Umngane Wethu Omkhulu Usendaweni Yomoya
IBHAYIBHELI lisinikeza ukwaziswa okucacile ngalabo abahlala endaweni yomoya. UJehova uNkulunkulu uphakeme ezulwini. UJesu Kristu ulandela uJehova ngamandla nangegunya. Izingelosi ezithembekile kuNkulunkulu umsebenzi wazo owokukhonza uNkulunkulu nabantu bakhe emhlabeni. USathane namademoni akhe bamelana noNkulunkulu futhi badukise isintu. Abafileyo balele ekufeni kuze kube yilapho uNkulunkulu ebavusa.
Amademoni Afuna Ukukhulekela Kwethu
Njengoba abafileyo bengaphili, akukho okungazuzwa ngokubakhulekela. Ukwenzela abafileyo imihlatshelo kumane nje kusakaze amanga kaSathane namademoni.
Ingabe izingelosi zikaNkulunkulu ziyakulangazelela ukukhulekela kwethu? Lutho neze! Izingelosi ezithembekile zidumisa uNkulunkulu futhi zikhuthaze isintu ukuba senze okufanayo. Umphostoli uJohane wazama kabili ukukhulekela izingelosi, kodwa zamkhuza, zithi: “Qaphela! Ungakwenzi lokho! . . . Khulekela uNkulunkulu.”—IsAmbulo 19:10; 22:8, 9.
USathane namademoni akhe, ngokungafani nezingelosi ezithembekile, bafuna kokubili ukukhulekelwa nokudunyiswa. Lokhu kwabonakala lapho uSathane elinga uJesu esengumuntu emhlabeni. IBhayibheli liyalandisa: “UDeveli waphinde wamthatha [uJesu] waya naye entabeni ephakeme ngokungajwayelekile, wambonisa yonke imibuso yezwe nenkazimulo yayo, futhi wathi kuye: ‘Zonke lezizinto ngizokunika zona uma uwa phansi futhi wenze isenzo sokukhulekela kimi.’”—Mathewu 4:8, 9.
UJesu waphendula: “Hamba, Sathane! Ngoba kulotshiwe ukuthi, ‘NguJehova uNkulunkulu wakho okumelwe umkhulekele.’” (Mathewu 4:10) UJesu wayewazi uMthetho kaJehova, futhi wenqaba ukuwuphula.—Duteronomi 6:13.
Nakuba uSathane engazange akwazi ukwenza uJesu amkhulekele, uye waphumelela kwabanye. Yiqiniso, bambalwa abantu abakhulekela uSathane ngamabomu. Nakuba kunjalo, ngokuphamba, ukukhohlisa, amanga nokwesaba, uSathane namademoni baye badedisela kude abantu abaningi ekukhulekelweni kweqiniso kukaJehova kangangokuba umphostoli uJohane wabhala: “Lonke izwe lisemandleni omubi.” (1 Johane 5:19) Labo abakhulekela ngezindlela eziphikisana neZwi likaNkulunkulu badumisa uSathane, hhayi uJehova. IBhayibheli liyaxwayisa: “Izinto izizwe ezizenza umhlatshelo zizenza umhlatshelo emademonini, hhayi kuNkulunkulu.”—1 Korinte 10:20.
Ukukhulekela KungokukaJehova
Ukukhulekela kwethu kufanele kuqondiswe kuNkulunkulu kuphela. UJehova watshela uMose: “Ungabi-nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami. Ungazenzeli izithombe ezibaziweyo, namfanekiso wokusezulwini ngaphezulu, nowokusemhlabeni phansi, nowokusemanzini phansi komhlaba; ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina-Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu.”—Eksodusi 20:3-5.
Nakuba uJehova esabeka ngobukhulu, uyangeneka. Umfundi uJakobe wabhala: “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.” (Jakobe 4:8) Umphostoli uPawulu wathi: ‘[UNkulunkulu] akakude kulowo nalowo kithi.’ (IzEnzo 17:27) Futhi umphostoli uJohane wabhala: “Yilokhu ukuqiniseka esinakho kuye [uJehova], ukuthi, kungakhathaliseki ukuthi yini esiyicelayo ngokwentando yakhe, uyasizwa. Futhi, uma sazi ukuthi uyasizwa ngokuqondene nanoma yini esiyicelayo, siyazi ukuthi sizozithola lezizinto eziceliwe njengoba sizicele kuye.”—1 Johane 5:14, 15.
