Iyiphi Inkolo Evunyelwe Unkulunkulu?
NGESHWA, inzondo engokwenkolo yekhulu le-16 eFrance ayizange iphele. Ekhulwini leminyaka elalandela, ubandlululo olujulile lwahlukanisa iYurophu, njengoba amaKatolika namaProthestani aphinda alwa phakathi neMpi Yeminyaka Engamashumi Amathathu (1618-48). Egameni likaNkulunkulu, amaKristu okuzisholo avuselela ukubulalana kwawo okunesihluku.
Inzondo engokwenkolo nokubulalana akukapheli. Muva nje amaKatolika namaProthestani aye abulalana e-Ireland, futhi amalungu enkolo yobu-Orthodox namaRoma Katolika aye enza okufanayo ezweni elaliyiYugoslavia. Nakuba kungase kubonakale kungakholeki, phakathi neMpi Yezwe I neye-II, kokubili amaKatolika namaProthestani abulala amakhulu ezinkulungwane zamalungu ezinkolo zawo ezinkundleni zempi. Ingabe kungathethelelwa lokhu kubulala? Uyini umbono kaNkulunkulu?
Imizamo Yokukuthethelela
I-1995 Britannica Book of the Year ithi: “Kwenziwa imizamo eminingana yokuthethelela ubudlova ngezimfundiso ezingokwenkolo ngo-1994.” Eminyakeni engaphezu kwengu-1500 edlule, umzamo ofanayo wokuthethelela ukubulala wenziwa isazi sefilosofi esingumKatolika “uSanta” Augustine. Ngokwe-New Catholic Encyclopedia, “wayengumsunguli wenkolelo-mbono yempi elungile,” futhi le-encyclopedia iphawula ukuthi ukucabanga kwakhe ‘kunethonya ngisho nasezikhathini zanamuhla.’
Amasonto amaKatolika, obu-Orthodox nawamaProthestani aye akuthethelela, futhi akukhuthaza ngisho nokukukhuthaza ukubulala egameni likaNkulunkulu. Nakuba umlando walezi zinkolo ugcwele ukuchitha igazi, unjalo nowezinye izinkolo eziningi ezinkulu emhlabeni wonke. Khona-ke, ungababona kanjani abantu abaqhuba ukukhulekela kweqiniso?
Akunakuba ngokumane ulalele lokho abathi bayakukholelwa. Ngokuqondene nalendaba, uJesu Kristu waxwayisa: “Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bezifihle ngokungathi bayizimvu kodwa ngaphansi beyizimpisi eziphangayo. Niyokwazi ukubabona ngezithelo zabo. . . . Umuthi omuhle uthela izithelo ezinhle kodwa umuthi obolile izithelo ezimbi. . . . Noma yimuphi umuthi ongatheli izithelo ezinhle uyanqunywa uphonswe emlilweni.” (Omalukeke sizenzele.)—Mathewu 7:15-20, The New Jerusalem Bible.
Baziwa Ngezithelo Zabo
Izigidi zabantu abaqotho ziyaqaphela ukuthi izinkolo zalelizwe ‘ziyimithi ebolile’ eye yathela “izithelo ezimbi,” ikakhulukazi ngokushoshozela izimpi ezichitha igazi. EBhayibhelini umbuso wezwe wenkolo yamanga uchazwa njengesifebe esingokomoya esibizwa ngokuthi “iBabiloni Elikhulu.” IBhayibheli lithi “kwatholakala kulo igazi labaprofethi nelabangcwele nelabo bonke abaye babulawa emhlabeni.”—IsAmbulo 17:3-6; 18:24.
Ngakho, kunokuba avumele izimpi eziye zabusiswa abaholi benkolo, uNkulunkulu ngokushesha uzokhipha isahlulelo kulezo zinkolo eziye zabulala egameni lakhe. Uyokwenza lokhu ekugcwalisekeni kwesiprofetho seBhayibheli esithi: “IBabiloni umuzi omkhulu liyojikijelwa phansi ngomjikijelo osheshayo, futhi alisoze laphinde litholakale.” Lapho leso senzakalo esijabulisayo senzeka, uNkulunkulu uyobe ‘esesikhiphile isahlulelo phezu kwesifebe esikhulu’ futhi ‘eseliphindisele igazi lezigqila zakhe esandleni saso.’—IsAmbulo 18:21; 19:2.
Abantu abanengwa yikho konke lokhu kubulalana okuye kwaqhubeka kwenzeka egameni likaNkulunkulu bangase bazibuze ukuthi akhona yini amaKristu empeleni aphila ngokuvumelana nalesi siprofetho seBhayibheli: “Bayakukhanda izinkemba zabo zibe-ngamakhuba, nemikhonto yabo ibe-ngocelemba; isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa.” (Isaya 2:4) Ingabe uyabazi abantu abesaba uNkulunkulu ngempela abaye balahla impi?
Inkolo Evunyelwe UNkulunkulu
Ukuhlola okuphathelene nokuhlalisana kwabantu okunesihloko esithi “Okwengeziwe Ngokuthethelelwa Kobudlova,” okwanyatheliswa i-University of Michigan, kwathi: “Kusukela ekuqaleni kwaleli khulu leminyaka, oFakazi BakaJehova baye balondoloza ngokungaguquguquki ukuma kwabo ‘Kokungathathi-hlangothi KobuKristu’ okungenabudlova ezimpini ezimbili ezinkulu zezwe nasenkathini yezingxabano ‘zeMpi Yomshoshaphansi’ eyalandela.” Kuchaza isizathu esenza oFakazi bangathathi hlangothi, lokhu kuhlola kwathi: “Izimfundiso zoFakazi BakaJehova zisekelwe ekukholelweni kwabo ukuthi iBhayibheli liyizwi eliphefumulelwe likaNkulunkulu.”
Yebo, oFakazi BakaJehova baphila ngeBhayibheli, elifundisa ukuthi: “Abantwana bakaNkulunkulu nabantwana bakaDeveli babonakala ngaleliqiniso: Wonke umuntu ongaqhubeki enza ukulunga akasuki kuNkulunkulu nalowo ongamthandi umfowabo. . . . Kufanele sibe nothando ngomunye nomunye; singafani noKayini, . . . [o]wabulala umfowabo.”—1 Johane 3:10-12.
Ngokuvamile oFakazi BakaJehova baye badonsela ukunakekela kwabantu ecaleni legazi lezinkolo zezwe. Futhi baye bananela ukunxusa kweBhayibheli okuphuthumayo: “Phumani kulo [iBabiloni Elikhulu], bantu bami, uma ningafuni ukuhlanganyela nalo ezonweni zalo, futhi ningafuni ukwamukela ingxenye yezinhlupho zalo. Ngoba izono zalo ziye zanqwabelana zaze zafika phezulu ezulwini, noNkulunkulu wakhumbula izenzo zalo zokungabi nabulungisa.”—IsAmbulo 18:4, 5.
Abantu abaqotho abaningi balalela ubizo lokushiya umbuso wezwe wenkolo yamanga. Uma kukushaqisa konke ukubulala okuye kwenziwa egameni lenkolo, sikumema ukuba ubonane nomuntu okunikeze lomagazini noma ubhalele kwelinye lamakheli asekhasini 5. OFakazi BakaJehova bayokujabulela ukukusiza ufunde ngesithembiso seBhayibheli sezwe elisha lokulunga, lapho impi iyobe ingasekho khona.—IHubo 46:8, 9; 2 Petru 3:13.
[Isithombe ekhasini 10]
“Bavuma obala ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kodwa bayamphika ngemisebenzi yabo.” Thithu 1:16