Umbono Wethemba Naphezu Kokukhubazeka
NJENGOBA ILANDISWA UKONSTANTIN MOROZOV
Lapho ngizalwa ngo-July 20, 1936, umzimba wami wawungenalo nelilodwa ithambo eliqinile ngaphandle kogebhezi lwekhanda nomgogodla. Lonke uhlaka lwamathambo omzimba wami lwaluwuqwanga oluntekenteke oluthambe njengegwagwa lendlebe yomuntu osemdala. Nganginesisindo esingaphansi kwesigamu sekhilogremu. Okuwukuphela kwezimpawu ezazibonisa ukuthi ngiyaphila kwakuyinhliziyo eshaya kancane, ukuphefumulela phansi, nokunyakanyakaza.
NGANGINGOWESIKHOMBISA ezinganeni ezingu-9 emkhayeni owawuhlala emaphandleni aseSara, e-Ul’yanovsk Oblast, esenkabeni yeRussia. Lapho senginamasonto amathathu ubudala, abazali bami bangiyisa esontweni ukuze ngiyobhapathizwa. Ephuthuma, umpristi wangifafaza ngamanzi futhi watshela abazali bami ukuthi bangiphuthumise ekhaya ngokushesha, njengoba athi ngangizokufa emahoreni ambalwa.
Ngo-January 1937, abazali bami bangiyisa edolobheni laseKazan’, eliyinhloko-dolobha ye-republic yaseRussia iTatarstan, ukuze ngibonwe odokotela abangochwepheshe. Ngaleso sikhathi ngase ngikwazi ukuthi “Mama,” “Papa,” nokuthi “Babushka” (Gogo), futhi ngase ngiwazi amagama abafowethu. Ngemva kokungihlola, odokotela batshela abazali bami ukuthi ngangizokufa ungakapheli nonyaka. Batusa ukuba ngibulawe bese ngigcinwa ebhodleleni ukuze ngibe umbukiso ozosetshenziswa abafundi bezokwelapha. Yeka indlela engibabonga ngayo abazali bami abathandekayo ngokuthi benqaba ngokuphelele!
Izinsuku Zobuntwana Zokuhlupheka
Selokhu kwathi nhló, umzimba wami uhlale utubekile ngenxa yobuhlungu. Nangesikhathi ngisemncane, ngangizama ngaso sonke isikhathi ukugcina isimo esihle sengqondo, ngizihlekela futhi ngijabulela ukuphila. Bengilokhu nginalesi simo sengqondo. Kancane kancane uhlaka lwamathambo omzimba wami lwaqina, futhi ngakwazi ukuzihlalela nokugaqa. Ukukhula kwami kwakungafani nokwezinye izingane futhi ngangigogeke kabuhlungu. Kodwa ngangiwumfundi ophumelelayo, futhi lapho sengineminyaka emihlanu ubudala, ngase ngikwazi ukubhala nokufunda.
Ngo-May 1941, umama wangisa esontweni okwesibili. Kwakunabantu abaningi, futhi bonke babeguqe ngamadolo bethandaza. Isikhonzi sesifazane seza kumama sambuza ukuthi kungani ayengaguqile. Lapho umama esikhombisa mina, sahamba sayokhuluma nompristi. Lapho sibuya, sasiqhuba sasikhiphela ngaphandle futhi sasikisela ukuba umama angishiye ngaphandle angene yedwa. Sathi ngenxa yokona kwabazali bami, ngangiyisipho esivela “kongcolile.” Umama wabuyela ekhaya ekhala mí. Ngacabanga ngalokhu isikhathi eside. Ngazibuza, ‘Ubani lo “ongcolile”?’
Ngo-1948, lapho sengineminyaka engu-12 ubudala, umama wangiyisa edolobhaneni laseMerenki eChuvash Republic, engamakhilomitha angaba ngu-80 ukusuka ekhaya. Lapho kwakunemithombo yamanzi anamandla okwelapha, futhi umama wayenethemba lokuthi la manzi ayezongelapha. Phakathi kwezimfuneko ezabekwa abapristi ukuze ngelapheke bathi kwakufanele ngingadli izinsuku ezintathu. Futhi kwakufanele ngithole iSidlo seNkosi esontweni. Nakuba ngangingalethembi isonto, ngazamukela lezi zimfuneko. Kimina, lolu hambo lwalulude futhi lukhathaza, kodwa ngabekezela, ngizama ukuzigcina ngimatasa ngokubuka ubuhle bezwe.
