Umbono WeBhayibheli
Ingabe Izindinganiso ZikaNkulunkulu Zinzima Kakhulu Ukuba Zifinyelelwe?
“UNKULUNKULU AKABAKALI ABANTU NGAMAYINTSHI.”—ISAGA ESIDALA SASESCOTLAND.
IZIVIVINYO zasesikoleni, izingxoxo zokufuna umsebenzi, nokuhlolwa kwezokwelapha kumane kungezinye zezinguquko ezibalulekile umuntu akalwa ngazo. Kodwa lapho sekuziwa ekuphileni ngezindinganiso zikaNkulunkulu nsuku zonke, abantu abaningi banomuzwa wokuthi ngandlela-thile bangase bahluleke ukuzifinyelela. Ingabe inkolelo yakho nawe leyo? Ingabe ungakwazi ukufinyelela izindinganiso zikaNkulunkulu?
Ukuze siphendule, ake siqale sibheke izindinganiso uNkulunkulu azibekele abakhulekeli bakhe. IBhayibheli lenza kucace ukuthi kufanele sihambe kanjani ekuphileni. (IHubo 119:105) Umlobi weBhayibheli iNkosi ehlakaniphile uSolomoni waphetha ngokuthi ‘isibopho esiphelele siwukwesaba uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe.’ (UmShumayeli 12:13) Umprofethi uMika waphawula: “UJehova ufunani kuwe, kungabi-ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa, uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka, na?”—Mika 6:8.
UJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu uqobo, yathi ayikho imiyalo emikhulu ‘kunokuthanda uJehova uNkulunkulu wakho ngenhliziyo yakho yonke nangomphefumulo wakho wonke nangengqondo yakho yonke nangezikhwepha zakho zonke nokuthanda umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.’ (Marku 12:30, 31) Ngaphezu kwalokho, sibonisa ukuthi siyamthanda uNkulunkulu ngokulalela imiyalo yakhe yonke.—1 Johane 5:3.
Kalula nje, abantu kufanele bamthande uNkulunkulu futhi bamhloniphe, balalele imiyalo yakhe, bangenzeleli, babe nomusa kubo bonke, futhi bagweme ukuqhosha. Ingabe ngeke sakwazi ukufinyelela izindinganiso ezinjalo?
UNkulunkulu Uyabonelela
UNkulunkulu ulindele ngokufanelekile ukuba abantu bafinyelele izindinganiso zakhe. Kodwa, ngobuqotho, ingabe ukhona umuntu owenza ngokuvumelana ncamashí nalezi zindinganiso ngaso sonke isikhathi? Ngokusobala akekho, ngoba siye sazuza ukungapheleli njengefa kukhokho wethu u-Adamu. (Roma 5:12) Ngakho, sithambekele ekwenzeni amaphutha. Nokho lokhu akusenzi singakufanelekeli ukukhonza uNkulunkulu ngokwamukelekayo.
Ngokwesibonelo, cabangela izinkinga zokufunda ukushayela imoto. Kudingeka ukuqapha kwasikhathi sonke nesikhathi ukuze sishayele kahle size siphumelele ekuvivinyelweni ukushayela. Yiqiniso, kusuke kusadingeka sifunde ukushayela kahle ngisho nangemva kokuthola ilayisensi. Njengoba sizuza okuhlangenwe nakho, silola amakhono ethu. Kodwa abekho abashayeli abangawenzi amaphutha!
Ngokujabulisayo, uNkulunkulu uyasibonelela ngokushiyeka kwethu. Akayena ongacabangeli, afune ngenkani izinto esingakwazi ukuziveza, futhi akalokhu efunana namaphutha. Uyabuqonda ubuthakathaka bethu. Inkosi uDavide eyona ngokungathi sína, yavuma: “Akasiphathi njengokufanele izono zethu, akasivuzi njengokwamacala ethu.” Ngasiphi isizathu? “Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba unjalo umusa [kaNkulunkulu] phezu kwabamesabayo.” Ngisho nakuba uJehova azi ukuthi siyona, uzimisele ‘ukudedisela’ iziphambeko zethu kude “njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga.”—IHubo 103:10-14.
