Ihlosi! Ihlosi!
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ENDIYA
‘NGAKE ngahamba eweni eliwumngcingo,’ kukhumbula uDkt. Charles McDougal, oye wachitha iminyaka eminingi efunda ngehlosi eRoyal Chitwan National Park eNepal. ‘Njengoba ngangihamba, kwaqhamuka ihlosi phambi kwami. Sahlangana esiqongweni, futhi sasihlukaniswe ibanga elincane—cishe amagxathu angu-15.’ UDkt. McDougal wama wangathi nyaka. Kunokuba agqolozele ihlosi emehlweni, lokho ihlosi elikubheka njengenselele, weqisa amehlo phezu kwamahlombe. Ihlosi lalilokhu ligobile kodwa langahlasela. Ngemva kwemizuzu eminingi, uDkt. McDougal wahlehla ngamagxathu ambalwa. Uthi: ‘Ngemva kwalokho ngavele ngaphenduka ngaphindela lapho ngangivela khona.’
Ekuqaleni kwaleli khulu leminyaka, kwakunamahlosi angu-100 000 ezweni lawo lemvelo i-Asia, kuhlanganise nangaba ngu-40 000 eNdiya. Kodwa ngo-1973 inani lomhlaba wonke lalezi zidalwa ezinhle kakhulu lase linciphe laba ngaphansi kuka-4000, ikakhulukazi ngenxa yokuzingelwa. Ihlosi, ikati elikhulu kunawo wonke emhlabeni, laba sengozini yokushabalala ngenxa yomuntu. Kodwa ingabe ihlosi liwusongo kubantu? Linjani ngempela leli kati elikhulu? Ingabe imizamo yokulisindisa ukuba lingashabalali iye yaphumelela?
Ukuphila Komkhaya Wehlosi
Iminyaka eminingi yokuqaphelisisa ngesineke iye yanikeza izazi zemvelo umbono ocace kakhudlwana ngokuphila kwehlosi. Ake sithi sibukela umkhaya wehlosi ovamile emahlathini amahle aseRanthambhore, enyakatho yelaseNdiya. Eleduna licishe libe amamitha amathathu ubude ukusuka ekhaleni kuya ekupheleni komsila futhi linesisindo samakhilogremu angaba ngu-200. Elensikazi licishe libe amamitha angu-2,7 ubude futhi linesisindo esingamakhilogremu angaba ngu-140.a Kunamawundlu amathathu, elilodwa eleduna amabili awezinsikazi.
Izinga lokushisa kulamahlathi lingadlulela ngalé kuka-45°C., kodwa umkhaya wehlosi uthola umthunzi ngaphansi kwezihlahla ezinamaqabunga amakhulu. Futhi noma nini ungajabulela ukubhukuda emanzini apholile echibi eliseduze. Amakati abhukudayo? Yebo, amahlosi aweve ewathanda amanzi! Empeleni, kwaziwa ukuthi angabhukuda amakhilomitha angaphezu kwamahlanu engaphumuli.
Ukukhanya kwelanga kudlula ezihlahleni kuhlabe emajazini amahlosi asawolintshi acwazimulayo, kuwenze kube sengathi akhipha ukukhanya. Imigqa emnyama iyabenyezela, amabala amhlophe angenhla kwamehlo awo aphuzi akhanya ngendlela exhophayo. Ngemva kokubuka amawundlu amathathu isikhashana, kuba lula ngathi ukuwahlukanisa ngemigqa yawo engafani namabala asebusweni.
Ukukhula Kwehlosi
Lapho umama oyihlosi ekhulelwe amawundlu akhe, wafuna umphandu okahle, osithwe izitshalo eziminyene. Ulapho, umkhaya manje ujabulela ukubuka phansi ethafeni elinomthombo wamanzi oheha ezinye izilwane. Ihlosi lensikazi lakhetha lendawo ukuze likwazi ukuzingela ukudla ngaphandle kokuqhela emawundlwini alo.
Kusukela ezalwa, lamawundlu ayenakekelwa kakhulu. Ngaso sonke isikhathi eseyizinsana unina wayewawotawota ngezidladla zakhe, awadlalise ngekhala, awakhothe, njengoba ewanyenyezela. Lapho amawundlu ekhula, aqala ukudlala umacashelana futhi enze sengathi ayalwa. Nakuba amawundlu ehlosi engahoni njengekati, kusukela enonyaka cishe owodwa ubudala, akhipha umoya kakhulu abange umsindo lapho unina efika kade engekho.
