Ikhono Lokufunda Phakathi Kwabantu BakaNkulunkulu
EZIKHATHINI zasendulo kwakunezinga eliphakeme lekhono lokufunda phakathi kwabantu bakaNkulunkulu. Eminyakeni engaba ngu-3 500 edlule, uMose wabhala izincwadi ezinhlanu zokuqala zeBhayibheli. Owamlandela, uJoshuwa, wayalwa ukuba afunde imiBhalo “imini nobusuku” ukuze aphumelele esabelweni uNkulunkulu ayemnikeze sona. Futhi uNkulunkulu wayala ukuba amakhosi akwa-Israyeli, lapho eqala ukubusa, azibhalele ikhophi yoMthetho futhi ayifunde nsuku zonke.—Joshuwa 1:8; Duteronomi 17:18, 19.
Ukufunda nokubhala kwakungagcini kubaholi besizwe. Nakuba ngokusobala ungokomfanekiso, umyalo owanikezwa ama-Israyeli wokuba ‘alobe’ imiyalo kaNkulunkulu ezinsikeni zeminyango yezindlu zawo wawubonisa ukuthi labantu babefundile. U-Amose wayengumalusi wezimvu, futhi uMika wayengumprofethi ovela emzini wasemaphandleni; nokho, bobabili baloba izincwadi zeBhayibheli.—Duteronomi 6:8, 9; Amose 1:1; Mika 1:1.
UJesu wayekwazi ukuthola yonke imiqulu ephefumlelwe yemiBhalo yesiHeberu emasinagogeni, lapho, ngesinye isikhathi, afunda khona obala wayesesebenzisa lowombhalo kuye ngokwakhe. Abaphostoli bakhe nabo babefundile, becaphuna futhi bebhekisela emiBhalweni yesiHeberu izikhathi eziningi emibhalweni yabo.—Luka 4:16-21; IzEnzo 17:11.
Abantu BakaNkulunkulu Namuhla
UJesu watshela abalandeli bakhe ukuba ‘benze izizwe zonke abafundi, . . . babafundise ukugcina konke ayebayale ngakho.’ Wabikezela futhi ukuthi ‘ivangeli lombuso laliyakushunyayelwa ezweni lonke.’—Mathewu 24:14; 28:19, 20.
NjengamaKristu ekhulwini lokuqala, oFakazi BakaJehova namuhla baye bafeza lokhu kuthunywa ngokufundisa nokushumayela ngentshiseko ngezwi lomlomo. Baye basakaza futhi izindaba ezinhle zoMbuso ngezincwadi. Kusukela ngo-1920, oFakazi BakaJehova baye bakhiqiza futhi bahambisa amaBhayibheli, izincwadi, omagazini, namapheshana okungaphezu kwezigidi eziyizinkulungwane eziyisishiyagalolunye ngezilimi ezingaphezu kuka-200.
Izigidi emhlabeni wonke ziye zasabela kahle, zaba abafundi bakaKristu. Phakathi kwazo kukhona amadoda nabesifazane abangakwazi ukufunda noma ukubhala. Labantu abangafundile abawona amaKristu angelutho—abaningi baye bakhonza uNkulunkulu ngokwethembeka amashumi eminyaka, bakhuthazelela ushushiso olungokwenkolo, futhi baye babonisa uthando lwabo ngoJehova ngokugcina imiyalo yakhe.—1 Johane 5:3.
Abaningi babo bayakufisa ukufunda nokubhala, beqaphela ukuthi ikhono lokufunda liyisihluthulelo esiyovula indlela yokuhlanganyela ngokugcwele ekukhulekeleni kwabo uNkulunkulu. Emihlanganweni, bafuna ukulandela ukufundwa kweBhayibheli nezincwadi zobuKristu, futhi bafuna ukufunda amazwi ezingoma ukuze bahlabelele kanye nabafowabo nodadewabo abangokomoya. Ekhaya, bafisa ukuzakha bona nemikhaya yabo ngesifundo seBhayibheli. Enkonzweni, balangazelela ukufundisa abanye iqiniso leZwi likaNkulunkulu ngaphandle kokuncika komunye umuntu ukuba abafundele lona.
Ukufunda Ukufunda
Besabela kulesidingo, oFakazi BakaJehova baye bahlela ukusiza ekuthuthukiseni ikhono lokufunda ngamabandla abo nangokomuntu siqu. Emhlabeni wonke, baye bafundisa amadoda nabesifazane abangenakubalwa. ENigeria kuphela, oFakazi BakaJehova baye bafundisa abangaphezu kuka-23 000 ukufunda nokubhala. Omunye walaba kwakungu-Effor. Uyalandisa:
“Ngaqala ukufunda nokubhala ngo-1950 lapho ngineminyaka engu-16 ubudala. Ikilasi lezifundo laliqhutshwa oFakazi BakaJehova. Sasisebenzisa incwadi eyanyatheliswa yi-Watch Tower Society, futhi sasinikezwa izabelo zokufunda esasizenza ekhaya.
