Umbono WeBhayibheli
Ingabe IBhayibheli Limelene Nemfundo?
“Abantu abayiziwula kuphela abeya imfundo.”—Publilius Syrus, Moral Sayings, ngekhulu lokuqala B.C.E.
IBHAYIBHELI lisikhuthaza ukuba ‘sigcine ukuhlakanipha namasu.’ (IzAga 3:21) UJehova, uNkulunkulu wolwazi, ufuna ukuba abakhulekeli bakhe babe abafundisiwe. (1 Samuweli 2:3; IzAga 1:5, 22) Nokho, amanye amagama aseBhayibhelini angase aphakamise imibuzo. Ngokwesibonelo, lapho ebhekisela ezintweni ayeke waziphishekela, kuhlanganise nemfundo yakhe ephakeme, umphostoli uPawulu wabhala: “Konke ngikubheka njengezibi nje.” (Filipi 3:3-8, Today’s English Version) Kwenye incwadi ephefumulelwe, wathi: “Ukuhlakanipha kwalelizwe kuwubuwula kuNkulunkulu.”—1 Korinte 3:19.
Khona-ke, ingabe iBhayibheli limelene nemfundo? UmKristu kufanele ayiphishekele ngezinga elingakanani imfundo yezwe? Ingabe isilinganiso semfundo efunwa umthetho sanele, noma ingabe kufanele umuntu aphishekele imfundo eyengeziwe?
Imfundo Ekhulwini Lokuqala
AmaKristu ekhulu lokuqala ayenezizinda zemfundo ezihlukahlukene. Amadoda athile avelele ayebheka abaphostoli baseGalile uPetru noJohane ‘njengabangafundile nabavamile.’ (IzEnzo 4:5, 6, 13) Ingabe lokhu kwakusho ukuthi lawo madoda amabili ayengafundile? Cha. Kwakumane nje kusho ukuthi imfundo yawo yayingeyona eyasezikoleni zamaHeberu zemfundo ephakeme eJerusalema. Imibhalo yalaba basekeli ababili bobuKristu abanesibindi kamuva yafakazela iqiniso lokuthi babengamadoda afundile, ahlakaniphile, akwazi ukuchaza imiBhalo ejulile ngendlela ecacile. Imfundo yawo yayihlanganisa nokuqeqeshwa okuwusizo ekunakekeleni izidingo zemikhaya yawo ezingokwenyama. Ayebambisene ebhizinisini lokudoba ngokusobala elalingenisa imali eningi.—Marku 1:16-21; Luka 5:7, 10.
Ngakolunye uhlangothi, uLuka, umfundi owabhala elinye lamaVangeli kanye nencwadi yezEnzo, wathola imfundo ethé xaxa. Wayengudokotela. (Kolose 4:14) Ulwazi lwakhe lwezokwelapha lwenza imibhalo yakhe ephefumulelwe ivelele.—Bheka uLuka 4:38; 5:12; IzEnzo 28:8.
Ngaphambi kokuba abe ngumKristu, umphostoli uPawulu wayefundiswe ngomthetho wamaJuda, ngaphansi kokunakekela kwesinye sezazi ezihlakaniphile zangaleso sikhathi, uGamaliyeli. (IzEnzo 22:3) Imfundo kaPawulu ingafaniswa nemfundo yaseyunivesithi namuhla. Ngaphezu kwalokho, emphakathini wamaJuda kwakubhekwa njengento enhle ukuba intsha ifunde umsebenzi wezandla, ngisho nalapho yayizophishekela imfundo ephakeme eminyakeni yakamuva. Ngokusobala uPawulu waqeqeshwa njengomthungi wamatende lapho eseyinsizwa. Amakhono anjalo amenza wakwazi ukuzisekela enkonzweni yakhe yesikhathi esigcwele.
