphoqelwa umsebenzi,” kusho isaga seBhayibheli. Namuhla, umuntu angase angabi ngaphansi kokusebenza ngokuphoqelelwa okungokoqobo ngenxa yokuvilapha kwakhe. Nakuba kunjalo, umsebenzi ungaba isidina, ube umsebenzi ophoqelelwe ngokwengqondo. Ngakolunye uhlangothi, lesisaga esifanayo siveza inzuzo yenkuthalo: “Isandla sabakhutheleyo siyakubusa.” (IzAga 12:24) Ngisho noma ungeke ubuse izwe elithile noma inkampane, okungenani uyohlonishwa umkhaya wakho futhi uzilawule wena. Ngaphezu kwalokho ungase wenze umqashi wakho akwethembe, futhi uzuze nonembeza ohlanzekile.
UKenji wakuthola kuyiqiniso lokhu. Wanquma ukutadisha iBhayibheli, futhi ukuphila kwakhe kwaguquka ngokuphawulekayo. Uthi: “Ngokusebenzisa isimiso sokwethembeka emsebenzini, ngaqala ukusebenza ngokwethembe-ka kungakhathaliseki ukuthi umqashi ukho- na noma akekho. Lokhu kwamenza wangethemba.”
Lapho Ukuzikhandla Kuba Imfanelo Enhle
Iqiniso liwukuthi, ukuze umsebenzi ube nenjongo, kufanele uzuzise abanye. ‘Umsebenzi owanelisayo,’ kwachaza umlobi othile wezamabhizinisi, ‘umsebenzi oletha inzuzo, induduzo noma injabulo ekuphileni kwabantu abaningi.’ Umsebenzi onjalo ulethela isisebenzi ukwaneliseka okujulile. Kunjengoba uJesu Kristu asho: “Kubusisekile ukupha kunokwamukela.”—IzEnzo 20:35.
Nakuba ukusebenzela inzuzo yabanye kutuseka, kukhona futhi esinye isici esiyisihluthulelo sokuthola ukwaneliseka emsebenzini nasekuphileni. Ngemva kokujabulela konke ukunethezeka nengcebo okutholakala ekuphileni, iNkosi uSolomoni yafinyelela lesiphetho esihle: “Mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe, ngokuba lokho kungokwabantu bonke.”—UmShumayeli 12:13.
Ngokusobala, kumelwe sicabangele intando kaNkulunkulu kukho konke esikwenzayo. Ingabe sisebenza ngokuvumelana nentando yakhe noma ngokumelene nayo? Ingabe sizama ukumthokozisa noma nje ukuzithokozisa thina? Uma sikudebeselela ukwenza intando kaNkulunkulu, siba abantu abathanda izinto ezibonakalayo noma injabulo futhi ekugcineni sizobhekana nobuhlungu besizungu, ukunganeliseki, nokuphelelwa ithemba.
Ngakho khumbula ukuthi ukukhonza uJehova uNkulunkulu—ukwenza umsebenzi othokozisa uMdali wethu—ngeke kusishiye singanelisekile. UJehova ngokwakhe uyisisebenzi esizikhandlayo, futhi usimema ukuba sihlanganyele naye futhi sibe ‘izisebenzi kanye naye.’ (1 Korinte 3:9; Johane 5:17) Kodwa ingabe ngempela ukuzikhandla okunjalo kuletha injabulo engokoqobo?
Umqondisi wenkampane ethile enyathelisayo wake wavakashela igatsha le-Watch Tower elinyathelisayo eJapane ukuze afunde ngesimiso salo. Akazange akhangwe imishini nje kuphela. Wabona izinsizwa zijabulela umsebenzi wazo, futhi wamangala lapho ezwa ukuthi zonke ziyizisebenzi zokuzithandela nokuthi eziningi ezengeziwe ziye zafaka izicelo ngentshiseko ukuze zihlanganyele nazo. Kungani ayemangele? Wachaza: “Enkampanini yethu, lapho siqasha abantu abayishumi, kumelwe sikubheke njengento enhle uma abane babo besenathi ngemva konyaka owodwa. Nina bantu be-Watchtower ninegugu kulezisebenzi ezisezintsha!”
Yini eyenza lezinsizwa zijabule kangaka futhi zibe izisebenzi ezikhuthele ngalendlela? Njengezisebenzi zokuzithandela, kusobala ukuthi azisebenzeli imali. Khona-ke, yini ezishukumisayo? Ukuzinikezela kwazo nokwazisa kwazo ngoJehova, uMdali wazo, nothando lwazo ngomakhelwane bazo. Isimo sazo sengqondo sibonisa ukuthi azisebenzi ‘njengabathokozisa abantu, kodwa njengezinceku zikaKristu, zenza intando kaNkulunkulu ngomphefumulo wonke.’—Efesu 6:6.
Konke lokhu kuwumbono oyisandulela walokho nje okusazokwenzeka. Labo abazikhandlayo manje ekukhonzeni uJehova bangabheka phambili esikhathini lapho ngokushesha eyobuyisela iPharadesi futhi wonke umhlaba uyogcwala imisebenzi ezuzisayo. U-Isaya, umprofethi kaNkulunkulu wasendulo, wabikezela ngokuphila ngalesosikhathi: “Bayakwakha izindlu, bahlale kuzo; bayakutshala izivini, badle izithelo zazo. Abayikwakha, kuhlale omunye; abayikutshala, kudle omunye, . . . nomsebenzi wezandla zabakhethiweyo bami uyakugugela kubo.”—Isaya 65:21, 22.
Yeka ukuthi umsebenzi uyoba isibusiso kanjani ngalesosikhathi! Ngokufunda lokho okuyintando kaNkulunkulu ngawe nokusebenza ngokuvumelana nayo, kwangathi ungaba phakathi kwababusisiwe bakaJehova futhi ngaso sonke isikhathi ‘ubone okuhle kukho konke ukuzikhandla kwakho.’—UmShumayeli 3:13, NW.
[Ibhokisi ekhasini 9]
Umbono Olinganiselwe Ngomsebenzi Ulondoloza Umshado
KuYasuo, ohlala eHokkaido, eJapane, umsebenzi kwakuwukuphela kwendlela yokuzilibazisa kwaze kwaba seminyakeni embalwa edlule. Wayenesikhundla sokuqondisa emsebenzini, futhi wayekhathazeke kakhulu ngokwandisa ibhizinisi. Nsuku zonke wayesebenza kuze kube ngu-11:00 ebusuku engathathi maholide. Khona-ke, uyakhumbula: “Ngaqaphela ukuthi kungakhathaliseki ukuthi ngizikhandla kangakanani, ngangingatholi njabulo emsebenzini wami.” Isimo esingokwempilo sikaYasuo saqala ukuwohloka. Exoxa nomkakhe, waqaphela ukuthi kwakunokuthile okubaluleke kakhulu kunomsebenzi wakhe—umkhaya wakhe. Washintsha indlela yakhe yokuphila futhi wahlanganyela nomkakhe ekutadisheni iBhayibheli. Manje uyinhloko ethandwayo nehlonishwayo yomkhaya ojabulayo.
[Isithombe ekhasini 9]
Umsebenzi wakho akufanele ufake ukuphila komkhaya engozini
[Isithombe ekhasini 10]
Ngokushesha bonke bayojabulela ukusebenza ukuze benze umhlaba ube ipharadesi