Indlu yesonto yayigcwele nswí. Njengoba umama ayengiphethe echusha nami phakathi kwezixuku, owesifazane osekhulile wangipha uswidi. Ngawuthatha ngawufaka ekhukhwini. Lapho sekuyithuba lami lokwamukela iSidlo, lona wesifazane osekhulile wamemeza: “Fata, ungamniki iSidlo! Usanda kudla uswidi!” Ngachaza ukuthi uswidi wawusekhukhwini lami, kodwa umpristi wamemeza: “Hheyi wena lesi sichwe esedelelayo! Kumelwe uqambe namanga? Sikhipheni lapha esontweni!” Nokho, ngakusasa, omunye umpristi wangenzela umkhosi weSidlo futhi wangigeza ngamanzi “ayisimangaliso.” Nokho, akukho simangaliso esenzeka. Ukukhubazeka kwami akuzange kuphele.
Engakufeza Emkhakheni Wezobuhlakani
Nakuba ngangikhubazeke ngempela ngokomzimba, lapho sengevile eshumini nambili ngaphishekela imisebenzi eminingi kwezemfundo nakwezobunjulabuchopho. Ngo-1956, ngajoyina i-Komsomol (iNhlangano Yentsha EngamaKhomanisi) futhi, ngemva kwesikhathi, ngafundisa intsha umlando we-Komsomol. Ngangiyilungu le-Home and Cultural Commission ekhaya labakhubazekile, futhi lapho ngasebenza esiteshini somsakazo njengomqondisi nomsakazi.
Ngaphezu kwalokho, ngangingumnakekeli womtapo ongumahamba-nendlwana wezincwadi zezimpumputhe eziqoshiwe, futhi ngakhethwa ukuba ngibe yilungu le-Judge’s Commission for the Fight Against Alcohol Abuse. Futhi ngafaka isandla eqenjini lezingcweti zomculo eziyizimfundamakhwela, ngicula futhi ngidlala izinsimbi zomculo ezihlukahlukene.
Ekhaya Labakhubazekile
Ngo-1957, lapho sengineminyaka engu-21 ubudala, ukukhubazeka kwami ngokomzimba kwangiphoqelela ukuba ngihlale ekhaya labakhubazekile. Nokho, ngangingazimisele ukudikibala. Ngo-October ka-1963, ngabhekisa amabombo e-Prosthetic Science Research Institute yaseMoscow. Lapho, ekugcineni ngahlinzwa izikhathi ezingu-18 ukuze ngiqondiswe imilenze.
Okokuqala, ngelulwa imilenze. Khona-ke, ngemva kwezinsuku ezingu-8 ngahlinzwa. Ngemva kwalokho, ngafakwa usimende emilenzeni ukuze uyibambe iqine ngize ngihlinzwe ngokulandelayo. Umhlengikazi wayevele akhale lapho engibona ngisezinhlungwini.
Phakathi nezinyanga ezine ezalandela, ngafunda ukuhamba ngezindondolo. Ngezindondolo ngangikwazi ukuma ngiqonde ngize ngifinyelele ubude obungamamitha angu-1,1. Nganginesisindo esingaphezudlwana kwamakhilogremu angu-25. Ngo-1964, lapho sengikwazi ukudondolozela, ngaphindela ekhaya labakhubazekile. Ngeshwa, amathambo emilenze yami abuthakathaka ayengakwazi ukuthwala isisindo somzimba wami, futhi ngokushesha ngaphoqeleka ukuba ngihambahambe ngamadolo noma ngesihlalo sabakhubazekile. Kuze kube manje ngihamba ngokusebenzisa isihlalo sabakhubazekile.
