Indlela IBhayibheli Elingabasiza Ngayo Abanesifo Sikashukela
UKUZITHIBA nesimo sengqondo esiqondile kubaluleke ngokukhethekile empilweni nasenhlalakahleni yabantu abanesifo sikashukela. Kodwa ukuze bahlakulele lezo zimfanelo, abantu abanalesi sifo badinga ukusekelwa ngokuqhubekayo. Ngakho amalungu omkhaya nabangane akufanele balinge umuntu onesifo sikashukela ukuba adle ukudla okungamfanele, mhlawumbe bethi, ‘Ukudla kanye nje ngeke kukulimaze.’ UHarry, onesifo senhliziyo nesikashukela soHlobo 2, uthi: “Umkami ungisekela ngendlela enhle kakhulu. Akakugcini ukudla okungafanele ngikudle. Kodwa abanye abaqondi, ngakho abazi ukuthi lokhu kwenza isimo sibe nzima kangakanani ngezinye izikhathi.”
Uma uchitha isikhathi esiningi nomuntu onesifo sikashukela, khumbula lezi zimiso ezilandelayo ezinhle ezivela eBhayibhelini: “Yilowo nalowo makangazifuneli inzuzo yakhe siqu, kodwa eyomunye umuntu,” nesithi “uthando . . . aluzifuneli izinzuzo zalo siqu.”—1 Korinte 10:24; 13:4, 5.
Bonke abayikhathalelayo impilo yabo—kungakhathaliseki ukuthi banesifo sikashukela noma cha—kudingeka bazithibe endabeni yokudla. IBhayibheli liyasiza kule ndaba, ngoba libonisa isidingo sokuba ngamunye wethu ahlakulele ukuzithiba. Ingabe uzimisele ukuhlakulela le mfanelo ekuphileni kwakho? (Galathiya 5:22, 23) Usizo olwengeziwe lungatholakala ezibonelweni zeBhayibheli, njengesomphostoli ongumKristu uPawulu. Othile onesifo sikashukela uthi: “Wayeneva elingasuki enyameni, kodwa waqhubeka ekhonza uNkulunkulu ngokwethembeka nangokugcwele. Ngakho nami ngingakwenza!”
Yebo, uPawulu wakwamukela ayengenakukushintsha futhi waphumelela kakhulu njengesithunywa sevangeli. (2 Korinte 12:7-9) UDustin, oneminyaka engu-18, wazalwa eyimpumputhe, futhi ubelokhu enesifo sikashukela kusukela eneminyaka engu-12 ubudala. Uyabhala: “Ngiyazi ukuthi akekho umuntu emhlabeni okumhambela kahle konke. Ngilangazelela izwe elisha likaNkulunkulu lapho ngingeke ngisaba naso isifo sikashukela. Ngisibheka njengento yesikhashana. Singase sithathe isikhathi esijana kunomkhuhlane, kodwa siyogcina siphelile.”
Lapho esho la mazwi, uDustin wayecabanga ngethemba elisekelwe eBhayibhelini lempilo ephelele emhlabeni oyipharadesi ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu. (IsAmbulo 21:3, 4) IZwi likaNkulunkulu lithembisa ukuthi ngaphansi kwalokho kubusa, “akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’” (Isaya 33:24; Mathewu 6:9, 10) Ungathanda yini ukufunda okwengeziwe ngalesi sithembiso esisekelwe eBhayibhelini? Thintana noFakazi BakaJehova endaweni yakini, noma ubhalele abanyathelisi balo magazini ekhelini elifanele kwasekhasini 5.
[Isithombe ekhasini 12]
Kubalulekile ukuba uzithibe futhi ube nombono oqondile