Kuyosala Inkolo Eyodwa
AKE ucabange ukuthi bekuyoba njani ukuba bonke abantu emhlabeni bebemunye enkolweni eyodwa, bemunye ekukhulekelweni okumsulwa kukaNkulunkulu oyedwa weqiniso. Yeka ukuthi lokho bekungaba umthombo wobunye kangakanani! Bekungeke kusaba khona umbango ongokwenkolo, ingxabano, noma impi. Ingabe lokhu kumane kuyiphupho nje? Cha. Umbono kamphostoli uJohane wokubhujiswa kwesifebe, umbuso wezwe wenkolo yamanga, ubonisa ukuthi kuyosala uhlobo olulodwa lokukhulekela ngemva kokubhujiswa kwaso. Luphi?
Izwi uJohane alizwa livela ezulwini lisinikeza inkomba: “Phumani kulo, bantu bami, uma ningafuni ukuhlanganyela nalo ezonweni zalo, futhi ningafuni ukwamukela ingxenye yezinhlupho zalo.” (IsAmbulo 18:4) Kusobala ukuthi uNkulunkulu lapha ukhuluma nabantu bakhe. Phawula ukuthi akayali abantu bakhe ukuba bazihlanganise nalesi sifebe ngomzamo womhlaba wonke wokusisindisa ngokusisiza silungise ukuphila kwaso kube kuhle. Cha, alikho ikhambi laso. Ngakho-ke, ubayala ukuba baphume futhi bamele kude naso ukuze bagweme ukungcoliswa izono zaso ezinkulu futhi bagweme nokuthi ekugcineni bahlulelwe futhi babhujiswe naso.
Umyalo wasezulwini othi “phumani kulo” usiza nabantu abafuna iqiniso ngobuqotho ukuba babone abantu bakaNkulunkulu. Bangase bazibuze, ‘Ibaphi abantu emhlabeni namuhla abaye balalela lomyalo ngokwesula kunoma iyiphi inkolo, inhlangano, noma iqembu labakhulekeli elihlangene “neBabiloni Elikhulu”? (IsAmbulo 18:2) Ngakho ibaphi abantu emhlabeni namuhla abaye bazikhulula kuzo zonke izimfundiso zobuBabiloni, izivumo zokholo, imikhuba, namasiko?’ Kungaba obani abanye ngaphandle koFakazi BakaJehova? Phakathi koFakazi abangaphezu kwezigidi ezingu-5,2 emazweni angaphezu kwangu-230, bonke labo ababezihlanganise nohlobo oluthile lwenkolo yobuBabiloni, ngokuzalelwa kuyo noma ngokuguqukela kuyo, baye basula ngokuphelele kuyo—ngezinye izikhathi naphezu kokuvukelwa nokuphikiswa izihlobo, abangane, nabaholi benkolo.
Isibonelo salokhu uHenry, indoda yaseNingizimu Afrika, owayengumphathi wezimali esontweni lakhe futhi elishisekela kakhulu. Kodwa wayefuna iqiniso, khona-ke ngelinye ilanga wavuma ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala oFakazi BakaJehova. Ngokuhamba kwesikhathi, lapho enquma ukuba uFakazi, watshela umfundisi wakhe, owayengumakhelwane wakhe, ukuthi wayefuna ukusula esontweni.
Lomfundisi washaqeka futhi kamuva wathatha umphathi waleli sonto namanye amalungu alo bavakashela uHenry. Babuza ukuthi kungani eshiya isonto labo ukuze abe ilungu lesonto elingenawo umoya ongcwele kaNkulunkulu ngokombono wabo. “Ekuqaleni ngangesaba ukubaphendula,” kusho uHenry, “ngoba ngaso sonke isikhathi babenethonya elikhulu kimi. Kodwa ngacela usizo kuJehova ngomthandazo, futhi wangisiza ukuba ngizivikele ngokuthi: ‘Kuzo zonke izinkolo ezikhona emhlabeni, iyiphi okuwukuphela kwayo elisebenzisa njalo igama likaNkulunkulu, elithi Jehova? Akubona yini oFakazi BakaJehova? Nicabanga ukuthi uNkulunkulu ubengabavumela baphathe igama lakhe kodwa angabanikezi umoya wakhe ongcwele?’” Inkukhu yanqunywa umlomo ezikhulwini zesonto, futhi manje uHenry ungomunye woFakazi BakaJehova.
Ngakho lapho izwi elivela ezulwini liyala: “Phumani kulo,” ikhona enye indawo okungayiwa kuyo. (IsAmbulo 18:4) Kukhona abantu, abakhulekeli bakaNkulunkulu weqiniso, uJehova, ongabalekela kubo. Izigidi ziye zabalekela kubo. Njengoba baziwa ngokuthi oFakazi BakaJehova, bakha ubuzalwane bobuKristu bomhlaba wonke, obuhlelwe emabandleni angaphezu kuka-78 600, futhi manje banda kakhulu kunanini emlandweni wabo. Baye babhapathiza abantu abangaphezu kuka-1200 000 kuleminyaka emine edlule! Ngaphambi kokubhapathizwa, bonke base beqede isifundo seBhayibheli esakhayo ngokomoya, esabasiza benza isinqumo somuntu siqu esinengqondo sokusula kunoma iyiphi enye inkolo ababezihlanganise nayo ngaphambili.—Zefaniya 2:2, 3.
Uma ungakaze uye emhlanganweni woFakazi BakaJehova kwelinye lamaHholo abo OMbuso, kungani ungayi kuleli sonto? Ungase uhlatshwe umxhwele yilokho oyokubona noyokuzwa. Futhi uma ufuna ukuqonda iBhayibheli, kungani ungaceli omunye woFakazi BakaJehova ukuba alifunde nawe, njengoba kuye kwenza izigidi zabanye? Uma uthandazela ukuliqonda ngempela iZwi likaNkulunkulu kanye nendlela yokuphila evumelana nalelo liZwi, uyophendulwa umthandazo wakho.
[Izithombe ekhasini 9]
Izigidi ziphendukela ekukhulekeleni uJehova uNkulunkulu