Impilo Ephelele Kubo Bonke
NJENGENDLELA yokuziphatha, indawo ezungezile, nezempilo, indlela esakhiwe ngayo nayo iyayithinta impilo yethu. Leyondlela esakhiwe ngayo ithonywa ufuzo nezifo ezingase zisiphathe kamuva ngenxa yokuba nezici zofuzo ezithambekele kuzo.
“Indlela owakhiwe ngayo lapho uzalwa,” kusho omunye uchwepheshe wezempilo, “ngokuvamile inquma ukuthi uphila kahle, uphila isikhathi eside, noma uyaphila yini.”
Kungakhathaliseki ukuthi sikuthole kanjani, izinhlungu zekhanda, amajaqamba, izinzwa ezikhathele, amathambo avendlezekile, izinhliziyo ezibuthakathaka, nezinye izifo kusikhumbuza nsuku zonke ukuthi impilo yethu ihlaselwa umzimba nengqondo okukhubazekile. Uyini umnyombo oyinhloko walezizinkinga zempilo ezisakazekile?
Umnyombo Oyinhloko
Udokotela okuthiwa uLuka owayephila ekhulwini lokuqala C.E. uphendula lombuzo emlandweni ophefumlelwe awubhala ngoJesu Kristu. ULuka ubhala ukuthi ngolunye usuku kwalethwa kuJesu indoda ethile eyayife uhlangothi, kunethemba lokuthi yayizophulukiswa. UJesu watshela lomuntu ofe uhlangothi: “Uthethelelwe izono zakho.” Khona-ke, ukuze abonise ukuthi ngempela wayenamandla okuthethelela izono, uJesu wayala lendoda: “Vuka uthathe umbhede wakho omncane futhi uhambe uye ekhaya.” Lendoda yenza kanjalo! Ngenxa yalokho, “ukwesasa kwabagabha bonke ngothi lwabo” ababona lokhu kuphulukisa, futhi “baqala ukukhazimulisa uNkulunkulu.”—Luka 5:17-26.
Yisiphi isono uJesu ayebhekisela kuso? Impendulo yalombuzo isisiza ukuba siqonde ukuthi kungani sigula, siguga, bese sifa. Njengoba siqinisekiswa ukuthi “yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu,” singayibheka eBhayibhelini leyompendulo. (2 Thimothewu 3:16; 2 Petru 1:21) Lisitshela ukuthi umuntu wokuqala, u-Adamu, wadalwa enempilo ephelele. Wayejabulela impilo yobungqabavu uma nje elalela uMdali wakhe.
Nokho, u-Adamu wakhetha ukwephula umthetho kaNkulunkulu. Ngokungalaleli nokuvukela ngamabomu uMdali wakhe, wayenza isono. Ngenxa yalokho, waba ongaphelele, osengozini yokugula, futhi ngokuhamba kwesikhathi wafa. Ngakho-ke, isono saba imbangela yokugula nokufa kuka-Adamu.
Njengoba ezinye izifo zidluliselwa kubantwana zisuka kubazali ngenxa yokusebenza kwemithetho yezakhi zofuzo, kanjalo ukungapheleli nezifo ezaba umphumela kwadluliselwa kusuka ku-Adamu kuya enzalweni yakhe, uhlanga lwesintu. Ngakho, zonke izifo ziwumphumela wesono sokuqala sika-Adamu. (Genesise 2:17; 3:1-19; Roma 5:12) Ingabe likhona ikhambi?
Ikhambi
Ukuba khona kwempilo ebuthakathaka esikhundleni sempilo ephelele kwalethwa isono—ukuvukela kuka-Adamu umthetho kaNkulunkulu. Ukuba khona kwempilo ephelele esikhundleni sempilo ebuthakathaka kungenzeka kuphela ngokususwa kwesono. (Roma 5:18, 19) Kanjani? Omunye umuntu ophelele, ofana nsé no-Adamu lapho esaphelele, kwakuyodingeka ukuba anikele ukuphila kwakhe njengesihlengo. Umthetho kaNkulunkulu uthi “makube-ngukuphila ngokuphila.”—Duteronomi 19:21.
Nokho, akekho enzalweni ka-Adamu enesono owayenganikeza isihlengo esinjalo. Ngakho, ngothando uJehova ngokwakhe walungiselela iNdodana yakhe, uJesu, njengomuntu ophelele ukuze inikele ukuphila kwayo kube “isihlengo esenana abaningi” ukuze “sizuze ukuphila ngayo.”—Mathewu 20:28; 1 Johane 4:9; IHubo 49:7.
Lapho esemhlabeni, uJesu wabonisa ukuthi uYise, uJehova, wayemnikeze amandla okususa izono lapho ethi kofé uhlangothi, “uthethelelwe izono zakho,” futhi lendoda ephulukisiwe iya ekhaya. Ngokuphindaphindiwe uJesu wasebenzisa lamandla avela kuNkulunkulu ngokuphulukisa ngokushesha izimpumputhe, izithulu, nabanye abaningi ababenezifo ezihlukahlukene.
Ngokuqondene nalokhu kuphulukisa kukaJesu okuyisimangaliso, iBhayibheli liyalandisa: “Khona-ke izixuku ezinkulu zasondela kuye, ziza nabantu ababeyizinyonga, abagogekile, abayizimpumputhe, abayizimungulu, nabaningi ababengenye indlela, futhi zababeka ezinyaweni zakhe, wabelapha; kangangokuthi isixuku samangala njengoba sibona izimungulu zikhuluma nezinyonga zihamba nezimpumputhe zibona.” (Mathewu 15:30, 31) Okuphawuleka ngisho nangokwengeziwe, uJesu wayekwazi ukubuyisela ekuphileni abantu abafile. IBhayibheli lilandisa ngabaningana balaba abavuswa kwabafileyo.—Luka 7:11-16; 8:49-56; Johane 11:14, 38-44.
