Ingabe Ukuchuma Ngokwezinto Ezibonakalayo Kungayiqinisekisa Injabulo?
“KUBAFUNDI abangaba ngu-50 esikoleni engangifunda kuso, munye noma babili kuphela ababegqoka izicathulo,” kukhumbula uPoching oneminyaka engu-45 ubudala, owakhulela eningizimu Taiwan ngawo-1950. “Sasingenawo amandla okuzithenga. Nokho, asizange nakancane sizibheke njengabantu abampofu. Sasinakho konke esasikudinga.”
Lokho kwakuseminyakeni engaba ngu-40 edlule. Kusukela ngalesosikhathi, ukuphila kuye kwashintsha ngokuphawulekayo kuPoching nakwezinye izakhamuzi zakulesosiqhingi eziyizigidi ezingu-20. Njengoba kuchaza incwadi ethi Facts and Figures—The Republic of China on Taiwan, “iTaiwan yaguqulwa ekubeni umphakathi wezolimo yaba umphakathi wezezimboni ochumayo.” Ngasekupheleni kwawo-1970, iTaiwan yayibhekwa “njengomphakathi ozinzile nochumile.”
Ngempela, ubufakazi bokuchuma bubonakala kuyo yonke indawo eTaiwan. Kusuka ezakhiweni eziphakeme zamahhovisi esimanje eziye zaqhibuka njengamakhowe kuso sonke lesisiqhingi kuya emigwaqweni emikhulu egcwele izimoto zemali eshisiwe zakwamanye amazwe, ukuchuma ngokwezinto ezibonakalayo kweTaiwan kufiselwa amanye amazwe asathuthuka. I-China Post, iphephandaba lesiNgisi elihamba phambili laseTaiwan, liziqhayisa ngokuthi namuhla “abantu baseTaiwan bajabulela ukunethezeka okukhulu kunakho konke emlandweni waseChina.”
‘Izingqinamba Eziyinqwaba’
Ingabe konke lokhu kuchuma ngokwezinto ezibonakalayo kuye kwalethela abantu injabulo nokwaneliseka kweqiniso? Nakuba ngokungangabazeki kukuningi lokho abantu baseTaiwan abaziqhenya ngakho, kunolunye uhlangothi lwalempumelelo. I-China Post iyaqhubeka ibonisa: “Lokhu kunotha okusezingeni eliphakeme kuye kwahambisana nezingqinamba eziyinqwaba neziyinkimbinkimbi.” Ukuchuma kweTaiwan ngokwezinto ezibonakalayo kuye kwaba nomvuzo.
Ngokuqondene ‘nezingqinamba eziyinkimbinkimbi’ ezihlukumeza lesisiqhingi esake saba nezinga eliphansi lobugebengu, i-China Post iyaphawula: “Eminyakeni yamuva nje ubugebengu nesiyaluyalu kuye kwanda ngokushaqisayo emphakathini wakithi onothile, kusongela ngokuqhubekayo ukuphila nempahla yazo zonke izakhamuzi ezigcina umthetho.” Endabeni enesihloko esithi “Umnotho Wenza ITaiwan Ibe Yizwe Lenkanuko Yobulili,” le-Post ilahla izinkinga ‘zezindawo ezandayo zokudlela nezokuphuza ezinabesifazane abagqoke izingubo ezivusa inkanuko’ nezikhungo zobufebe ezingemthetho ezisebenza sengathi ziyizindawo zokugunda izinwele. Ukuphanga nokuthumba ngenjongo yokuthola inkokhelo eyisihlengo sekungenye inkinga. Omunye umbiko ukhuluma ngokuthunjwa kwabantwana “njengebhizinisi elisha elichumayo eTaiwan.” Abaningi baphendukela ebugebengwini obunjalo ukuze bakhokhele izikweleti zokugembula noma okunye ukulahlekelwa ngokwezimali.
Abantwana abazona nje izisulu zobugebengu ezingenacala. Bahileleke ngokwandayo ebugebengwini. Imibiko ibonisa ukuthi ngo-1989 kuphela, inani lobugebengu bentsha landa ngamaphesenti angu-30. Abanye bathi umsuka walokhu kwanda ukuwohloka komkhaya, futhi kubonakala izibalo zikusekela lokhu. Ngokwesibonelo, kusukela ngo-1977 kuya ku-1987, inani lemibhangqwana eshadayo eTaiwan lehla, kodwa inani lezehlukaniso laphindeka ngaphezu kwezikhathi ezimbili. Njengoba ngokuvamile isiko laseChina ligcizelela ukubaluleka komkhaya ukuze umphakathi uqine, akumangalisi ukuthi abaningi bakhathazekile ngezimo eziba zimbi kakhulu.
