Umbono WeBhayibheli
Ubalulekile Emehlweni KaNkulunkulu!
“BENGILOKHU NGIHLUSHWA IMIZWA YOKUNGABI YILUTHO KUKHO KONKE UKUPHILA KWAMI,” KUBHALA OMUNYE WESIFAZANE ONGUMKRISTU. “KUNGAKHATHALISEKI UKUTHI NGIMTHANDA KANGAKANANI UJEHOVA NOKUTHI NGIZAMA KANGAKANANI UKUMKHONZA, NGIHLALE NGINOMUZWA WOKUTHI AKWANELE.”
INGABE ukhona omaziyo olwa nemizwa ejulile yokungafaneleki noma yokungabi yilutho? Noma ingabe nawe uzizwa kanjalo ngezinye izikhathi? Imizwa enjalo ivamile, ngisho naphakathi kwabakhulekeli bakaNkulunkulu abakholekile. Akukho muntu ongabhekani nemiphumela yokuphila kulezi ‘zikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.’ Abaningi baye babhekana nokunganakwa nokuxhashazwa abantu “abangenakho ukuzithiba, abanolaka, abangenalo uthando ngobuhle”—izici ezandile “ezinsukwini zokugcina.” (2 Thimothewu 3:1-5) Ukubhekana nezinto ezibuhlungu kanjalo kungashiya izibazi ezijulile ngokomzwelo, kubangele ukuzizwa ungento yalutho.
Kwezinye izimo, imizwa emibi ingase ibangelwe yizindinganiso eziphakeme ngokweqile abantu abazibekela zona. Ukuhluleka ukufinyelela lezi zindinganiso kubenza babe nemizwa yokuthi akwenzeki nje benze kahle. Kungakhathaliseki ukuthi isizathu siyini, labo abalwa nemizwa yokungabi yilutho bangase bakuthole kunzima ukuqonda ukuthi kungani uNkulunkulu—nanoma ubani omunye—ebathanda nakuba bengelutho. Ngempela, bangaze bakholelwe nawukuthi abathandeki.
Kodwa leyo akuyona indlela uJehova uNkulunkulu azizwa ngayo! EZwini lakhe, uJehova usiyala ukuba sigweme “amasu akhohlisayo” eSitha sakhe, uSathane uDeveli. (Efesu 6:11, Jewish New Testament) USathane usebenzisa amasu akhe akhohlisayo ukuze azame ukusenza siyeke ukukhulekela uNkulunkulu wethu. Ukuze enze lokho, uSathane ukhulisa imizwa yokuthi asiyilutho, ukuthi uJehova akasoze asithanda. Kodwa uSathane “ungumqambimanga”—eqinisweni ‘unguyise wamanga.’ (Johane 8:44) Ngakho-ke, akumelwe sikhohliswe amasu akhe akhohlisayo! EBhayibhelini, uJehova uyazikhulumela, esiqinisekisa ngokubaluleka kwethu emehlweni akhe.
Umbono Olinganiselwe Ngokubaluleka Kwethu
IBhayibheli lixwayisa ngomphumela omubi ongabangelwa ukudangala. IzAga 24:10 zithi: “Uma udangala ngosuku lokuhlupheka, amandla akho mancane.” Imizwa emibi ephikelelayo ingase isiqede amandla, isenze sizizwe sibuthakathaka futhi sisengozini. Ungaqiniseka ukuthi uSathane ukwazi kahle kamhlophe loku. Kunzima nakakhulu uma izinhliziyo zethu zihlushwa imizwa yokungabi yilutho. Nokho, uma uSathane ezama ukusizakala ngaleyo mizwa, kwenza isimo esinjalo sibe umthwalo nakakhulu.
Khona-ke, kubalulekile ukuba sibe nombono olinganiselwe nonengqondo ngokubaluleka kwethu. “Ngitshela wonke umuntu lapho phakathi kwenu,” kunxusa umphostoli uPawulu, “ukuba angazicabangeli ngaphezu kwalokho okudingeke ukuba akucabange; kodwa acabange ukuze abe nengqondo ehluzekile.” (Roma 12:3) Enye inguqulo ikubeka ngale ndlela: “Ngingathi komunye nomunye wenu, angazibeki esilinganisweni esingaphezu kwalokho ayikho ngempela, kodwa azibeke esilinganisweni ngokunengqondo.” (Charles B. Williams) Ngakho-ke lo mbhalo usikhuthaza ukuba sibe nombono olinganiselwe ngathi ngokwethu. Ngakolunye uhlangothi, kumelwe siqaphele ukuqhosha; ngakolunye, kufanele sigweme ukuzeya ngokweqile, ngoba uPawulu ubonisa ukuthi ukuze sibe nengqondo ehluzekile, kudingekile ukuba sicabange okuthile ngathi. Yebo, ephefumulelwe phezulu uPawulu ubonisa ukuthi ngamunye wethu ubalulekile emehlweni kaJehova.