Noma kunjalo, uPawulu waqaphela ukuthi uma kuqhathaniswa nokubaluleka okukhulu kolwazi ngoNkulunkulu, imfundo yezwe—nakuba idingeka—ilinganiselwe. Ngenxa yalokho, iBhayibheli ligcizelela ukubaluleka kokungenisa ulwazi ngoNkulunkulu nangoKristu. AmaKristu namuhla enza kahle lapho ethatha lo mbono olinganiselayo ngemfundo yezwe.—IzAga 2:1-5; Johane 17:3; Kolose 2:3.
Ukuhlaziya Indaba Ngokucophelela
Amanye amaKristu aye athola ukuthi ukuphishekela imfundo eyengeziwe, ngezifundo zezincwadi noma zemisebenzi yezandla, kuye kwawasiza akwazi ukunakekela izidingo zemikhaya yawo zezinto ezibonakalayo. Ukunakekela umkhaya wakho kufanelekile, ngoba ‘ukondla komuntu abendlu yakhe’ kuwumsebenzi ongcwele. (1 Thimothewu 5:8) Ukuzuza amakhono adingekayo ekwenzeni lokhu kuwukuhlakanipha okuwusizo.
Nokho, labo ababona kunesidingo sokuthola imfundo engaphezu kweyisisekelo ukuze bahlangabezane nalo mgomo kufanele bahlaziye izinzuzo nezingozi. Izinzuzo zingahlanganisa ukuba okuhlomele ukuthola umsebenzi owenza umuntu akwazi ukuzondla yena nomkhaya ngokufanele kuyilapho ephishekela inkonzo yobuKristu ngentshiseko. Ngaphezu kwalokho, angase akwazi ukusiza abanye ngezinto ezibonakalayo, ‘abe nokuthile kokukwabela othile oswele.’—Efesu 4:28.
Yiziphi ezinye zezingozi ezingase zivele? Zingahlanganisa ukuchayeka ezimfundisweni eziwohloza ukholo kuNkulunkulu naseBhayibhelini. UPawulu wayala amaKristu ukuba aqaphele “okubizwa ngokungeyikho ngokuthi ‘ulwazi’” kanye ‘nefilosofi nenkohliso eyize ngokwesiko labantu.’ (1 Thimothewu 6:20, 21; Kolose 2:8) Ngokungangabazeki, ukuchayeka kwezinye izinhlobo zemfundo kungalimaza ukholo lomKristu. Labo abacabangela ukuqeqeshwa noma izifundo ezengeziwe kufanele baqaphele ingozi yamathonya anjalo alimazayo.
UMose, ‘owafundiswa kukho konke ukuhlakanipha kwamaGibithe,’ walondoloza ukholo oluqinile naphezu kokuthola imfundo ngokungangabazeki eyayihlanganisa izimfundiso zokukhulekela onkulunkulu abaningi, ezihlambalaza uNkulunkulu. (IzEnzo 7:22) Ngokufanayo, amaKristu namuhla ayaqaphela ukuba angawamukeli amathonya amabi kunoma isiphi isimo azithola ekuso.
Okunye okungase kube yingozi ekuphishekeleni imfundo eyengeziwe ukuthi ulwazi luyakhukhumeza, noma lubangela ukuzidla. (1 Korinte 8:1) Abaningi bafuna ulwazi lwemfundo ngezisusa zobugovu, kanti ngisho nokuphishekela imfundo ngobuqotho kungabangela imizwa yokuzikhukhumeza nokuzigqaja. Izimo zengqondo ezinjalo azimthokozisi uNkulunkulu.—IzAga 8:13.
Ake ucabange ngabaFarisi. Amalungu aleli hlelo elivelele elingokwenkolo ayezigqaja ngemfundo yawo ephakeme nokulunga ayethi anakho. Ayewazi kahle amasiko amaningi orabi, futhi ayebabukela phansi abantu abavamile, ababengafundile, ebabheka njengabangenalwazi, abahlazisayo, ngisho nabaqalekisiwe. (Johane 7:49) Ngaphandle kwalokhu, ayethanda imali. (Luka 16:14) Isibonelo sawo sibonisa ukuthi lapho iphishekelwa ngezisusa ezingafanele, imfundo ingenza umuntu aqhoshe noma imenze umthandi wemali. Ngakho-ke, lapho ecabangela uhlobo lwemfundo angayiphishekela nokuthi ingakanani, umKristu uyokwenza kahle ngokuzibuza, ‘Ziyini izisusa zami?’
