Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Indawo Yemvelo Evikelekile Ngiyabonga ngesihloko esithi “IPantanal—Indawo Evikelekile Ethakazelisayo.” (September 8, 1999) Engqondweni yami ngangihambisana nomlobi ngiya kuleyo ndawo ethakazelisayo, ngijabulela ukuthula nokuzola okulapho. Ngokulangazela ngilinde usuku lapho uNkulunkulu eyokwandisa izimo ezifanayo kuyo yonke iplanethi.
M. A., Italy
Isifo Sikashukela Ngisanda kuqeda ukusifunda okwesibili isihloko esithi “Indodakazi Yakho Inesifo Sikashukela!” (September 22, 1999) Ezinyangeni eziyishumi ezidlule ngathola ukuthi nginesifo sikashukela soHlobo 1. Bengingumuntu onempilo, ngikhonza njengephayona, umshumayeli wesikhathi esigcwele, kusukela ngineminyaka engu-17 ubudala. Ezinyangeni ezimbalwa ezidlule kuye kwadingeka ukuba ngenze izinguquko eziningi ekuphileni kwami. Kudingeka ngisebenzise isifutho se-insulin, futhi izindleko zokwelapha isifo sami ziye zangiphoqelela ukuba ngiyeke ukuphayona. Kodwa ngiyanibonga ngokunyathelisa izihloko ezinjengalesi ezisikhumbuza ukuthi kunabanye ababhekana novivinyo olufanayo.
B. F., United States
Indodana yami eneminyaka emine ubudala ibilokhu inesifo sikashukela kusukela ineminyaka emibili. Imizwa uSonya nomkhaya wakubo abayiveza kulesi sihloko siyazi kahle. Siyabonga ngobuzalwane bobuKristu obunothando obuye basisiza ukuba sikwazi ukukhuthazela.
C. R., Moldova
Besekuyisikhathi eside nginethemba lokufunda isihloko esikhuthazayo esiphathelene nale ndaba. Ngineminyaka engu-17 futhi bengilokhu nginesifo sikashukela kusukela ngineminyaka emihlanu ubudala. Ngezinye izikhathi, kuba nzima kakhulu ukubekezelela lesi sifo. Kodwa ngajabula ukuthola isihloko esilula engingasibonisa umkhaya wakithi nabo bonke abangane bami esizophendula imibuzo yabo futhi sandise ulwazi lwabo ngesifo sikashukela.
K. W., Canada
Akuphephile? Ngafunda isihloko esihle kakhulu esithi “Abesifazane Baye Bafeza Lukhulu.” (June 22, 1999) Ngamangala ukubona ukuthi izisebenzi zokwakha zesifazane zazingazifakile izibuko zokuvikela amehlo.
R. L., United States
Abafundi bethu bangaqiniseka ukuthi lezi zisebenzi zokuzithandela ziyazifaka izibuko zokuvikela amehlo uma sezenza umsebenzi wazo ngempela. Zacelwa ukuba zithwetshulwe lezi zithombe—zingazifakile izibuko—ukuze ubuso bazo obugcwele injabulo bubonakale kahle.—ED.
Ukungabi Nabulungisa Ngifisa ukunibonga ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingabhekana Kanjani Nokungabi Nabulungisa?” (September 22, 1999) Nakuba ngisemncane, ngiye ngabhekana nokungabi nabulungisa okukhulu nobudlova ekuphileni kwami, kangangokuba nginezibazi ezingokomzwelo ezijulile. Lokhu kuye kwenza ukuba kube nzima ukwenza umsebenzi wami njengephayona, esengineminyaka engu-8 ngihlanganyela kuwo. Wangiqinisa idolo umusho othi: “Yenza konke okusemandleni ukuze ubhekane nesimo.” La mazwi anothando, futhi nginibonga ngokusuka enhliziyweni.
A. G., Italy
Umculo Sekuyiminyaka eminingi ngingumdala ebandleni lobuKristu futhi nginesithakazelo entsheni. Kodwa muva nje ngiye ngakhungatheka, ngoba amacebiso engiye ngazama ukuwanikeza intsha ngezingozi zomculo othile wesimanje aye ashaywa indiva nje. Noma kunjalo, uchungechunge lwezihloko oluthi “Umculo—Unamandla Kakhulu Kunokuba Ungase Ucabange” (October 8, 1999) lwaluyikho kanye engangikudinga. Amazwi athathwe emithonjeni yangaphandle akhuluma ngemiphumela emibi yomculo othile ayemahle kakhulu. Ngizohlanganyela la maphuzu nentsha yethu.
D. H., Bolivia
Njengomculi nothisha womculo esikoleni sabaqalayo, ngazithola zithakazelisa kakhulu izihloko zenu zamuva ezikhuluma ngomculo. Ngiyabonga!
K. F., United States