Amawundlu ayakuthanda ukubhukuda nokudlala emanzini kanye nonina. Ake ubuke ngeso lengqondo ihlosi lensikazi lihleli osebeni lwechibi umsila walo usemanzini. Lilokhu nje likhiphela umsila walo ngaphandle ukuze lithele umzimba walo oshisayo ngamanzi apholile. Uma sikhuluma ngemisila, amawundlu awakhathali ukuzama ukubamba umsila kanina njengoba elokhu ewuyisa ngapha nangapha. Ngokwenza lokhu, ihlosi lensikazi alidlali nje namawundlu alo kuphela; liwafundisa nekhono lokugxumela into ayibhozomele, azolisebenzisa kamuva, lapho eqala ukuzingela. Amawundlu ayakuthanda nokugibela ezihlahleni. Kodwa lapho esenezinyanga ezingaba ngu-15 ubudala, asuke esemakhulu futhi esinda kakhulu ukuba angagibela kuzo kalula.
Indima Kababa
Kuze kube muva nje, abaningi bebekholelwa ukuthi ihlosi elingumama likhulisa amawundlu alo lilodwa nokuthi eleduna lingawabulala amawundlu uma lithola ithuba. Nokho, akunjalo ngamahlosi amaningi. Ihlosi elingubaba linyamalalela ehlathini isikhathi eside, lihambahamba endaweni yalo engamakhilomitha-skwele angaphezu kuka-50. Kodwa liyawuvakashela umkhaya walo. Lapho livakashile, lingase lihlanganyele nelensikazi namawundlu ekuzingeleni, lize lidle nawo lokho okubanjiwe. Iwundlu leduna elinochuku lingase lidle kuqala. Nokho, uma ngobugovu livimbela odadewabo isikhathi eside, unina uyaligqula noma alimbibize nokulimbibiza ngesidladla ukuze amawundlu ayizinsikazi athole ingxenye yawo yokudla.
Amawundlu ayakujabulela ukudlala noyise oyisidlakela. Indawo ethandwa kakhulu yokudlalela kusemthonjeni wamanzi oseduze. Ihlosi elingubaba lihlehlela emanzini lingene kuwo aze agamanxe emahlombe. (Amahlosi awathandi ukuba amanzi angene emehlweni!) Libe selivumela amawundlu alo alidlalise ngamakhala njengoba lona liwakhotha ebusweni. Kusobala ukuthi kunesibopho esiqinile somkhaya.
Ayabadla Abantu?
Izincwadi namafilimu ngokuvamile kuveza amahlosi njengezidalwa ezinonya, ezinochuku, ezinyonyobela abantu futhi zibahlasele, bese ziyabanikiza, zibadle. Akulona neze iqiniso lelo. Akuwona wonke amahlosi adla abantu. Ngokuvamile, uma ihlosi libona umuntu ehlathini, likhetha ukumane linyonyobe lihambe. Kuyathakazelisa ukuthi kubonakala sengathi akuthi diki emahlosini lapho ezwa iphunga lomuntu.
Noma kunjalo, ngaphansi kwezimo ezithile ihlosi elilambile lingaba ingozi ngempela. Uma likhunyukelwa amazinyo ngenxa yobudala noma lilinyazwe abantu, lingase lingakwazi ukuzingela ngendlela evamile. Ngokufanayo, uma indawo yabantu iphazamisa indawo yamahlosi, amahlosi angase akuthole kanzima ukudla kwawo okungokwemvelo. Ngezizathu ezinjengalezi, abantu abangaba ngu-50 ngonyaka babulawa amahlosi eNdiya, nakuba leli nani lingaphansi ngokuphindwe izikhathi eziyikhulu kwelababulawa izinyoka. Ukuhlaselwa ihlosi ngokuyinhloko kwenzeka emaxhaphozini asendaweni lapho umfula iGanges ungenela khona olwandle.
NgokukaDkt. McDougal, amahlosi awayona ingozi ngendlela abantu abaningi abacabanga ngayo. Nakuba ukuthusa ihlosi liseduze kungalenza lihlasele, uthi, “ihlosi liyisilwane esizothile, esizithibayo, nesizibambayo. Ngokuvamile, uma unqwamana nehlosi—ngisho noma liseduze—ngeke lihlasele.”
Phakathi kwamahlosi kuyaqabukela kube nokusukelana. Ngokwesibonelo, ihlosi elincane lingase lizulele endaweni yelinye ihlosi bese lizithela kweleduna elihlala lapho. Kulandela ukugwavuma okukhulu, ukubhonga okusiphuzelisa izinwele, nokuhhahhamelana ngonya zisondelene ngamakhala. Kodwa lapho eleduna elidala libonisa ukuthi ilona elingumakhonya, ngokuvamile elincane lilala ngomhlane izidladla zalo zibe semoyeni likhombisa ukuthi liyazithoba, bese kuyaphela njalo ukuxabana.
