Intsha Iyabuza . . .
Ngingawanqoba Kanjani Amahloni?
“Angikaze ngibe umuntu oxoxa kakhulu. Nganginomuzwa wokuthi uma ngisho okuthile, ngizoxwaywa. Umama unamahloni kakhulu, futhi ngicabanga ukuthi yingakho nami nginenkinga efanayo.”—U-Artie.
INGABE ngezinye izikhathi ufisa sengathi ngabe awunamahloni—futhi unobungane kakhudlwana? Njengoba isihloko sethu esandulele salolu chungechunge sabonisa, amahloni ayisici esivamile.a Ngakho akukho ngempela okungalungile ngawe uma uthambekele ekuzithuleleni noma ekuthatheni izinto ngokungathi sína. Kodwa ukuba namahloni ngokwedlulele kungaba inkinga yangempela. Ngezinga elithile, kungakuvimbela ukuba ujabulele ukuba nabangane. Futhi kungenza kube nzima ngawe ukuba ukhululeke noma ujabulele imibuthano yobungane.
Ngisho nabantu abadala basalwisana namahloni. UBarryb ungumdala ebandleni lobuKristu. Kodwa uthambekele ekubeni azithulele uma eseqenjini. Uyavuma: “Ngiba nomuzwa wokuthi anginalo ikhono lokukhuluma okuthile okunengqondo.” Umkakhe uDiane, unenkinga efanayo. Ikhambi lakhe? Uthi: “Ngiyathanda ukuba nabantu abakhululekile ngoba ngiba nomuzwa wokuthi yibona abazoqhuba ingxoxo.” Yiziphi ezinye izindlela ongakhululeka ngazo kakhudlwana?
Yeka Ukuzibukela Phansi
Okokuqala, kungase kudingeke uhlolisise umbono wakho ngawe ngokwakho. Ingabe ngaso sonke isikhathi uzibukela phansi, uzitshela ukuthi abanye abakuthandi nokuthi akukho lutho ongalusho okunengqondo? Ukuba nemizwa ephambene ngawe kungakwenza ungakhululeki. Kakade, uJesu wathi: “Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena”—hhayi esikhundleni sakho! (Mathewu 19:19) Ngakho kunempilo futhi kufanelekile ukuzithanda ngezinga elilingene. Kungakunika ukuzethemba okudingayo ukuze uxoxe nabanye.
Uma ukhathazwa imizwa yokuzenyeza, ungase ukuthole kuwusizo ukufunda isahluko 12 esithi, “Kungani Ngingazithandi?,” encwadini ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo.c Lokho kwaziswa kungakusiza ukuba ubone ukuthi unokuningi okuhle njengomuntu. Phela, iqiniso lokuthi ungumKristu libonisa ukuthi uNkulunkulu ubona okuthile okuyigugu kuwe! Angithi, uJesu wathi: “Akekho umuntu ongeza kimi ngaphandle kokuba uBaba ongithumile, emdonsa.”—Johane 6:44.
Yiba Nesithakazelo Kwabanye
IzAga 18:1 ziyaxwayisa: “Ozahlukanisayo ufuna esakhe isifiso.” Yebo, uma uzahlukanisa, uyozinaka wena siqu kakhulu. EyabaseFilipi 2:4 isikhuthaza ukuba ‘sinakekele, hhayi ngesithakazelo somuntu siqu izindaba zethu kuphela, kodwa futhi sinakekela ngesithakazelo somuntu siqu nezabanye.’ Uma unaka izithakazelo nezidingo zabanye, kuyoncipha ukuzenyeza. Futhi lapho ubakhathalela abanye, uyoshukumiseleka ukuba uthathe isinyathelo sokubazi.