“Nganginomuzwa wokuthi ukuba kwami ongafundile kwakunjengesifo. Ngangifuna ukuchazela abafowethu nabangane iBhayibheli, kodwa njengoba ngangingakwazi ukufunda nokubhala, ngangingaphumeleli kahle. Okwangishukumisela ukuba ngifunde kwakuyisifiso sami sokushumayela nokufundisa abanye ukuba babe abafundi bakaKristu. Ngangibhala kunoma yini engiyitholayo, ngisho nasemacembeni okhova. Isifiso sami sokufunda nokubhala sasisikhulu kangangokuba ngangiqhubeka ngiprakthiza indlela yokufunda nokubhala emaphusheni ami. Ngacela abanye ukuba bangisize; ngangingenamahloni ngalokho. Ngikhumbula ngibhalela abangane izincwadi futhi ngizinikeza labo ababefunda ukuze balungise amaphutha.
“Ukufunda kwangithatha unyaka wonke ngifundiswa ekilasini lezifundo elaliqhutshwa ebandleni. Ngemva kwalokho nganikezwa isabelo sokufundisa ikilasi. Lokho kwanginikeza ithuba lokusiza abanye abaningi.
“Lesosikole sangisiza kakhulu kangangokuba eminyakeni eyalandela, ngaba nelungelo lokuhumusha amadrama eNhlangano ngiwasusela esiNgisini ngiwasa olimini lwesi-Isoko, ulimi lwami lwendabuko. Ngaphandle kwalokho, ngiye ngakhonza njengombonisi webandla kusukela ngawo-1960. Ngawo-1980, ngakhonza njengombambeli wombonisi ojikelezayo woFakazi BakaJehova. Ngaba nelungelo futhi lokuqhuba iSikole Senkonzo Samaphayona [isikole sezikhonzi zesikhathi esigcwele] nokufundisa eSikoleni Senkonzo SoMbuso [isikole sabadala abangamaKristu] izikhathi ezimbili. Ngiyazi ukuthi ukube bengingakakwazi ukufunda, bengingeke nginikezwe wonke lamalungelo.
“Yeka indlela engilazisa ngayo lelilungiselelo lokufundisa abathobekile ukufunda nokubhala! Ngezinye izikhathi lapho ngilala ebusuku, ngisambonga uJehova ngokuthi angiseyena umuntu ongafundile kulelizwe lanamuhla.”
UMdali wethu, uJehova uNkulunkulu, ngomusa uye wanikeza isintu ikhono lokufunda nokubhala. Kodwa lamakhono awazuzwa ngaphandle komzamo. Umvuzo omkhulu kakhulu wokufunda ukuzifundela nokubhala uwukukwazi ukuthatha iZwi likaNkulunkulu futhi ulalele umyalo waphezulu othi: ‘Zindla ngawo imini nobusuku.’—Joshuwa 1:8.
[Ibhokisi ekhasini 9]
[Ibhokisi ekhasini 9]
Indlela Yokusiza Izingane Zakho Zihlakulele Uthando Lokufunda
● Beka isibonelo ngokufunda njalo wena ngokwakho. Abazali abafundayo cishe bayoba nezingane ezifundayo.
● Xoxa nomntanakho kusukela esewusana. Ukuvulekela olimini olunenjongo kusiza izingane ziqonde amazwi nemibono okuyokwenza ukufunda ukuzifundela kube lula ngokwengeziwe.
● Fundela izingane zakho ngaso sonke isikhathi. Lapho zigoniwe futhi zifundelwa, izinsana zithola isigijimi sokuthi amazwi nezincwadi kuhle, ngisho nalapho zingakakhuli ngokwanele ukuba ziqonde indaba efundwayo. Qhubeka ufundela izingane zakho ngemva kokuba sezifunde ukuzifundela. Othisha besikole basiza izingane zifunde indlela yokufunda, kodwa abazali bangafeza okukhulu ekuzisizeni ukuba zijabulele ukufunda. Izingane ziyakujabulela ukuzwa izindaba ezizikhonzile ngokuphindaphindiwe.
● Yiba nezincwadi ezingafundwa izingane zakho ekhaya.
● Khuthaza izingane zakho ukuba zibhale. Ngokuvamile ingane ebhalayo iyakuthanda ukufunda.
● Khetha inkathi yansuku zonke emisiwe yokufunda komkhaya. Shintshanani ngokufunda, bese nixoxa ngokwaziswa ndawonye. Lezizikhathi kufanele zijabulise futhi zakhe.
[Isithombe ekhasini 8]
Abantu basendulo abesaba uNkulunkulu babekwazi ukufunda nokubhala