Ungadikibali
“Uma ngicindezelekile,” kuchaza umkhulekeli kaNkulunkulu oqotho, “ngezinye izikhathi ngiphetha ngokuthi angisoze ngaphumelela ukuphila ngezindinganiso zikaNkulunkulu. Kodwa lapho ngakha umbono oqonde ngokwengeziwe, ngiba nomuzwa wokuthi ngingakwazi ukuphila ngendlela uNkulunkulu afuna ngayo. Kodwa akulula!” Ungadikibali uma uzizwa ngalendlela. Awuyena owokuqala, futhi ngeke ube owokugcina ukuba ube nemicabango enjalo.
Umphostoli uPawulu ongumKristu wavuma ngobuqotho: “Lapho ngifisa ukwenza okuhle, kukhona okubi kimi. Ngiyajabula ngempela ngomthetho kaNkulunkulu ngokomuntu enginguye ngaphakathi, kodwa ngibona emalungwini ami omunye umthetho olwa nomthetho wengqondo yami futhi ongithumbela emthethweni wesono . . . Yeka mina muntu wosizi!” Kodwa akazange aphethe ngokuthi lokho uNkulunkulu ayekufuna kwakunzima kakhulu, ngoba wanezela: “Ubani oyongophula kulomzimba othola lokhukufa? Makabongwe uNkulunkulu ngoJesu Kristu iNkosi yethu! Ngakho-ke, ngengqondo yami mina ngokwami ngiyisigqila somthetho kaNkulunkulu, kodwa ngenyama yami ngiyisigqila somthetho wesono.” (Roma 7:21-25) Ngakho wazizwa ekwazi ukujabulisa uNkulunkulu nakuba ayeseyisoni.
UJehova, uMdali wethu onothando, uyasithethelela amaphutha nokushiyeka kwethu ngomhlatshelo wesihlengo weNdodana yakhe ethandekayo, uJesu. “Uma noma ubani esenza isono,” kubhala umphostoli uJohane, “sinomsizi kuBaba, uJesu Kristu, olungileyo. Futhi ungumhlatshelo oyisihlawulelo [osibekelayo] wezono zethu.” (1 Johane 2:1, 2) Umgoqo obekwa isono nosivimbela ukuba sifinyelele indinganiso kaNkulunkulu yobungane uyasuswa noma ubhidlizwe amandla omhlatshelo kaKristu. Ngaleyo ndlela ubudlelwano noNkulunkulu buyabuyiselwa.
Ukulamukela ngokuzithoba leli lungiselelo lothando kuletha intethelelo, ngoba uNkulunkulu uhlala ‘nonomoya ochotshoziweyo nothobekileyo.’ (Isaya 57:15) Singathembela kuYe ukuba avuselele umoya wethu. Uthembisa ‘ukuvusa odingayo othulini.’ Akusadingeki sihlale sicindezelekile lapho sihluleka ukulalela uNkulunkulu ngokuphelele. Kunalokho, singaqiniseka ngokuthi uNkulunkulu akalokothi ayishaye indiva imizamo esiyenzayo yokuphila ngezindinganiso zakhe.—IHubo 113:7; Heberu 6:10-12.
Ngisho noma kuwumshikashika, uyophawula ukuthi ujabula ngokwengeziwe lapho wenza okujabulisa uNkulunkulu. Ukuzinikela kuNkulunkulu kwenza ukuba wena nalabo abakuzungezile nikwazi ukukubekezelela kakhudlwana ukuphila. Cabangela nekusasa. Ukulwela ukufinyelela izindinganiso zikaNkulunkulu manje kunikeza ithemba lokuphila okuphakade ngaphansi kwezimo eziyipharadesi.—Isaya 48:17; Roma 6:23; 1 Thimothewu 4:8.
Abagibeli bezintaba abangomakad’ ebona bayaqaphela ukuthi uma sebefike esiqongweni, basuke besahambe ingxenye yohambo. Kusadingeka behle ngokuphepha. Ngokufanayo, labo abesaba uNkulunkulu kudingeka bafinyelele kokubili izindinganiso zikaNkulunkulu bese bekhuthazelela ukuphila ngazo.—Luka 21:19; Jakobe 1:4.
Thola induduzo ekwazini ukuthi izindinganiso zikaNkulunkulu azinzima kakhulu ukuba zingefinyeleleke. Uma ngezinye izikhathi uhluleka ukwenza ngokuvumelana nazo ncamashí, cela intethelelo kuye. Thembela ekusekeleni kwakhe kothando. (IHubo 86:5) Khona-ke, unoJehova neNdodana yakhe njengabaSizi bakho, ungazifinyelela izindinganiso zikaNkulunkulu futhi uzuze ukwamukelwa nguye.—IzAga 12:2.