Angiphindanga ngalubhada esontweni. Amagama athi ngavela “kongcolile” aqhubeka engikhathaza kakhulu. Ngangimthanda kakhulu ubaba nomama, futhi kwakunzima ukwamukela ukuthi yibona noNkulunkulu ababenze ukuba ngibe nje. Ngazama ukugcina isimo esihle sengqondo. Ngangifuna ukwenza okuhle kwabanye, futhi okubaluleke nakakhulu, ngangifuna ukuzibonela nami ukuthi ngangikwazi ukukwenza.
Ukuphila Ngaphandle Kokusekelwa
Ngo-1970, ngashada noLidia, owayekhubazeke kancane kusukela ebuntwaneni. Sathenga umuzi omncane, esahlala kuwo iminyaka engu-15. Phakathi naleso sikhathi sobabili sasisebenza ukuze siziphilise. Ngafunda ukukhanda amawashi nezinye izinto ezincane ezidinga ukulungiswa.
Okwesikhashana ngangisebenzisa inja eqeqeshelwe ukwenza izinkonzo eziningi ezibalulekile. Empeleni, mina nomqeqeshi wezinja sasungula ihhanisi elikhethekile. Nganginezinja ezimbili—eyokuqala kwakunguVulkan kanti enye kunguPalma. UPalma waba umngane othembekile iminyaka eminingi. Esitolo wayengithathela ukudla. Into ayengathandi ukuyenza kwakuwukulinda emgqeni lapho sesiyokhokha. Wayengiphathela isikhwama semali ngamazinyo, futhi wayenehhuku elincane entanyeni lokugaxa isikhwama sezinto ezithengiwe.
Ngo-1973 umama wahlaselwa ukugula okunzima. Njengoba ngangihlale ngisekhaya, mina nomkami sanquma ukumlanda azohlala nathi. Ngaleso sikhathi ubaba nabafowethu abahlanu base beshonile, futhi ezinye izingane zakwethu ezintathu zazihlala kwezinye izingxenye zeRussia. Ngesikhathi umama esahlala nathi, ngazama ukumenzela konke engangingakwenza. Ekugcineni washona eneminyaka engu-85 ubudala.
Ngo-1978, nganquma ukuzakhela imoto. Ngemva kokwakha izimoto ezimbalwa zokulinga, ngaze ngakha efanelekayo. UMhloli Wezimoto KaHulumeni wangivumela ukuba ngihlolelwe ukushayela futhi wabhalisa imoto yami ngokomthetho. Ngayiqamba ngokuthi i-Osa (Umnyovu). Mina nomkami senza inqola encane edonswa imoto eyayikwazi ukuthwala umthwalo ongamakhilogremu angu-300. Sasikwazi ukuhamba ngayo futhi sithwale izimpahla zethu. Kuze kwaba ngu-1985 sisebenzisa le moto.
Cishe ngaleso sikhathi iso lami langakwesokhohlo lalingasaboni, futhi elangakwesokudla laqala ukuba buthakathaka kakhulu. NoLidia wagula ehlushwa isifo senhliziyo. Ngenxa yokungakwazi ukuzenzela yonke into, ngo-May 1985, saphoqeleka ukuba siyohlala ekhaya labakhubazekile edolobheni laseDimitrovgrad.
Okwenza Ukuphila Kwami Kujabulise Manje
Ehlobo lango-1990, savakashelwa oFakazi BakaJehova ekhaya lethu labakhubazekile. Ngakuthola kuthakazelisa ababekufundisa. Bangibonisa umbhalo eVangelini likaJohane okhuluma ngendoda eyazalwa iyimpumputhe. Ekhuluma ngale ndoda, uJesu wathi: “Akonanga lomuntu noma abazali bakhe.” (Johane 9:1-3) Bangichazela ukuthi sazuza isono nokugula njengefa kukhokho wethu u-Adamu.—Roma 5:12.
Nokho, ngaphezu kwakho konke, ngahlatshwa umxhwele iqiniso lokuthi ekugcineni uNkulunkulu uzobelapha bonke abayobe bephila ngaphansi kokubusa koMbuso weNdodana yakhe, uJesu Kristu, lapho iPharadesi selibuyiselwe emhlabeni. (IHubo 37:11, 29; Luka 23:43; IsAmbulo 21:3, 4) Ngakhala izinyembezi zenjabulo, futhi ngahlebeza: “Ngilitholile iqiniso, iqiniso, iqiniso!” Ngatadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova unyaka owodwa, kwathi ngo-1991, ngabhapathizwa emanzini njengesibonakaliso sokuzinikezela kwami kuJehova uNkulunkulu.