Umbono olinganiselwe ngokubaluleka komuntu ucacile nasemazwini kaJesu lapho ethi: “Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.” (Mathewu 22:39) Amazwi athi “njengoba uzithanda wena” abonisa ukuthi kufanele sibe nomuzwa othile wokubaluleka, noma wokuzihlonipha. Yiqiniso, sineziphambeko futhi senza amaphutha. Kodwa uma silwela ukujabulisa uNkulunkulu, sizisola ngamaphutha ethu, futhi sifune intethelelo yakhe, sisengaba nokubaluleka okuthile. Izinhliziyo zethu ezigxekayo zingase ziphikelele ekubeni nomuzwa ohlukile, kodwa khumbula, “uNkulunkulu mkhulu kunezinhliziyo zethu.” (1 Johane 3:20) Ngamanye amazwi, uJehova usibheka ngendlela ehluke kakhulu kuleyo thina esizibheka ngayo.
Izinhliziyo Ezaphukileyo, Imimoya Edabukileyo
Umhubi uDavide wabhala: “UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo; uyabasindisa abanomoya odabukileyo.” (IHubo 34:18) Iphawula ngaleli vesi, i-Matthew Henry’s Commentary on the Whole Bible ithi: “Yimfanelo yokulunga . . . ebenza babe nezinhliziyo ezaphukile nomoya odabukile, okungukuthi, othobekile ngenxa yesono, ozizwa ungabalulekile; bazibukela phansi, abathembi ukuthi babalulekile.”
Labo “abanenhliziyo eyaphukileyo” noma “abanomoya odabukileyo” bangase babe nomuzwa wokuthi uJehova ukude nokuthi ababalulekile ukuba uJehova angaba nendaba nabo. Kodwa akunjalo. Amazwi kaDavide asiqinisekisa ukuthi uJehova akabalahli labo ‘abazibukela phansi.’ UNkulunkulu wethu onesihawu uyazi ukuthi ngezikhathi ezinjalo simdinga kakhulu kunanoma yinini ngaphambili, futhi useduze.
Cabangela lesi sibonelo. Eminyakeni ethile edlule umama waphuthumisa indodana yakhe eneminyaka emibili esibhedlela ngoba iphefumula kanzima futhi ikhwehlela kabuhlungu. Ngemva kokumxilonga umfana, odokotela batshela unina ukuthi kuzodingeka alaliswe esibhedlela. Umama wayekuphi ngalobo busuku? Esihlalweni egunjini lasesibhedlela, eduze kombhede womfana wakhe. Umfanyana wakhe wayegula, wayedinga ukuba seduze naye. Ngokuqinisekile singalindela ngisho nokwengeziwe kuBaba wethu wasezulwini onothando, esenziwe ngomfanekiso wakhe! (Genesise 1:26; Isaya 49:15) Amazwi athinta inhliziyo amaHubo 34:18 asiqinisekisa ukuthi lapho ‘sinenhliziyo eyaphukile,’ uJehova, njengomzali onothando, “useduze”—uhlale esibhekile, elalele futhi elungele ukusisiza.—IHubo 147:1, 3.
“Nibaluleke Ukudlula Ondlunkulu Abaningi”
Phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni, uJesu wambula okuningi okumayelana nemicabango nemizwa kaJehova, kuhlanganise nendlela uJehova azizwa ngayo ngezinceku zaKhe zasemhlabeni. UJesu waqinisekisa abafundi bakhe izikhathi ezingaphezu kwesisodwa ukuthi babebalulekile emehlweni kaJehova.—Mathewu 6:26; 12:12.
Ngokwesibonelo, ecacisa ukubaluleka komfundi wakhe ngamunye, uJesu wathi: “Ondlunkulu ababili abathengiswa yini ngohlamvu lwemali lwenani elincane? Nokho ngeke kuwele namunye wabo phansi uYihlo engazi. Kodwa zona kanye izinwele zekhanda lenu zibaliwe zonke. Ngakho-ke ningesabi: nina nibaluleke ukudlula ondlunkulu abaningi.” (Mathewu 10:29-31) Cabanga nje ukuthi lawo mazwi ayesho ukuthini ezilalelini zikaJesu zekhulu lokuqala.