Imbangela Yalenkinga
Kuye kwanikezwa izincazelo ezihlukahlukene kuzanywa ukuthola isizathu sokuwohloka kokuhleleka emphakathini ochumile. Abanye abantu, bengazishayi mkhuba lezizinkinga, bathi zimane ziyinkokhelo yempumelelo. Kodwa ukusola impumelelo noma ukuchuma kufana nokuminza bese usola ukudla. Akubona bonke abadlayo abayiziminzi, futhi akubona bonke abachumile abathanda izinto ezibonakalayo noma abayizigebengu. Cha, ukuchuma ngokwezinto ezibonakalayo ngokwakho akubangeli ubugebengu nesiyaluyalu emphakathini.
Ingosi yomhleli kuyi-China Post yabhekisela esicini esikhulu esiyimbangela. Yathi: “Eminyakeni engamashumi amaningi edlule siye sagcizelela ngokweqile ukuthuthuka ngokwezinto ezibonakalayo. Lokhu kunengxenye ekuwohlokeni kwezindinganiso zokuziphatha nezingokomoya emphakathini wethu namuhla.” (Omalukeke sizenzele.) Yebo, ukugcizelela ngokweqile ukuphishekela izinto ezibonakalayo kubangela umoya wokuthanda izinto ezibonakalayo nokuhaha. Kukhuthaza ubugovu. Yilowomoya obangela ukuwohloka komkhaya nokwanda kwezinto ezimbi emphakathini. Kuseyiqiniso lokho iBhayibheli elakusho eminyakeni engu-2 000 edlule: “Ukuthanda imali [hhayi imali ngokwayo] kuyimpande yakho konke okubi.”—1 Thimothewu 6:10.
Inkinga Yomhlaba Wonke
Zifuna ukuthula—nokuphepha—izinkulungwane zabantu ziye zasuka eTaiwan zaya kwamanye amazwe. Kodwa izinkinga zaseTaiwan azikho khona kuphela. Zithe chithí saka emhlabeni wonke.
Eminyakeni ethile edlule ukuhlola kwabonisa ukuthi isifundazwe esinothe kunazo zonke eCalifornia, e-U.S.A., sasinezinga eliphakeme kakhulu lezehlukaniso kulelizwe. Amaphesenti angaba ngu-90 awo wonke umhlaba othengiwe kwezinye izindawo zalesisifunda ayewumphumela wemishado ehlukene. Kwabikwa inani labantu abazibulala eliphindwe kabili esilinganisweni sezwe lonke. Izinga lokuluthwa utshwala lalingelinye lamazinga aphakeme kakhulu kulelizwe, futhi kuthiwa kwakunezazi zezifo zengqondo nodokotela bengqondo abaningi kulesisifundazwe abelapha umuntu ngamunye kunanoma iyiphi enye indawo e-United States.
UJesu Kristu waveza iqiniso eliyisisekelo lapho ethi: “Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.” (Mathewu 4:4) Izinto ezibonakalayo, kungakhathaliseki ukuthi ziyinsada kangakanani, ngeke zanelise zonke izidingo zomuntu, futhi ngeke ziyiqinisekise injabulo. Ngokuphambene, ngokuvamile kuba njengoba isisho sesiShayina sikubeka: “Lapho umuntu edla kahle futhi ethokomele, imicabango yakhe iphendukela ekuzitikeni nasezinkanukweni zenyama.” Lokhu kuboniswa yilokho okwenzeka eTaiwan nakwezinye izindawo—ukuchuma ngokwezinto ezibonakalayo kukodwa kuvame ukuba isandulela sokuwohloka kokuziphatha emphakathini kanye nezinkinga ezihlobene nakho.
Khona-ke, yini edingekayo ukuze ukuchuma ngokwezinto ezibonakalayo kube ingxenye yenjabulo yangempela nehlala njalo? Ukuze uthole impendulo, siza ufunde isihloko esilandelayo.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]
“Lapho umuntu edla kahle futhi ethokomele, imicabango yakhe iphendukela ekuzitikeni nasezinkanukweni zenyama.”—Isisho sesiShayina
[Isithombe ekhasini 5]
Ukunotha ngokwezinto ezibonakalayo kwaphendula amadolobhana aba amadolobha amatasa, akhanyisa ngezibani zikagesi