Ukuphela Kobumpofu Kuyasondela
UJESU wayesho ukuthini lapho ethi: “Abampofu ninabo ngaso sonke isikhathi”? (Mathewu 26:11) Ingabe wayesho ukuthi ubumpofu buyoba khona phakade, lingabi bikho ikhambi?
UJesu wayazi ukuthi uma nje isimiso samanje sokubusa komuntu sisekhona, ubumpofu buyohlala bukhona. Wayazi ukuthi abunakuqedwa unomphela yinoma iluphi uhlobo lukahulumeni wabantu noma isimiso sezomnotho noma sezenhlalo. Futhi umlando uyakufakazela lokho.
Phakathi nezinkulungwane zeminyaka yomlando wesintu, kuye kwazanywa zonke izinhlobo zohulumeni nazo zonke izinhlobo zezimiso zezomnotho nezenhlalo, kodwa ubumpofu busekhona. Ngempela, naphezu kwentuthuko efinyelelwe emikhakheni enjengesayensi, ezezimboni nezokwelapha, iqiniso elingenakuphikwa liwukuthi emhlabeni wonke amanani abantu abakhungethwe ubumpofu ayaqhubeka anda.
UJesu wayezazi kahle izici eziningi ezibangela ubumpofu, njengendlala, isomiso, ukuhlasela kwamabutho ezitha, uhulumeni omubi, ukusaphazwa kwezimali, ukucindezelwa kwabampofu nababuthaka becindezelwa abacebile nabanamandla, izingozi nokugula kanye nokufa kwamadoda ashiya izintandane nabafelokazi abahluphekayo. Ngaphezu kwalokho, wayazi ukuthi abantu bangazibangela ubumpofu bona nemikhaya yabo ngemikhuba emibi enjengobuvila, ukudakwa, ukugembula nokuluthwa izidakamizwa.
Ngakho lapho uJesu ethi “abampofu ninabo ngaso sonke isikhathi,” wayesho ukuthi kungaphezu kwamandla anoma iyiphi inhlangano yaleli lizwe ukuqeda ubumpofu. Wayesho ukuthi uma nje isimiso samanje sokubusa komuntu sisekhona, kuyohlale kunabantu abampofu.
Nakuba inkinga yobumpofu kuyinkinga yasendulo, akufanele siphethe ngokuthi uJesu noma uYise wasezulwini bebengenalo uzwela ngabampofu. Futhi akufanele siphethe ngokuthi amazwi kaJesu asho ukuthi ubumpofu abusoze baphela. Lokhu kusobala kulokho iBhayibheli elikushoyo ngale ndaba.
Ubumpofu NoMthetho KaMose
Ngokwesibonelo, cabangela uMthetho uNkulunkulu awunikeza isizwe sika-Israyeli wasendulo ngoMose. Esinye isimiso salo Mthetho sasithi yonke imikhaya yakwa-Israyeli inikezwe ifa lezwe eKhanani. (Duteronomi 11:8-15; 19:14) Umkhaya owawungenasabelo owamaLevi kuphela. Kunalokho, ngenxa yomsebenzi wawo okhethekile ethempelini, ayondliwa ngokuthola okweshumi kwemikhiqizo yezwe.—Numeri 18:20, 21, 24.
Ngaphezu kwalokho, imithetho yokwabiwa kwefa ngaphansi koMthetho kaMose yayiqinisekisa ukuthi izwe laliyohlala liyimpahla yomkhaya noma yesizwe esasinikezwe lona. (Numeri 27:8-11) Ngisho noma indoda ithengisa izwe layo, laliba ngelomnikazi omusha okwesikhashana kuphela. Ngokuhamba kwesikhathi lelo lizwe lalibuyiselwa emkhayeni womuntu owalithengisa.
Labo ababempofu ngenxa yezizathu ezihlukahlukene, njengokusebenzisa kabi izwe labo noma ukusaphaza ingcebo yabo, uMthetho wawubanikeza ilungelo lokukhothoza emasimini ezitshalo nawezithelo nasezivinini zabanye. (Levitikusi 23:22) Ngaphezu kwalokho, umIsrayeli oswele wayengaboleka imali ngaphandle kokukhokha inzalo. Ngempela, abampofu kwakufanele baboniswe umusa.—Eksodusi 22:25.
