Iziqhingi Ezintantayo ZaseLake Titicaca
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EPERU
IZIQHINGI ezintantayo? Yebo, ziyantanta iziqhingi kulelichibi eliyingqayizivele laseNingizimu Melika. Futhi abantu bahlala kuzo.
ILake Titicaca, ephahlwe iPeru ngasentshonalanga neBolivia ngasempumalanga, iyichibi elikhulu kunawo wonke emhlabeni okuhamba kuwo imikhumbi emikhulu. Njengoba iphakeme ngamamitha angu-3 810 ngaphezu kogu lolwandle, indlaleke ngamakhilomitha angu-190 ngasenyakatho-ntshonalanga kuya eningizimu-mpumalanga futhi lapho inkulu kakhulu khona ingamakhilomitha angaphezu kuka-80 ububanzi.
Ezinye zaleziqhingi eziningi ezintantayo zaseLake Titicaca zingomata abantantayo abenziwe nge-totora eyonyisiwe, i-papyrus enjengomhlanga emila ezingxenyeni ezingajulile zalelichibi. Lemihlanga imila ekujuleni kwalelichibi, inyuke emanzini angamamitha ambalwa, bese iba mide ngemitha elingaphezudlwana kwelilodwa ngaphezu kwamanzi. Ukuze kwakhiwe isiqhingi, lapho isazikile ekujuleni kwechibi, lemihlanga iyagotshwa bese iphothwa ukuze yakhe iphansi lotshani, elintanta phezu kwamanzi. Khona-ke lemihlanga igcwaliswa udaka bese iqiniswa ngeminye imihlanga enqunyiwe. Izakhamuzi zihlala ezindlini ezakhiwe ngemihlanga kuleziqhingi zemihlanga ezintantayo.
I-Encyclopædia Britannica iphawula ukuthi sekuyisikhathi eside abantu behlala kuleziqhingi. Futhi iyaphawula: “Izakhamuzi zakulelichibi zakha izihlenga zazo ezidumile—izikebhe ezakhiwe ngezixha zemihlanga eyomile eboshelwe ndawonye emelela inhlendla ye-papyrus eboniswe ebucikweni ematsheni esikhumbuzo aseGibithe.”
Muva nje, oFakazi BakaJehova bathole isikebhe sokushumayela kubantu baseziqhingini zaseLake Titicaca. Lesikebhe sisebenza ngamandla enjini engemuva futhi sikwazi ukuthwala abantu abangu-16. Lapho oFakazi behamba endlini ngendlu kuleziqhingi zomhlanga, bathi kukhona ukunyakaza okuthile ngaphansi kwezinyawo. Ngokujabulisayo, manje isigijimi soMbuso kaNkulunkulu sesifinyelela ngisho nabantu abakuleziqhingi ezintantayo ezisemajukujukwini!