Ngokwesibonelo, cabanga ngoLidiya, owesifazane owaziwa njengophawu lobungane nokungenisa izihambi. IBhayibheli lisitshela ukuthi ngemva kokuzwa amazwi omphostoli uPawulu futhi wabhapathizwa, wancenga uPawulu nabangane bakhe: “Uma nina madoda niye nangahlulela njengokholekile kuJehova, ngenani endlini yami.” (IzEnzo 16:11-15) Nakuba ayesanda kukholwa, uLidiya wathatha isinyathelo sokubazi laba bazalwane—futhi akungabazeki ukuthi ngenxa yalokho wathola izibusiso eziningi. Ngemva kokuba uPawulu noSila bekhululiwe ejele, baya kuphi? Kuyathakazelisa ukuthi baphindela emzini kaLidiya!—IzEnzo 16:35-40.
Ngokufanayo, uyothola ukuthi abantu abaningi bayosabela esithakazelweni obabonisa sona. Ungaqala kanjani ukwenza lokhu? Nakhu ukusikisela okumbalwa okuwusizo.
● Qala ngesilinganiso esincane. Ukuba ngokhululekile akusho ukushitsha bese uba umbukwane noma ube matasa ngabantu. Yenza umzamo wokuxoxa nabantu, oyedwa ngesikhathi. Ungazibekela umgomo wokuqala ingxoxo okungenani nomuntu oyedwa ngaso sonke isikhathi lapho usemhlanganweni wobuKristu. Zama ukumomotheka. Zijwayeze ukumbheka emehlweni lowo okhuluma naye.
● Thatha isinyathelo kuqala. ‘Kanjani?’ ungase ubuze. Nokho, uma unesithakazelo ngempela kwabanye, ngokuvamile akunzima ukuthola izinto eningaxoxa ngazo. Osemusha eSpain okuthiwa uJorge uthi: “Ngiye ngaqaphela ukuthi ukumane nje ubuze abanye ukuthi baphila kanjani noma ubabuze ngomsebenzi wabo kuyakusiza ukuba ubazi kangcono.” Osemusha okuthiwa uFred uyasikisela: “Uma ungazi ukuthi uzothini, vele ubabuze imibuzo abantu.” Yiqiniso, awufuni ukuba abantu babe nomuzwa wokuthi uyabaphenya. Uma umuntu ebonakala engathandi ukuphendula imibuzo, zama ukumxoxela okuthile ngawe.
UMary, umzali woweve eshumini nambili, uthi: “Ngiye ngathola ukuthi indlela engcono kakhulu yokwenza abantu bazizwe bekhululekile ukubenza bakhulume ngabo.” UKate osemusha uyanezela: “Kuyasiza ukuncoma abanye ngalokho abakugqokile noma ngokunye. Ubenza babe nomuzwa wokuthi bayathandwa.” Yebo, yiba qotho, futhi ugweme ukuthopha okuyize. (1 Thesalonika 2:5) Ngokuvamile abantu bayosabela emazwini aqotho anomusa namahle.—IzAga 16:24.
● Yiba yisilaleli esihle. “Shesha ngokuphathelene nokuzwa, wephuze ngokuphathelene nokukhuluma,” kusho iBhayibheli. (Jakobe 1:19) Kakade, ingxoxo iwukunikezelana ngenkulumo—hhayi ukukhuluma komuntu eyedwa. Ngakho uma unamahloni okukhuluma, lokhu kungase kube inzuzo kuwe! Abantu bayazazisa izilaleli ezinhle.
● Hlanganyela. Njengoba usukwazi ukuxoxa nomuntu oyedwa, manje zama ukukhuluma neqembu. Nalapha imihlangano yobuKristu iyindawo enhle yokuzuza leli khono. Ngezinye izikhathi indlela elula kakhulu yokuhlanganyela engxoxweni iwukuhlanganyela kuleyo esiqhubeka. Yiqiniso, ukuhlakanipha nemikhuba emihle kuyadingeka lapha. Ungagxambukeli engxoxweni okusobala ukuthi eyangasese. Kodwa uma kusobala ukuthi iqembu lihlanganyela engxoxweni engabalulekile, zama ukuba ingxenye yalo. Hlakanipha; ungaphazamisi uzame ukulawula. Zama ukulalela isikhashana. Njengoba usuzizwa ukhululekile, ungase usho amazwi ambalwa.