UJesu Wayebakhathalela Abampofu
Emakhulwini eminyaka kamuva lapho uJesu eza emhlabeni, waqhubeka ebonisa umoya wokupha ayewufunde kuYise, uJehova. UJesu wayenesithakazelo somuntu siqu kulabo ababeswele. Yena nabafundi bakhe babenesikhwama abababela kuso ama-Israyeli aswele.—Johane 12:5-8.
Ngemva kokubulawa kukaJesu, amaKristu abonisa ukubakhathalela okufanayo abampofu lapho esiza ikakhulukazi abafowabo nodadewabo abangokomoya abampofu ngezinto ezibonakalayo. (Roma 15:26) AmaKristu eqiniso namuhla abonisana ukukhathalela kothando okufanayo.
Yiqiniso, nakuba iBhayibheli libonisa uzwela ngezisulu zezimo ezicindezelayo, liyabalahla labo empeleni ‘abadla umzimba wabo’ ngenxa yobuvila. (UmShumayeli 4:1, 5) Umphostoli uPawulu wabhala: “Uma noma ubani engafuni ukusebenza, makangadli futhi.” (2 Thesalonika 3:10) Ngokufanayo, labo abasaphaza imali ngemikhuba enjengokuluthwa izidakamizwa, ugwayi, noma utshwala bangazithola bempofu. Lokhu kuwumphumela wezenzo zabo ezimbi; eqinisweni, ‘bavuna lokho abakutshalile.’—Galathiya 6:7.
Ukulondeka Manje
IBhayibheli libonisa ukuthi uNkulunkulu unesithakazelo esikhethekile esimweni salabo abazama ukwenza intando yakhe. Ngokwesibonelo, kumaHubo 37:25, uDavide uthi: “Kade ngimusha, manje sengimdala; angizange ngibone olungileyo eshiyiwe nenzalo yakhe iphanza ukudla.” Labo abathambekele ekulungeni abathenjiswa ingcebo, kodwa lapha kuboniswa ukuthi uNkulunkulu uyoqikelela ukuthi banamalungiselelo anele ezinto ezibonakalayo ukuze baphile. Ivesi 28 lehubo elifanayo lithi: “UJehova uthanda ukulunga, akabashiyi abangcwele bakhe.”
UJesu wenza okungaphezu kokubonisa ukubakhathalela abampofu ngokubasiza ngezinto ezibonakalayo phakathi nesikhathi sokuphila kwakhe emhlabeni. Wabaqinisekisa ngokuthi uma nje bezama ukwenza intando kaNkulunkulu, uNkulunkulu wayeyoqikelela ukuthi okungenani izidingo zabo eziyisisekelo ziyanakekelwa, manje nasesikhathini esizayo. UJesu washo okulandelayo:
“Qaphelisisani izinyoni zezulu, ngoba azihlwanyeli mbewu noma zivune noma zibuthele ezinqolobaneni; noma kunjalo uYihlo osezulwini uyazondla. Anibalulekile yini nina ngaphezu kwazo? . . . Futhi, endabeni yezambatho, kungani nikhathazeka? Thathani isifundo eminduzeni yasesigangeni, indlela ekhula ngayo; ayikhandleki, futhi ayiphothi; kodwa ngithi kini ngisho noSolomoni enkazimulweni yakhe yonke wayengavunule nanjengowodwa wayo. Manje, uma uNkulunkulu ezigqokisa kanjalo izimila zasesigangeni, ezikhona namuhla ngakusasa ziphonswe eziko, ngeke yini kunalokho agqokise nina, nina eninokholo oluncane? Ngakho ningalokothi nikhathazeke nithi, ‘Sizodlani?’ noma, ‘Sizophuzani?’ noma, ‘Sizogqokani?’ . . . Ngoba uYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyazidinga zonke lezizinto.”—Mathewu 6:26-32.
UJesu waphetha ngokukhuthaza abalandeli bakhe: “Khona-ke, qhubekani nifuna kuqala umbuso [kaNkulunkulu] nokulunga kwakhe, futhi zonke lezi ezinye izinto ziyonezelwa kini.” (Mathewu 6:33) Yeka ukuthi lokho kuyisikhuthazo kanjani kulabo abampofu kodwa abafuna ukwenza intando kaNkulunkulu! Qaphela futhi ukuthi uJesu wabonisa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu kwakumelwe ube yinto ebaluleke kunazo zonke ekuphileni kwabalandeli bakhe. UJesu wayazi ukuthi lapho uMbuso kaNkulunkulu wasezulwini uthatha izintambo ngokuphelele emhlabeni wonke, ubumpofu babuyophela ngaleso sikhathi.
