Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Izingane Ezicindezelekile Ngibonga kakhulu ngochungechunge lwezihloko oluthi “Izingane Ezicindezelekile—Zingasizwa Kanjani?” (July 22, 1993) Lapho ngizifunda, ngakhala ngenxa yenjabulo nobuhlungu. Lapho ngineminyaka emine, ubaba wangihlukumeza ngokobulili. Ngakhula nginezinhlungu ezingapheli nokwesaba. Manje sekuyiminyaka engu-20 ngiwumKristu, futhi ngosizo lukaJehova—nangezihloko ezinjengalezi—sengiqalile ukuthola usizo. Futhi lokhu kwaziswa kungisiza ukuba ngivikele indodakazi yami.
S. S., Italy
Ngineminyaka engu-17 ubudala futhi ngicindezeleke kakhulu ngokomzwelo. Ekhaya kukhona ukuxhaphaza ngamazwi okuningi. Ngisho nakuba ubaba engakazifundi lezizihloko, ayikho indlela yokuba noma yimuphi umzali oxhaphazayo azishaye indiva. Ngithemba ukuthi lezizihloko ziyovula amehlo abazali abanjalo.
T. B., United States
Indodakazi yami eneminyaka emithathu yaxhashazwa ngokobulili. Yayikhathazwa ngokujulile yilokhu okuhlangenwe nakho; kungakhathaliseki ukuthi umntwana mncane kangakanani uyalimala ngokomzwelo. Ngangithukuthele kakhulu futhi ngidabukile kangangokuba ngafuna ukuba nibhale isihloko esithile ukuze nisize abazali babone indlela izinto ezimbi ezingaba yiyo ezinganeni zethu. Amazwi ayehluleka ukuchaza injabulo engaba nayo lapho ngifunda lezizihloko. Angikaze ngifunde okuthile okuhle kangaka. Lokhu kubonisa abanye ukuthi sikhonza uNkulunkulu obuqondayo ubuhlungu obukhulu abanye ababuzwayo.
M. G., United States
Ngiyabonga ikakhulukazi ngesihloko esithi “Abazali Abaxhaphazayo—Imbangela Eyinhloko Yokucindezeleka.” Ngakhuliswa kanjalo, ngokuxhashazwa ngokomzwelo nangokobulili. Lesisihloko sabonisa indlela lokhu okungakwenza kube nzima ngayo konke ukuphila komuntu. Kuyaduduza ukwazi ukuthi othile uyakuqonda ngempela lokhu.
B. S., United States
Njengoba ngasinda ekuxhashazweni ngokobulili nangokomzwelo lapho ngisewumntwana, ngikuqonda ngempela ukulimala okubangelwa ukucindezeleka kwasebuntwaneni okungenakuthethelelwa. Uma ungenakho okuhlangenwe nakho kwako, ngeke uwuqonde umonakalo okuwubangela ekuphileni komuntu. Ukuzizonda, icala, ukwesaba, nemizwa ekhungathekisayo yokungabi lutho akubekezeleleki ngezinye izikhathi. Ngithandazela ukuthi abazali abafunda lokhu kwaziswa bazihlolisise bona ngokwabo futhi baphathe izingane zabo ngobubele nangozwela.
D. I., United States
Ngokushesha nje lapho ngibona isembozo, ngakhala. Indodakazi yami eneminyaka eyisikhombisa ubudala kwakunzima ukusebenzelana nayo, futhi sasingazi ukuthi yini esasingayenza. Ekugcineni sayithumela esibhedlela eselapha ukuphazamiseka kwengqondo nokomzwelo kuphela. Ngemva kosuku nje ibuyele ekhaya, sathola umagazini okhuluma ngezingane ezicindezelekile. Namanje sisenemibuzo eminingi engaphenduliwe, kodwa ngezihloko ezifana nalezi, umthandazo, nokusekela kwabangane, okungenani ingxenye enkulu yemibuzo yethu iyaphenduleka.
D. G., United States
Ngineminyaka engu-13 ubudala, futhi eminyakeni emibili edlule ngagula kakhulu. Futhi ngangicindezeleka ngezikhathi ezithile. Ngifisa sengathi ngabe ngangitholé lezizihloko ngalesosikhathi. Umama wangiyisa esibhedlela esikhethekile sabantwana ngoba odokotela basedolobheni lakithi babengakwazi ukuthola ukuthi yini eyayingiphethe. Odokotela bakulesosibhedlela bathola ukuthi ngiphethwe yilokho izihloko zenu ezikubiza ngokuthi “ukusabela kwengqondo nomzimba.” Abadala basebandleni lakithi, kanye nabazali bami, bangisiza ukuba nginqobe ukucindezeleka kwami. Ngiyethemba ukuthi izihloko zenu ziyosiza abanye abantu abasha ukuba banqobe ukucindezeleka kwabo.
J. B., United States
Nami ngingomusha ocindezelekile. Ngineminyaka eyisikhombisa ubudala, futhi umama nobaba bahlukene. Yilokho okubangela ukuba ngicindezeleke. Nginezinkinga zesisu ezifana nalezo enabhala ngazo. Ngiyabonga ngokukhathalela kwenu.
J. H., United States