Impi Yenuzi Ingabe Ingagwenywa?
“Bayodla futhi empeleni balale benabe, kungabikho muntu oyobenza bathuthumele.”—Zefaniya 3:13.
WONKE UMUNTU ulangazelela izwe elingenalo usongo lwenuzi. Nokho, lapho bebheka isimo lo mhlaba okuso, abaningi babona ikusasa lifiphele. “I-United States namanye amazwe omhlaba bayawushalazela umqondo wokulawula, ukunciphisa nokugcina beziqede nya izikhali zenuzi,” kusho i-Guardian Weekly.
Noma kunjalo, abanye bathi ikhona imizamo izizwe eziyenzile ngalolu daba. Ngokwesibonelo, kulinganiselwa ukuthi i-United States iyodwa yachitha amaRandi ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-15,4 ngomunye unyaka ekuvimbeleni impi yenuzi. Imali enkulu lena. Yize kunjalo, ukwazi ukuthi lona leli zwe lichitha amaRandi angaba yizigidi eziyizinkulungwane ezingu-189 ngonyaka lilungiselela impi yenuzi kuyabacasula abaningi.
Kuthiwani ngezivumelwano zokuthula? Ingabe imizamo enjalo ingaba umthombo wethemba?
Izivumelwano Zokulawula Izikhali Zenuzi
Kusukela kwaqala ukusetshenziswa kwebhomu lenuzi, kuye kwasayindwa izivumelwano eziningana ezaziklanyelwe ukulawula noma ukulinganisela izikhali zenuzi. Phakathi kwazo kukhona iSivumelwano Sokungandisi Izikhali Zenuzi [Nuclear Non-Proliferation Treaty (NPT)], Izingxoxo Zokulinganisela Izikhali Ezicushelwe Izingqalasizinda [Strategic Arms Limitation Talks], Izingxoxo Zokunciphisa Izikhali Ezicushelwe Izingqalasizinda [Strategic Arms Reduction Talks], neSivumelwano Esivimbela Ukuhlolwa Kokusebenza Kwezikhali Zenuzi Ezinhlobonhlobo [Comprehensive Test Ban Treaty]. Azizange yini lezi zivumelwano ziphumelele ekuqedeni usongo lwenuzi?
Noma yisiphi isivumelwano sixhomeke esethembisweni izinhlangothi zombili ezivumelene ngaso. Ngokwesibonelo, ukuphumelela kwesivumelwano se-NPT, esasayindwa ngo-1970 futhi esasesinamazwe angamalungu angu-187 ngo-December 2000, kuxhomeke ekuzimiseleni ngokuzithandela kwamazwe anezikhali zenuzi nangenazo asayinda leso sivumelwano. Yize leso sivumelwano sivimbela amazwe angenazo izikhali zenuzi ukuba akhe noma athenge lezi zikhali, sifuna ukuba amazwe anazo alwele ukuziqeda. Ingabe lokhu kuye kwaphumelela? “Nakuba isimiso se-NPT siye saba namaphutha lapha nalaphaya, siye saphumelela ekunqandeni ukusetshenziselwa ezinye izinjongo kobuchwepheshe benuzi ngabantu abavamile nezindawo eziqashwe ngeso lokhozi,” kuchaza uCarey Sublette encwadini ethi “Imibuzo Ebuzwa Njalo Ngezikhali Zenuzi.”
Yize lesi sivumelwano siye saphumelela ngezinga elithile, “asikwazanga . . . ukuyekisa izizwe eziningi ukuba zingaphishekeli ukwakha lezi zikhali, futhi kwezinye izimo ziye zaphumelela,” kusho uSublette. Nokho, uthi lezo zizwe ziye zakwazi ukufeza izinqubo zokwakha izikhali zenuzi ngomshoshaphansi ezindaweni ezingekho ohlwini lweziseSivumelwanweni se-NPT. Ukuphumelela kwanoma isiphi isivumelwano kuxhomeke ekwethembekeni kwamalungu ahilelekile. Ingabe singamane samukele izithembiso zabantu? Impendulo isobala njengoba sihlola amaqiniso omlando wabantu.
Khona-ke, singaphendukelaphi ukuze sithole ithemba?
Ukucabanga Ngendlela Entsha
Ngo-December 2001, abantu abangu-110 abazuza izindondo zikaNobel bavuma futhi basayinda inkulumo eyayifundeka kanje: “Ukuphela kwethemba lekusasa lisekusebenzeni kwamazwe ngokubambisana, ekuthatheni isinyathelo esigunyazwe yiningi. . . . Ukuze siqhubeke siphila kuleli zwe esiliguqulile, kumelwe sifunde ukucabanga ngendlela entsha.” Nokho, iyiphi ‘indlela entsha’ yokucabanga edingekayo? Kunengqondo yini ukukholelwa ukuthi labo abasongela ukuthula komhlaba ngezikhali zabo zenuzi bayofunda indlela entsha yokucabanga?
IBhayibheli liyasiyala: “Ningabeki ithemba lenu ezicukuthwaneni, noma endodaneni yomuntu wasemhlabeni, okungekhona okwayo ukusindisa.” (IHubo 146:3) Ngani? IBhayibheli liyaphendula: “Indlela yomuntu wasemhlabeni akuyona eyakhe. Akukona okomuntu ohambayo ngisho nokuqondisa isinyathelo sakhe.” (Jeremiya 10:23) Yebo, isizathu esiyinhloko siwukuthi abantu abanalo ikhono lokubusa umhlaba ngokuthula. Njengoba iBhayibheli lisho, ‘umuntu uye wabusa umuntu kwaba ukulimala kwakhe.’—UmShumayeli 8:9.
Uma abantu behluleka ukubusa umhlaba, ubani okwaziyo? IBhayibheli lithembisa ukuthi kuyoba khona ukuthula ngaphansi kukahulumeni onokwethenjelwa futhi onekhono. Lo hulumeni kubhekiselwa kuwo eBhayibhelini ngokuthi uMbuso kaNkulunkulu, futhi zingaqaphele, izigidi zabantu ziye zawuthandazela lo hulumeni lapho zisho uMthandazo WeNkosi othi: “Baba wethu osemazulwini, . . . umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.” (Mathewu 6:9, 10) INkosi yalo Mbuso uJesu Kristu, iSikhulu Sokuthula. Lichaza ngokubusa kwakhe, iBhayibheli lithi: “Ngeke kuphele ukuchichima kokubusa kwesikhulu kanye nokuthula.”—Isaya 9:6, 7.
Ngisho noma ‘izicukuthwane,’ noma osombangazwe, nohulumeni babantu bengayifundi le ndlela entsha yokucabanga, wena ungayifunda. OFakazi BakaJehova baye basiza izigidi zabantu ukuba zamukele isigijimi seBhayibheli sethemba ngemfundo yeBhayibheli yamahhala. Uma ungathanda ukuthola ukwaziswa okwengeziwe, sicela ukuba uthintane nabanyathelisi balo magazini, noma ungase uvakashele iHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova elisendaweni yakini.
[Isithombe ekhasini 8, 9]
Ngaphansi kukahulumeni woMbuso kaNkulunkulu, umhlaba uyokhululeka osongweni lwenuzi