Ngokusobala ondlunkulu babengezinye zezinyoni ezidliwayo ezibiza imali encane kakhulu. Lezi zinyoni ezincane zazivame ukuchuthwa, zichonywe ezintini zokhuni, bese zichochobaliswa njengamaqatha enyama. Akungabazeki ukuthi uJesu wayeke wababona abesifazane abampofu emakethe bebala izinhlamvu zemali ukuze babone ukuthi bangathenga ondlunkulu abangaki. Lezi zinyoni zazibhekwa njengezingabalulekile kangangokuthi ngohlamvu lwemali encane (ngokwezwi nezwi, i-assarion, eyayingaphansi kukazuka), umuntu wayengathenga ondlunkulu ababili.
UJesu wabuye wawusho lo mfanekiso kamuva—kodwa usuthé ukuhluka kancane. NgokukaLuka 12:6, uJesu wathi: “Ondlunkulu abahlanu bathengiswa ngezinhlamvu zemali ezimbili zenani elincane, akunjalo?” Cabanga ngalokhu. Ngohlamvu olulodwa lwemali encane, umthengi wayethola ondlunkulu ababili. Kodwa uma ayezimisele ukuthenga ngezinhlamvu ezimbili, wayengatholi ondlunkulu abane kodwa abahlanu. Inyoni yesihlanu wayebhanselwa ngayo njengokungathi yayingabizi mali nhlobo. “Nokho,” kusho uJesu, “akukho noyedwa kubo [ngisho nalo owumbhanselo] olibalekayo phambi kukaNkulunkulu.” Ebonisa indlela osebenza ngayo lo mfanekiso, uJesu ekuphetheni, wathi: “Nina nibaluleke ngaphezu kondlunkulu abaningi.” (Luka 12:7) Yeka ukuthi lawo mazwi kumelwe ukuba azikhuthaza kangakanani izilaleli zakhe!
Uyalithola iphuzu lo mfanekiso kaJesu oduduzayo? Uma uJehova ebheka ngisho nezinyoni ezincane njengezibalulekile, yeka ukuthi kufanele ukuba izinceku zakhe zasemhlabeni uzithanda kangakanani! KuJehova, akukho noyedwa wethu oduka esixukwini. Ngamunye wethu ubaluleke kakhulu kuJehova kangangokuthi uphawula ngisho nezici ezincane ngathi—izinwele zamakhanda ethu imbala zibaliwe.
Yebo, uSathane uyoqhubeka esebenzisa “amasu akhohlisayo”—njengokusebenzisa kabi imizwa yokungabi yilutho—ukuze asenze siyeke ukukhonza uJehova. Kodwa ungamvumeli uSathane anqobe! Khumbula owesifazane ongumKristu ocashunwe ekuqaleni. Wasizwa isihloko esasikumagazini INqabayokulinda esasixwayisa ngemizamo kaSathane yokusebenzisa kabi imizwa yethu.a Uthi: “Angikaze ngiqaphele ukuthi uSathane uzama ukusebenzisa imizwa yami ukuze angenze ngidumale. Ukwazi loku kunginika amandla okulwa nale mizwa. Manje sengingamelana naloku kuhlasela kukaSathane, ngesibindi.”
UJehova “wazi zonke izinto.” (1 Johane 3:20) Yebo, uyakwazi esikukhuthazelelayo manje. Uyazi nokuthi ikuphi esiye sahlangabezana nakho esikhathini esedlule okungenzeka kuye kwaqeda ukuzihlonipha kwethu. Khumbula ukuthi yindlela uJehova asibheka ngayo ebalulekile! Kungakhathaliseki ukuthi sicabanga ukuthi asithandeki futhi asinto yalutho kangakanani, uJehova usiqinisekisa ngokuthi isikhonzi sakhe ngasinye sibalulekile kuye. Singakwethemba lokho uJehova akushoyo, ngoba ngokungafani neSitha sakhe, uNkulunkulu ‘akanakuqamba amanga.’—Thithu 1:2.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka isihloko esithi “Uyigugu Emehlweni KaNkulunkulu!” kumagazini INqabayokulinda ka-April 1, 1995, amakhasi 10-15.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 12]
Njengomzali onothando, uJehova useduze nalabo abadabukile enhliziyweni
[Izithombe ekhasini 13]
Uma uJehova engawukhohlwa undlunkulu, angakukhohlwa kanjani wena?
[Imithombo]
Lydekker
Illustrated Natural History