Ikusasa Lekati Elikhulu
Esikhundleni sokusongelwa ihlosi, umuntu uye waba ukuphela kosongo ihlosi elibhekene nalo. Okwamanje, kwenziwa imizamo yokusindisa ihlosi ukuba lingashabalali. Amazwe amaningana ase-Asia aye akha izindawo zokulondoloza amahlosi. Ngo-1973, kwaqalwa umsebenzi okhethekile obizwa ngokuthi iProject Tiger eCorbett National Park, enyakatho yelaseNdiya. Izimali namathuluzi eProject Tiger zatheleka zivela emhlabeni wonke. Ekugcineni, kwamiswa izindawo ezingu-18 zokulondoloza amahlosi eNdiya, ezivuleke ngamakhilomitha-skwele angaphezu kuka-28000 sezizonke. Ngo-1978, amahlosi afakwa ohlwini lwezilwane ezisengozini yokushabalala. Kwaba nemiphumela emangalisayo! Ngaphambi kokuba kuvalwe ukuzingelwa kwamahlosi, amahlosi ayengasabonakali futhi esephuma ebusuku ngenxa yokwesaba umuntu. Kodwa ngemva kweminyaka ethile evikelwe, amahlosi aqala ukuhambahamba ezindaweni alondolozwe kuzo nokuzingela emini kabhá!
Nakuba kunjalo, ihlosi lisaqhubeka lisongelwa: ukufunwa emhlabeni wonke kwemithi yesintu yase-Asia eyenziwa ngezitho ezithile zomzimba wehlosi. Ngokwesibonelo, isaka lamathambo ehlosi, lingangenisa imali engaphezu kuka-R2000 eNdiya; futhi lapho amathambo eselungisiwe futhi afika ezimakethe eziseMpumalanga Ekude, imali isuke isingalé kuka-R100 000. Njengoba kunemali engaka engatholakala, abantu abampofu abahlala emaphandleni balingeka ukuba babambisane nabazingeli abangekho emthethweni ekuphambeni onogada bamahlathi. Ekuqaleni kwacatshangwa ukuthi imizamo yokusindisa ihlosi iyaphumelela. Kodwa kusukela ngo-1988, isimo siye saba sibi kakhulu. Namuhla, cishe angu-27 kuphela amahlosi azulazula eRanthambhore, uma kuqhathaniswa nangu-40 ayelapho eminyakeni engu-20 edlule. Futhi emhlabeni wonke umhlambi wamahlosi ungaba ngu-5000 kuphela!
Kuze kube sekupheleni kwekhulu leminyaka elidlule, amahlosi ayehlalisene ngokuzwana okusesilinganisweni nabantu eNdiya. Ingabe ayoke aphinde akwazi ukwenze njalo? Okwamanje, ukumemeza ngenjabulo uthi “Ihlosi! Ihlosi!” kusengasho ukubona ikati elikhulu kunawo wonke emhlabeni. Ukuthi izinhlelo zokulondoloza ziyoqikelela yini ukuthi ihlosi liyaphepha esikhathini esizayo kusazobonakala. Kodwa iBhayibheli lisiqinisekisa ngokuthi ngolunye usuku wonke umhlaba uyoba ipharadesi njengeNsimu yase-Edene. Khona-ke umuntu nezidalwa zasendle njengehlosi kuyohlala ndawonye emhlabeni ngokuthula.—Isaya 11:6-9.
[Umbhalo waphansi]
a Amahlosi aseSiberia, okuwuhlobo olukhulu kunawo wonke, angase abe nesisindo samakhilogremu angaphezu kuka-320 futhi abe ngamamitha amane ubude.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 17]
Ihlosi Elimhlophe
Igugu lesizwe eNdiya, ihlosi elimhlophe elingavamile liwumphumela wofuzo olunesici. Ngo-1951 iwundlu elimhlophe leduna labanjwa eRewa Forest yaseNdiya. Lakhweliswa ihlosi lensikazi elinemibala evamile, kwavela abantwana abavamile. Kodwa lapho insikazi ekulabantwana izaliswa ngeduna elimhlophe, yazala amawundlu amane amhlophe. Ukuzalanisa ngokucophelela kwenze kwaba nokwenzeka ngabantu ezindaweni eziningi ukuba babone lobu buhle obungavamile ema-zoo abo.
[Isithombe ekhasini 16]
Amakati abhukudayo? Yebo!
[Isithombe ekhasini 17]
Amahlosi awayona ingozi ngendlela abantu abaningi abacabanga ngayo