Ngeke Bube Khona Phakade
Ngakho, uJesu wanikeza ithemba elihle lesikhathi esizayo. Ngakho lapho ethi “abampofu ninabo ngaso sonke isikhathi,” wayekhuluma ngokuphila esimisweni samanje sokubusa komuntu. Wayengakhulumi ngokuphila kwesikhathi esizayo ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu wasezulwini. IBhayibheli liyabikezela: “Ompofu kayikukhohlakala njalo; ithemba labahluphekayo aliyikunyamalala kuze kube-phakade.” (IHubo 9:18) NjengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu, uKristu Jesu ngeke ababekezelele bonke abazama ukuxhaphaza nokucindezela abanye.
UJesu wenza ukubusa koMbuso kaNkulunkulu wasezulwini kwaba isihloko esikhulu ayefundisa ngaso. (Mathewu 4:17) Ngaphansi kokubusa koMbuso, izimo emhlabeni ziyofana nezimo zasezulwini. Yingakho afundisa abalandeli bakhe ukuthandaza kuNkulunkulu, bathi: “Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.”—Mathewu 6:10.
Kuyokwenzeka kanjani lokho? Kuyinjongo kaNkulunkulu ukuchitha sonke isimiso samanje sokubusa komuntu emhlabeni futhi esikhundleni saso alethe ukubusa koMbuso wakhe wasezulwini. Isiprofetho esikuDaniyeli 2:44 sithi: “Ezinsukwini zalawomakhosi [akhona manje] uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa nobukhosi bawo bungayikushiyelwa kwabanye abantu [ngeke kusabusa abantu], kepha uyakuchoboza, uqede yonke lemibuso [yamanje], wona uqobo ume phakade.”
Khona-ke, ezweni elisha ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu, wonke umhlaba uyoguqulwa ube ipharadesi elinenala, elingenayo iminonjana yobumpofu. Phawula ezinye iziprofetho zeBhayibheli eziphathelene nezimo eziyoba khona ngaleso sikhathi:
“UJehova-Sebawoti uyakwenzela abantu bonke . . . idili lewayini elinenhlese, okukhulupheleyo okunomnkantsha.” (Isaya 25:6) “Kuyakuba-khona inala kakolweni ezweni esiqongweni sezintaba.” (IHubo 72:16) “[Imvula] ibe-yizihlambi zesibusiso. Umuthi osendle uyakuthela izithelo zawo, umhlabathi uthele ukudla kwawo, zihlale zilondekile ezweni lazo.” (Hezekeli 34:26, 27) “Umhlaba uthelile izithelo zawo; uNkulunkulu, uNkulunkulu wethu, uyasibusisa.” (IHubo 67:6) “Kuyakujabula ihlane nogwadule, kuthokoze uqwathule, lukhahlele njengentebe.”—Isaya 35:1.
Ngaphezu kwalokho, uMika 4:4 uyathembisa: “Bayakuhlala, kube-yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe; akakho oyakubesabisa.” Bonke bayoba nemizi yabo: “Bayakwakha izindlu, bahlale kuzo . . . Abayikwakha, kuhlale omunye.” (Isaya 65:21, 22) Yingakho uJesu ayengathembisa labo abakholelwa izimfundiso zakhe: “Uyoba nami ePharadesi”!—Luka 23:43.
Yebo, iZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe lifundisa ngokucacile ukuthi ubumpofu buyophela nyá. Futhi leso sikhathi siyasondela, ngoba iziprofetho zeBhayibheli zibonisa ukuthi leli lizwe manje ‘lisezinsukwini zalo zokugcina,’ libhekene ‘nezikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.’ (2 Thimothewu 3:1-5, 13) Maduzane isimiso sezinto samanje esibi siyosuswa phakade nobumpofu buqedwe unomphela—hhayi ngemizamo yabantu kodwa ngokungenela kwaphezulu. INkosi uJesu Kristu “iyakukhulula ompofu ozikhalela kuyo, nohluphekayo ongenamsizi. Iyakuhawukela odangeleyo nompofu; iyakusindisa imiphefumulo yabampofu.”—IHubo 72:12, 13.
[Isithombe ekhasini 8, 9]
Ezweni elisha likaNkulunkulu, kuyoba nezindlu ezinhle nenala yokudla kwabo bonke
[Isithombe ekhasini 10]
Ezweni elisha, azisoze zaba khona izingane ezibulawa yindlala