Lokhu kuphulukisa okuyisimangaliso kusiqinisekisa ukuthi asikho isifo angenakuselapha uJesu. Ingabe uyophinde asebenzise lamandla avela kuNkulunkulu? Singazuza yini?
Impilo Ephelele Iqinisekisiwe
Iziprofetho zeBhayibheli zibonisa ukuthi kakade uJesu useyabusa ezulwini njengeNkosi kahulumeni kaNkulunkulu wasezulwini. UNkulunkulu umnikeze igunya lokususa bonke ohulumeni babantu abakhona manje nokubusa emhlabeni wonke. (IHubo 110:1, 2; Daniyeli 2:44) Uyogcwaliseka umthandazo uJesu awufundisa abalandeli bakhe: “Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.” (Mathewu 6:10) Ngaphansi kokubusa kwalowoMbuso wasezulwini, ingxenye yentando kaNkulunkulu ngalomhlaba kuyoba ukuthuthukisa ngokuphawulekayo izimo zempilo emkhayeni wesintu.
Khona-ke, ngomqondo ongokoqobo nongokomoya, “amehlo ezimpumputhe ayakuvulwa, zivuleke nezindlebe zezithulu. Khona unyonga luyakutshekula njengendluzele, nolimi lwesimungulu luyakuhuba.” “Abakhé khona abayikusho ukuthi: Ngiyagula.”—Isaya 33:24; 35:5, 6.
Ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu wasezulwini, impilo ephelele iyosho ukuthi ngeke kusadingeka ukuba abantu bafe njengoba sifa manje. IZwi likaNkulunkulu liyathembisa: “Wonke umuntu obonisa ukholo kuyo [uyoba] nokuphila okumi phakade.” “Isipho uNkulunkulu asinikezayo siwukuphila okumi phakade ngoKristu Jesu iNkosi yethu.” (Johane 3:16; Roma 6:23) Yebo, esikhathini eside esidlule ihubo eliphefumlelwe lathembisa: “Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo.” (IHubo 37:29) Njengoba enza lapho esemhlabeni, uJesu uyobe esevusa abafile futhi abanikeze ithuba lokuzuza empilweni ephelele. IBhayibheli liyathembisa: “Luyoba khona uvuko kokubili olwabalungileyo nabangalungile.”—IzEnzo 24:15.
Umhlaba ngokwawo uyochuma ngaphansi kokubusa koMbuso kangangokuba indlala, ebangela impilo ebuthakathaka, ngeke iphinde ibe khona. Iziprofetho zeBhayibheli ziyasitshela: “Umuthi osendle uyakuthela izithelo zawo, umhlabathi uthele ukudla kwawo, zihlale zilondekile ezweni lazo.” (Hezekeli 34:27) “Umhlaba uthelile izithelo zawo; uNkulunkulu, uNkulunkulu wethu, uyasibusisa.” (IHubo 67:6) “Kuyakuba-khona inala kakolweni ezweni.” (IHubo 72:16) “Kuyakujabula ihlane nogwadule, kuthokoze uqwathule, lukhahlele njengentebe.”—Isaya 35:1.
Ifingqa isimo esiyoba khona ezweni elisha likaNkulunkulu, incwadi yokugcina yesiprofetho yeBhayibheli ithi: “[UNkulunkulu] uyosula zonke izinyembezi emehlweni aso, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.”—IsAmbulo 21:4.
Ingabe uthi, ‘Kunzima ukukukholelwa lokho’? Khona-ke, cabanga ngalokhu. Ngaphambi kokuba u-Adamu abe isoni, wayenempilo ephelele. Cabanga ukuba othile ngalesosikhathi wake wathola ithuba lokukhuluma naye futhi amtshele ukuthi ngolunye usuku umhlaba wawuyogcwala abantu ababubulayo, abagulayo, nabagugayo. Awucabangi yini ukuthi u-Adamu wayeyokuthola kunzima ukukukholelwa lokho? Kodwa manje kuyiqiniso.
Ngokuphambene, impilo ephelele iyoba into engokoqobo ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu. IZwi likaJehova liyasiqinisekisa: “Lamazwi akholekile futhi ayiqiniso.” (IsAmbulo 21:5) Lokho uNkulunkulu athi kuzokwenzeka kuzokwenzeka ngoba ‘akunakwenzeka ngoNkulunkulu ukuba aqambe amanga.’—Heberu 6:18.
Yini ongayenza manje ukuze uqiniseke ukuthi uyozijabulela lezizibusiso ezizayo? Indlela yokuthola impilo ephelele nokuphila okuphakade yacaciswa yilokho okwashiwo uJesu ngomthandazo kuYise: “Lokhu kusho ukuphila okumi phakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo owamthuma, uJesu Kristu.”—Johane 17:3.
Cela oFakazi BakaJehova ukuba bakuqhubele isifundo seBhayibheli samahhala ekhaya lakho. Bayokujabulela ukukusiza ukuba ufunde okwengeziwe ngezithembiso ezimangalisayo zikaNkulunkulu. Kuyoba isinyathelo sakho sokuqala esiyisa empilweni ephelele!
[Isithombe ekhasini 14]
Ezweni elisha likaNkulunkulu, bonke abantu bayojabulela impilo ephelele