Indaba Yokuzikhethela Komuntu Siqu
Njengoba kwakunjalo ekhulwini lokuqala, amaKristu namuhla anezizinda zemfundo ezihlukahlukene. Iqondiswa abazali bayo, intsha ephothula izifundo zayo ezifunwa umthetho ingase ikhethe ukuphishekela imfundo yezwe eyengeziwe. Ngokufanayo, abantu abadala abafuna ukuthuthukisa indlela yokondla imikhaya yabo bangase babheke imfundo enjalo eyengeziwe njengendlela ebenza bawufinyelele lowo mgomo.a Ezinye izici zemfundo evamile zigcizelela ukuhlakanipha kunokuzuza amakhono obuchwepheshe noma emisebenzi yezandla. Ngakho, umuntu angase athole ukuthi ngisho nangemva kokuchitha isikhathi esiningi ethola imfundo enjalo, akanawo amakhono adingeka emsebenzini. Ngenxa yalesi sizathu, abanye bakhetha ukuthatha izifundo zemisebenzi yezandla noma ukuya ezikoleni ezifundisa leyo misebenzi, ngomgomo wokuzuza amakhono angokoqobo afunwa ezindaweni zemisebenzi.
Kungakhathaliseki ukuthi yikuphi, izinqumo ezinjalo ziyindaba yomuntu siqu. AmaKristu akufanele agxekane noma ahlulelane kule ndaba. UJakobe wabhala: “Ungubani ukuba wahlulele umakhelwane wakho?” (Jakobe 4:12) Uma umKristu ecabangela ukuphishekela imfundo eyengeziwe, uyokwenza kahle ngokuhlola izisusa zakhe ukuze aqiniseke ukuthi akashukunyiswa yizithakazelo zobugovu, zokuthanda izinto ezibonakalayo.
Kusobala ukuthi iBhayibheli likhuthaza umbono olinganiselayo ngemfundo. Abazali abangamaKristu bayakuqaphela ukubaluleka okukhulu kwemfundo engokomoya esekelwe eZwini likaNkulunkulu eliphefumulelwe futhi banikeza abantwana babo iseluleko esilinganiselayo ngokuphathelene nemfundo yokwenezela. (2 Thimothewu 3:16) Njengoba bebhekana namaqiniso okuphila, bayakuqaphela ukubaluleka kwemfundo yezwe ukuze izingane zabo esezikhulile zizuze amakhono adingekayo okuzinakekela zona nemikhaya yazo yesikhathi esizayo. Ngakho-ke, lapho enquma ukuthi kufanele ayiphishekele yini imfundo yokwenezela, nokuthi kufanele akwenze ngezinga elingakanani, umKristu ngamunye angenza izinqumo ezihlakaniphile ezisekelwe ekuzinikeleni kuJehova uNkulunkulu, ‘okunenzuzo ezintweni zonke, njengoba kunesithembiso sokuphila kwamanje nalokho okuzayo.’—1 Thimothewu 4:8.
[Imibhalo yaphansi]
a Ukuze uthole ukwaziswa okuningiliziwe ngale ndaba, bheka INqabayokulinda ka-November 1, 1992, amakhasi 10-21, nencwajana ethi OFakazi BakaJehova Nemfundo, zombili ezinyatheliswa yi-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 20]
‘Gcina ukuhlakanipha namasu.’—IzAga 3:21
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 21]
Lapho ecabangela ukuthi angayiphishekela yini imfundo eyengeziwe, umKristu uyokwenza kahle ngokuzibuza, ‘Ziyini izisusa zami?’