Nakuba nganginesifiso esijulile sokukhonza uJehova futhi ngishumayele ngezinjongo zakhe ezinhle, ngabhekana nezithiyo eziningi. Esikhathini esingaphambili, sasingekho isidingo sokuba ngihambahambe, kodwa manje kwase kudingeka ngihambe ngiyohlanganyela ukholo lwami nabanye. Insimu engaqala ukushumayela kuyo kwakuyikhaya lethu labakhubazekile, okwakuhlala kulo abantu abangaphezu kuka-300. Ukuze ngikwazi ukuhlangana nabantu abaningi ngangokunokwenzeka, ngacela ukuba ngabelwe ukusebenza egumbini labahlela izindaba zangaphakathi.
Njalo ekuseni ngangihlala endaweni yami yokusebenza nginakekele izabelo zami. Lapho ngisemsebenzini, ngiye ngathola abangane abaningi abasha engiye ngahlanganyela nabo izingxoxo ezithakazelisayo ngezihloko zeBhayibheli. Abaningi baye bazamukela izincwadi nomagazini okuye kwabasiza ukuba baqonde iBhayibheli. Izivakashi sezikujwayele ukuba ngizifundele iBhayibheli nezincwadi ezisekelwe kulona. Ngezikhathi zokudla kwasemini, kuvame ukugcwala endlini yethu, ngezinye izikhathi kuze kuphele indawo.
Abafowethu nodadewethu bebandla loFakazi BakaJehova baye bangisiza kakhulu emsebenzini wokushumayela. Bangilethela izincwadi zeBhayibheli futhi basichithise isizungu mina nomkami. Futhi bangisiza ngokungiyisa eHholo LoMbuso ukuze ngithole imihlangano yebandla. Omunye uFakazi wathenga isithuthuthu esinenqola eceleni ukuze angithwale ngaso. Abanye abanezimoto, bayeza bangithathe phakathi nezinyanga zasebusika.
Ngenxa yokunakekelwa kothando okunjalo, ngiye ngakwazi ukuya emihlanganweni emikhulu, noma emihlanganweni yokufundisa, yoFakazi BakaJehova, engaphezu kuka-12. Owokuqala kwakuwumhlangano omkhulu wezizwe owawuseMoscow ngo-July 1993, lapho kwaba nenani eliphakeme lezethameli ezingu-23 743, ezazivela emazweni angaphezu kuka-30. Ukuze ngikwazi ukwethamela lowo mhlangano kwadingeka ngithathe uhambo olungamakhilomitha ayinkulungwane. Kusukela lapho angikaze ngiphuthe nakowodwa umhlangano wabantu bakaJehova.
Ngibonga kakhulu ngokuthi iziphathimandla zekhaya lethu labakhubazekile zingihlonipha ngokujulile. Umkami, uLidia, esengihlale naye ngokuthula iminyaka engu-30, naye uyangisekela futhi angisize, nakuba engahambisani nemibono yami engokwenkolo. Kodwa ngaphezu kwakho konke, uJehova ungisekela ngesandla sakhe esinamandla futhi ungipha izibusiso ezinhle. Esikhathini esingeside esidlule, ngo-September 1, 1997, ngamiswa njengephayona, njengoba zibizwa kanjalo izikhonzi zesikhathi esigcwele zoFakazi BakaJehova.
Kuneziwombe eziningana ekuphileni kwami lapho inhliziyo yami yacishe yama khona futhi ngangizofa. Yeka ukuthi ngijabula kanjani manje ngokuthi lokho akuzange kwenzeke nokuthi sengiyamazi futhi ngiyamthanda lowo onguMthombo wokuphila, uJehova uNkulunkulu! Ngifuna ukuqhubeka ngimkhonza nabafowethu nodadewethu abangokomoya emhlabeni wonke uma nje inhliziyo yami isashaya.
[Isithombe ekhasini 20]
Nginomkami, uLidia
[Isithombe ekhasini 21]
Ngifundisa umfundi ekhaya lethu labakhubazekile