● Ungalindeli ukuba ophelele. Ngezinye izikhathi intsha ikhathazeka kakhulu ngokusho into ephuma eceleni. Intombazane okuthiwa u-Elisa yase-Italy iyakhumbula: “Njalo ngangesaba ukuthi uma ngisho okuthile, kuzozwakala ngendlela engalungile.” Nokho, iBhayibheli lisikhumbuza ukuthi sonke asiphelele, ngakho, akunakwenzeka sikhulume inkulumo ephelele. (Roma 3:23; qhathanisa noJakobe 3:2.) U-Elisa uthi: “Ngaqaphela ukuthi laba abangane bami. Ngakho bazoqonda uma ngisho okuthile okuyiphutha.”
● Kulungele ukuzihleka. Yiqiniso, ukusho okuthile okungafanele ungaqondile kuyadumaza. Kodwa njengoba uFred ephawula, “uma uvele nje ukhululeke futhi uzihleke, leso simo siyadlula ngokushesha. Uma wenza into engelutho ibe nkulu, umane nje uzibangela ukudideka, ukukhungatheka nokukhathazeka.”
● Bekezela. Qaphela ukuthi akuyena wonke umuntu oyosabela ngokushesha. Isikhawu esithile lapho nixoxa asisho ngempela ukuthi lowo muntu akakuthandi noma kumelwe uyeke ukuzama ukuxoxa naye. Ngezinye izikhathi abantu basuke becabanga—noma benamahloni njengawe. Ezimweni ezinjalo, kungasiza ukunikeza lowo muntu isikhathi esengeziwe sokuba akujwayele kangcono.
● Zama ukuxoxa nabantu abadala. Ngezinye izikhathi abantu abadala, ikakhulukazi amaKristu avuthiwe, anozwela ngentsha elwa namahloni. Ngakho ungesabi ukuzama ukuqala ingxoxo nomuntu omdala. UKate uthi: “Ngiyakhululeka uma nginabantu abadala ngoba ngiyazi ukuthi ngeke bangibandlulule, bangigcone, noma bangigxeke njengoba kungase kwenze ontanga yethu.”
Ukushukunyiswa Uthando
Nakuba lokhu kusikisela kungasiza, akulula ukunqoba amahloni. Ekugcineni, akuyona indaba yokusebenzisa isu noma inqubo yokuhlakanipha. Isihluthulelo ‘siwukuthanda umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.’ (Jakobe 2:8) Yebo, funda ukukhathalela abanye abantu—ikakhulu abafowenu nodadewenu abangamaKristu. (Galathiya 6:10) Uma unothando ngempela enhliziyweni yakho, uyokunqoba ukwesaba nokungakhululeki kodwa uzame ukuya kwabanye. Njengoba uJesu asho, “umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.”—Mathewu 12:34.
UBarry, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uyaphawula: “Njengoba ngibazi kangcono abanye abantu, yilapho kuba lula khona ngami ukuxoxa nabo.” Ngamanye amazwi, lapho ukwenza umkhuba ukuba nobungane, yilapho kuyoya kuba lula khona ngawe. Futhi njengoba uzithola uba nabangane abasha futhi uzizwa wamukeleka kangcono kwabanye, akungabazeki ukuthi uyobona ukuthi imiphumela yayiwufanele umzamo!
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kungani Nginamahloni Kangaka?” kumagazini wethu ka-October 22, 1999.
b Amanye amagama ashintshiwe.
c Inyatheliswa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
[Isithombe ekhasini 13]
Thatha isinyathelo kuqala futhi uhlanganyele ezingxoxweni!