Phawula ukuthi uJohane wabhala ukuthi uJehova uyosinikeza esikucelayo uma sicela “ngokwentando yakhe.” Ukuze sazi ukuthi iyini intando kaNkulunkulu, kufanele sifunde lokho iBhayibheli elikushoyo. OFakazi BakaJehova bayokujabulela ukukusiza ukuba uqonde iBhayibheli.
Njengoba ufunda okwengeziwe ngoJehova, uyozuza ulwazi olwengeziwe ngalabo abahlala endaweni yomoya. Lolu lwazi luletha inkululeko ekukholelweni ezeni, ezinkolelweni, nasemasikweni uSathane awasebenzisayo ukuze agcine abantu besaba futhi besebugqilini. Ngolwazi olunembile lukaNkulunkulu, uyofunda ukuthembela kuye ukuba akusize ugweme noma unqobe izinkinga zokuphila kwansuku zonke. Ungaba umngane kaNkulunkulu. Futhi uNkulunkulu uyozibonakalisa ‘eyisiphephelo sakho namandla akho, afunyaniswe elusizo impela ekuhluphekeni.’—IHubo 46:1.
Imimoya Emibi Izoqedwa
Ungakungabazi ukuthi imimoya emihle iyoyinqoba emibi. Impi isilwiwe kakade endaweni yomoya eye yahlanza amazulu ngokukhipha uSathane nabangane bakhe ababi. Incwadi yesAmbulo ithi: “Kwagqashuka impi ezulwini: UMikayeli [uJesu Kristu ovusiwe] nezingelosi zakhe balwa nodrako, nodrako nezingelosi zakhe balwa kodwa akazange anqobe, futhi ababange besatholelwa ndawo ezulwini. Ngakho wajikijelwa phansi udrako omkhulu, inyoka yokuqala, lowo obizwa ngokuthi uDeveli noSathane, odukisa umhlaba wonke owakhiwe; wajikijelwa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zajikijelwa phansi kanye naye.”—IsAmbulo 12:7-9.
Waba yini umphumela waleyompi? Umbiko uyaqhubeka: “Ngenxa yalokhu thokozani, nina mazulu nani enihlala kuwo! Mayé ngomhlaba nangolwandle, ngoba uDeveli wehlele kini, enentukuthelo enkulu, azi ukuthi unenkathi yesikhathi emfushane.” (IsAmbulo 12:12) Labo abasezulwini babengajabula, ngoba uSathane namademoni akhe babengasenakuyidala inkathazo njengoba babengasekho. Nokho, ukukhishwa kwakhe ezulwini, kuye kwaletha omkhulu umaye, inkathazo enkulu, kulabo abasemhlabeni. Manje siphila kuleso sikhathi sikamaye.—2 Thimothewu 3:1-5.
Ikusasa Elingenabo Ububi
Nokho, iBhayibheli linikeza nethemba. Lisiqinisekisa ukuthi uDeveli “unenkathi yesikhathi emfushane” ngaphambi kokuba abhujiswe. Lapho lokho kwenzeka, uJehova uyoletha izibusiso ezimangalisayo kubo bonke emhlabeni abafuna ukuba nobungane naye. Cabanga ngezimbalwa zezithembiso zakhe ngekusasa:
“Kuyakuba-khona inala kakolweni ezweni esiqongweni sezintaba.”—IHubo 72:16.
“Nomsebenzi wezandla zabakhethiweyo bami uyakugugela kubo. Abayikushikashikela ize.”—Isaya 65:22, 23.
“Abakhé khona abayikusho ukuthi: Ngiyagula.”—Isaya 33:24.
“Khona amehlo ezimpumputhe ayakuvulwa, zivuleke nezindlebe zezithulu. Khona unyonga luyakutshekula njengendluzele, nolimi lwesimungulu luyakuhuba.”—Isaya 35:5, 6.
“Futhi [uNkulunkulu] uyosula zonke izinyembezi emehlweni aso, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.”—IsAmbulo 21:4.
“Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo.”—IHubo 37:29.
UJehova kuphela, uNkulunkulu weqiniso, ongagcwalisa lezi zithembiso ezinhle kangaka. Akukho okuyomvimbela ukuba afeze injongo yakhe. “KuNkulunkulu akukho simemezelo esiyoba into engenakwenzeka.”—Luka 1:37.
[Izithombe ekhasini 9]
Lapho nje usungumngane kaNkulunkulu, uyokusiza ukuba ubhekane nezinkinga zokuphila